uhura / zu_gen_val.json
ebayes's picture
Upload 30 files
597042a verified
[
{
"q": "Phinda ubhale lezi zinombolo kusukela kwencane kuye kwenkulu: 14, 6, 3, 4, 13.",
"a": "3, 4, 6, 13, 14.",
"context": "",
"grade": "1",
"category": "Mathematics"
},
{
"q": "Zingena ngamalini izingane emkhunjini?",
"a": "Izingane azikhokhi / izingane zikhokhela intela nomshwalense kuphela uma zizolala egunjini elilodwa nabazali",
"context": "THATHA IHOLIDE NGOKUFANELEKILE\n\nUdinga ikhefu? Uma kunjalo lesi sikhangiso singesakho. Kwa-SA Travel Club singakungcebelekisa ngomkhumbi. Singakubonisa ubuhle bedolobha laseThekwini noma iziqhingi zodumo zaseMozambique.\n\nHamba ngomunye wemikhumbi yethu kanokusho \n\nkusukela ziyi-14 kuya ziyi-16 enyangeni kaNovemba 2018 \n\nUbuhle baseThekwini\n\nIphupho lakho lokuya eholidini ngomkhumbi wohlobo oluphezulu lingafezeka. Ungaba yingxenye yalolu hambo olujikeleza eThekwini, ubone bonke ubuhle beTheku. Ungahlala phezulu uzipholele ubone izindawo ezigudle iTheku kanye namanzi olwandle oluhle i-Indian Ocean lapho umkhumbi usuka eMtateni. Miningi nemidlalo ekhona kanye nokunye eningakwenza ukuzijabulisa njengomndeni khona ngaphakathi.\n\nIzingane ezineminyaka engaphansi kweyi-18 zingena mahhala uma zizohlala egunjini elifanayo nelabazali babo. Zikhokhela kuphela intela yemithwalo kanye nomshwalense wezempilo okubiza R250 inganye ngayinye.\n\nImali isukela kuR2500 abantu abadala ababili kanye nemali yentela yezimpahla nomshwalense wezempilo okubiza R250 umuntu ngamunye.\n\nImali ifaka:\n• Ubusuku obubili\n• Ukudla okuthathu ngosuku\n• Amafilimu, indawo yokuzilolonga kanye neminye imibukiso yokunandisa\n• Ukungena ekhasino\n• Yonke imidlalo etholakala ngaphakathi\n\nUhambo ngomkhumbi oluya eziqhingini zaseMozambique\n\nUngakhetha futhi ukuthatha uhambo olusuka eThekwini lujike eziqhingini zaseMozambique ngemali esukela ku R3650 umuntu ngamunye. Lolu hambo lona luthatha izinsuku ezintathu. Konke okunye kuyefana.\n\nUma udinga ukufika eThekwini singakuhlelela ibhanoyi elisuka eGoli noma eKapa elizofika mhla ziyi-13 KuNovemba. EThekwini sikulalise ehhotela elisezingeni elihle, bese ngakusasa ekuseni uthola ukudla khona ngaphambi kokuthi sikuyise eMtateni lapho uzongena emkhunjini. Ngosuku obuya ngalo sikususa emkhunjini sikubeke esikhumulweni sezindiza lapho ungathatha indiza eya eGoli noma eKapa. Konke lokhu sikwenzela ngemali ephansi esukela ku R1500 umuntu ngamunye.\n\nUkubekisa indawo noma ukubhalisela leli holidi, ungasishayela ucingo kule nombolo ethi, 086-554-3232 noma usithumele i-imeyli ku [email protected]. Ukuthola eminye imininingwane, thanda ikhasi lethu ku Facebook: SA Travel Club noma uye ekhasini lethu www.satravelc.co.za.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "UWhitney wayengezwani nokucula nabanye abaculi?",
"a": "Cha",
"context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.",
"grade": "8",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Bhala izinto ezimbili ezatholwa nguDumisani ocwaningweni lwakhe.",
"a": "[\"Iminyaka yomuntu ihambisana nezinto angazikhohlwa\", \"uma uthatha uhambo usuke ungekho esimweni esijwayelekile\"]",
"context": "Makhulu amathuba okuthi kube khona okungenani into eyodwa oyikhohlwayo uma uthatha uhambo oluya eholideni. Kungenzeka kube yinto encane noma engabalulekile kakhulu kodwa kwesinye isikhathi kungaba yinto oyidinga ngempela futhi engatholakali kalula. Lokhu kungaqeda injabulo yohambo lwakho.\n\t\t\t\t\t\t\nIzinto engivame ukuzikhohlwa uma ngithatha uhambo kuba yisixubho, umuthi wokuxubha amazinyo noma amasokisi. Mhla mina nomngani wami uSabelo sizoya eholideni e-Spain sasijabule kakhulu. Ngenxa yokuthi uSabelo wayezobe eqala ukuya phesheya wayengazi ukuthi alindeleni kulolu hambo lwethu. Ngingasho nje ukuthi wayenalo novadlwana. Mina ngangijabulele ukuthi ngizohamba nomngane wami omkhulu. Ubumnandi beholide kimina abuyi ngendawo engiyivakashelayo kuphela, abantu enginabo nabo badlala indima yabo. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngikhethe abantu engikujabulelayo ukuchitha nabo isikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nNgenxa yokuthi ngangingaqali ukuthatha uhambo olufana nalolu ngase ngikwazi okulindelekile. Ngase ngifundile futhi ukuthi ukukhohlwa kuyinkinga engakanani ngakho-ke ngenza isiqiniseko sokuthi ngibhale amanothi kumakhalekhukhwini wami ezinto zonke okwakumele ngizikhumbule. Okumangazayo ikhona ukuthi ngisho sengikwenzile lokhu, yaba khona into esathi uma sifika e-Barcelona sabona ukuthi siyikhohliwe. Kwakuyi-charger yomshini wokushefa. Yikhona okwangenza ngafuna ukuthola ukuthi yini kahle kahle ngempela edala lokhu. Ucwaningo engalwenza lwangifundisa izinto ezimbalwa.\n\t\t\t\t\t\t\nOkokuqala nokwangimangaza ukuthola ukuthi iminyaka yomuntu ihambisana nezinto angazikhohlwa. Kuthiwa abantu abasha bavame ukukhohlwa izinto ezifana nokudla, amasokisi, kanye nama-charger omakhalekhukhwini. Abadala bona bavamise ukukhohlwa imithi, izinto zokugeza ikhanda kanye nezamehlo. Kuze kube manje angikazi noma ngikukholwe yini konke lokhu.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye engakuthola ocwaningweni futhi engikukholwayo ukuthi uma uthatha uhambo usuke ungekho esimweni esijwayelekile okuyingakho eba makhulu amathuba okukhohlwa izinto ezithile. Lokhu kwenza umqondo kimi ngoba kulula ukukhohlwa into ongajwayele ukuyenza. Kudinga ingqondo yakho isebenze ngokweqile. Njengabantu, izingqondo kanye nemizimba yethu ziyajwayela lokhu esivame ukukwenza bese kuthi uma kukhona okusha kudinga izingqondo zethu zisebenze kakhulu kunokuvamile.\n\t\t\t\t\t\t\nNgithe uma sengiyicabangisisa le ndaba kwangifikela ukuthi kuyawenza umqondo ngempela ukuthi kungani kube lula ukuthi kube khona into ethize oyikhohlwayo uma uzothatha uhambo oluya phesheya. Ziningi kakhulu izinto okumele uzikhumbule. Akugcini nje ngamathikithi, ukupakisha izimpahla, ukukhuluma nomakhelwane ozokugadela izinja zakho. Umuntu oya eholideni ngingamluleka ngokuthi ayibhekisise kabili yonke imininingwane. Abhekisise isikhathi okumele abe ngaso esikhumulweni sezindiza, aqinisekise ukuthi unayo inombolo kanye nemininingwane yehhotela azohlala kulo, amanothi ezinto okubalulekile ukuthi aziphathe, njalo njalo.\n\t\t\t\t\t\t\nKulesi sikhathi esiphila kuso sezobuchwepheshe kumele sisebenzise omakhalekhukhwini bethu kanye namakhompuyutha. Sesiyakwazi manje ukufaka imininingwane kumakhalenda azokwazi ukusikhumbuza imininingwane efanele.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Kungani le nkampani isebenzisana nezinkampani ezisemthethweni?",
"a": "Ukuphepha kubalulekile/ukuqinisekisa ukuphepha",
"context": "Vakash’ Ufunde\n\t\t\t\t\t\nInkampani yakwaVakash’ Ufunde isiza izikole ezifuna ukuhambisa abafundi bazo ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokuba kube khona abakufundayo.\n\t\t\t\t\t\nSineminyaka engaphezu kwengamashumi amabili sisebenzisana nezikole ukuhlela ukuvakasha okuhambisana nezemfundo. Siyakwazi okusebenzayo uma kuziwa emfundweni yangaphandle kwasekilasini.\n\t\t\t\t\t\nSingakusiza ngokukuhlelela uhambo nabafundi bakho abaphakathi kweminyaka eyi-10 kuya kweyi-18 lokuya noma kuphi. Asigcini ngokuhlela ukuvakasha okuqondene nezifundo zasekilasini kuphela. Silungisela abafundi izinhlelo zokuphuma eziqondene namakhono okuxazulula izinkinga kanye nezobuholi.\n\t\t\t\t\t\nUkuphepha kuhamba phambili ngakho senza isiqiniseko sokuthi sisebenzisana nezinkampani ezisemthethweni ngakho sisebenzisa amahhotela, amahhositela, amabhasi kanye namabhanoyi abhalisiwe futhi ahambisana nemigomo engaphansi komthetho wezokuvakasha nokungcebeleka umhlaba wonke. Zonke izindawo esihambisa abafundi kuzo ziphephile.\n\t\t\t\t\t\nUbudlelwano obuhle esinabo nezinkampani buqinisekisa ukuthi sithole amanani aphansi ezithuthi, nezindawo zokuhlala kanye nemali yokungena ezindaweni ezisuke zivakashelwe. Lokhu kwenza ukuthi ukwazi ukuhamba nabafundi bakho ngemali ephansi kwaleyo obuzoyikhokha ukuba ubuzihlelele wena.\n\t\t\t\t\t\nKwaVakash’ Ufunde siyayithanda imfundo kanye nezemvelo. Bonke abasebenza nathi baneminyaka eminingi benza lo msebenzi wokuphuma nezikole. Ngakho ungasethemba.\n\t\t\t\t\t\nNgeminye imininingwane sithinte kule nombolo yocingo: 091 818120 ukuze ukhulume nathi ngokushesha. Ungathanda ikhasi lethu ku-Facebook noma usilandele ku-Twitter. Ungangena naku webpage lethu ushiye imininingwane yakho ku-www.vuedu.org.cz sizobe sesikuthinta ngakusasa.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Chaza ukuthi uTholi ubuphazamisa kanjani ubudlelwane phakathi kukaBheki nalaba balingiswa abalandelayo: Umama kaBhekani",
"a": "UBhekani nomama wakhe sebelokhu bexabana ngenxa yokuthi umama kaBhekani uthi ngeke ashade umfelokazi. Nasekhaya akusemnandi kuBhekani ngoba sekulokhu kukhulunywa indaba kaTholi.",
"context": "UMSHADO\n\n“Kazi le mali yami iyobuyiswa ubani,nini?”\nAzibuze lombuzo uBheki angayitholi\nimpendulo.Akahlalanga kakhuli esikoleni\nwaphuthuma ukuyokhipha imali. Wabuya\nwazolinda uPamella.”Uma lemali ingabuyi\nisiyongena elobolweni,”\n\nEmva kwesikhashana nje atheleke uPamella. Ufika\nngemoto ebomvu.Athi ukwethuka uBheki.\nAkhumbule ukuthi uLindiwe naye wathathwa imoto\nebomvu.Abone uSifiso ephakamisa isandla\nebingelela uPamella.Imxake futhi leyo\nuBheki.Ubengazi ukuthi uPamella noSifiso\nbayazana.",
"grade": "11",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Yikuphi okumele kwenziwe ngabazali mayelana nesikhathi?",
"a": "Kumele basize abantwana babo ngokubafundisa ukuhlonipha/ ngokugcina nokuhlela isikhathi",
"context": "Iwashi elifakwa esandleni noma eliphanyekwa odongeni lingufakazi omkhulu wokuthi ihora nehora lisho uguquko olwenzekayo empilweni yomuntu ngamunye emhlabeni jikelele. Kufanele nakanjani ukuba isikhathi sisetshenziswe ngendlela efanele. Ungahlala ungenzi lutho kodwa sona isikhathi siyahamba. Asimile futhi asisoze samlinda umuntu.\n\nKwangisiza nami ukuba nomzali owayekwazisa ukusetshenziswa kwesikhathi. Wayevame ukusho umama ukuthi, isikhathi esilahlekile asibuyeli emuva. Sifana nomfula olokhu ugeleze njalo uya phambili futhi ongomiswa ngisho nayisomiso. Kunabantu abasazisayo isikhathi nokuthi kuningi okumele bakwenze nakuba isikhathi sisincane. Ngiyacabanga ukuthi sasuka lapho isisho sesiZulu esithi, ‘isikhathi sesidliwe yinja’. Saqanjelwa ukuxwayisa futhi siphaphamise abantu laba abenza zonke izinto ngonyawo lonwabu. Laba bantu banazo-ke izimpendulo ngoba uyaye ubezwe bethi, ‘Khululeka, ngizogcina ngifikile nami lapho kwazise phela nenja iyawaqeda amanzi ngolimi.’\n\nEsikoleni, ngangingawenzi umsebenzi wami ngisanesikhathi esanele. Lokhu kwakugcina kungenza ngigcine ngiphuthelwe umdlalo webhola noma uhlelo engiluthandayo lukamabonakude sengizama ukuqeda lowo msebenzi wesikole. Siningi isikhathi esichithwa abanye abafundi ngokudlala nokuxoxa nabangane ngesikhathi uthisha efundisa. Sengathi abafundi bangalalela lapho kufundiswa.\n\nNgasifunda isifundo ngisakhula. Manje sengiyasihlela isikhathi sazo zonke izinto engizenzayo. Lokhu ngikuthola kungisiza ukuthi ngenze izinto ngokuhleleka. Impumelelo empilweni yami njengosomabhizinisi ilele ekutheni ngiyakwazi ukwenzisisa lokho okusuke kufanele ngikwenze ngaleso sikhathi. Ngiba nesikhathi esanele sokubuyela emuva ngilungise amaphutha ngaphandle kwengcindezi. Abantu abasiqikelelayo isikhathi ziba mbalwa kabi izinto ezibaphuthelayo ngaphandle uma bebona ukuthi lezo zinto zizobachithela isikhathi bese bengazibandakanyi nazo. Bahlela ngisho isikhathi sokungcebeleka ukuze singashayisani naleso sokwenza umsebenzi.\n\nAyikho into engihlukumeza njengokufika emcimbini ngilinde isikhathi eside ngoba abawuhlelayo behluleka ukuwuqala ngesikhathi abebesishilo. Sekujwayelekile ukubona abantu bezifikela umcimbi usuphakathi ngenxa yokwazi ukuthi akuqalwa ngesikhathi. Ngaba nenhlanhla ukuthola unkosikazi osazisayo isikhathi njengami. Umshado wethu waqala ngesikhathi, okuyinto engajwayelekile. Ukungagcini isikhathi kukhathaza kakhulu esontweni uma kungumshado lapho umakoti engasaqhamuki. Ngike ngaba semishadweni lapho umkhwenyana walinda waze wacabanga ukuthi umakoti wakhe usemphucwe ngabanye.\n\nUma ngifake isicelo somsebenzi bese ngibizelwa inhlolokhono, ngiyaqinisekisa ukusigcina isikhathi. Abanye abantu abasuke bezele le nhlolokhono ukuze baqashwe bafika emuva kwesikhathi esibekiwe. Lokhu kwehlisa isithunzi salowo ofikele inhlolokhono futhi kumenza abukeke njengomuntu ongawugqizi qakala lowo msebenzi. Kuwuphawu lokungabi nanhlonipho ngisho kulowo noma kulabo abasuke bezompheka ngemibuzo. Kwenza babone ukuthi noma angawuthola lo msebenzi uyoba wuhlupho ehlulwa ukubamba isikhathi sokufika emsebenzini kanye naleso sokwenza umsebenzi awuqede ngakho angagcina engawutholanga lowo msebenzi.\n\nIsikhathi esingaqapheleki kangako ukuhamba kwaso yilesi esichitheka uma umuntu elele. Umuntu akalali izinsuku ngezinsuku engavuki ngoba sikhona lesi esibizwa ngokuthi esokuvuka. Kusuke sekufanele aqhubeke nezidingo zosuku. Kufanele abazali bazifundise izingane zabo ngokugcina nokuhlela isikhathi ukuze impilo yazo iqonde. Uye uzwe abantu bethi ukuba kubuyelwa emuva, ziningi izinto abangazenza ngendlela ehlukile ngoba bachitha isikhathi. Kuyiqiniso impela ukuthi akubuyelwa emuva kungemgqigqo.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Bhala lezi zinombolo ngamagama: 123",
"a": "ikhulu namashumi mabili nantathu",
"context": "",
"grade": "9",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Kungani wazizwa kamnandi uma efika ekhaya evela ekugijimeni kwakhe ngakusasa?",
"a": "Omakhelwane babembuka bemncoma.",
"context": "Indaba yomgijimi\n\nKwakuyisiqalo esihle. Ukugijima imizuzu engama-20 ibanga eliyikhilomitha elilodwa endaweni yangakithi! “Yintwasahlobo!” Yilokho engangikucabanga ngesikhathi ngivuka ekuseni ngeSonto. “Yisikhathi sokwenza ushintsho, sokuhlukana nalamakhilo asemzimbeni wami! Futhi kuzoba namahlumela amasha ezihlahleni. Yebo! Ngizoyogijima!” Ngabopha izicathulo zami zokugijima ezindala ngaqonda emnyango. Amadodana ami amabili angibuka ngamehlo amakhulu, ekhamisile.\n\nNgemuva kwalokho ngacabanga ukuthi, “Manje sengingazibiza ngomgijimi!” Ngangizizwa ngijabule usuku lonke. Kodwa ngalobo busuku, iqiniso lafika. “Uzogijima njalo ngeSonto ekuseni, vele” kusho umkami. Inhliziyo yami yacwila isikhashana, kodwa-ke, ngaphandle kokucabanga ngazithola sengizishaya isifuba, “Yebo! Futhi ekupheleni kwenyanga ngizobe sengikwazi ukugijima amakhilomitha ama-5 ngaphandle kokuma.” Ubuwula bokuzethemba ngokweqile! “Ngikusholoni lokho?” ngazibuza ngalobo busuku.\n\nKodwa ngakusasa ngazizwa sengingcono, futhi ukuzethemba kwami kwabuya. Ngazizwa kamnandi kakhulu lapho ngifika ekhaya ngibuya ukuyogijima ngoba ngangibona ukuthi omakhelwane babengibuka ngamehlo alangazelela ukuba yimi. Owamukela abantu emsebenzini wangibuza (ngenkathi ngikhuluma ngokunganaki ukuthi bengigijima izolo), “Hawu! Ngabe ungumgijimi vele?” Ngaphendula ngesizotha sokuzenzisa, “Amakhilomitha ambalwa nje ngesikhathi.”\n\nUsuku lwami lokuzalwa lwafika. Yize umama wayehlala njalo ethi ngingumuntu ovilaphayo kunabo bonke abantwana bakhe, ngalolu suku wangimangaza ngesipho semali yokuthi ngiye esitolo sezemidlalo ku-High Street. Ngachitha amahora amaningi lapho, ngikhetha izimpahla ezilungele umsubathi wangempela; ivesti, izikhindi... futhi, nophawu lokugcina, okungekho mgijimi wangempela obengabonakala ngaphandle kwalo, amateki e-Air Float.\n\nNgokugijima ibanga nje elingamakhilomitha ama-5 ngosuku, ngalahlekelwa yilawo makhilo asebusika. Ngangihleka abantu ababehlala behleli ekhaya bengenzi lutho. Ngaze ngabukela phansi “ama-fitness-freaks” ngoba wona ayezilolonga ejimini ebukela i-TV. Ngangizimisele ngokuba umsubathi osezingeni eliphezulu. Amakhaza, umoya, imvula? Ngangingenandaba.\n\nUkuze ngithole abanye engangizojwayelana nabo kuloku zilolonga kwami okusha, ngazithola sengizifake enkingeni. Edolobheni engangihlala kulo kwakukhona ikilabhu yabagijimayo. “IziNsephe”, bazibiza kanjalo. “Igama elihle lekilabhu leli,” ngokucabanga kwami. Leyo indlela engangizizwa ngayo nami. Amalungu ekilabhu angamukela ngezandla ezifudumele. Okwangithatha kakhulu kule kilabhu ukuthi bamukela wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ugijima ngasiphi isivinini noma ibanga elingakanani, wonke amakhono amukelekile! Ngangigcwele ukuzethemba okuhambisana nobuwula ngabhalisa ukugijima ngamaSonto ekuseni, ukusukela ngehora lesi-7 kuze kushaye elesi-9. Sasihlangana endlini yekilabhu bese sisuka!\n\nNgeSonto, ngemuva kwamakhilomitha ayi-15 namahora ama-3, ngabuya ngidiyazela endlini yekilabhu. Ngangiqonda kahle ukuthi ngangisukele okungaphezu kwamandla ami, kodwa amanye amalungu ekilabhu angikhuthaza ngokuthi, “Isikhathi sokuqala sihlala sinzima! Maduzane nje uzobe usugijima nabaholi!”\n\nNgangicabanga ngeSonto elilandelayo njengoba ngangihamba ngiqhuga futhi ngizihudula phakathi neviki. Ngangiwuthandile umoya ohlanzekile nokuvocavoca umzimba, kepha angikuthandanga ukuhlukumezeka amakhilomitha ayi-15. Ngenhlanhla yami ngasinda ekugijimeni ibanga elide okwesibili. Ngemuva nje kokuqala ukugijima kwangamaSonto ekuseni, ngawa ngenyela eqakaleni. “Kubi – kungcono uthathe iviki lokuphumula”, kweluleka abanye abagijimi. Kodwa ngaya kudokotela wami. Indoda eyisimanga, udokotela wami! Wangihlola wabe esesho amazwi awumlingo engangidinga ukuwezwa, “Udinga ikhefu, cishe okungenani izinyanga ezimbili! Kungcono ungagagameli ngenxa yeminyaka yakho.” Kwakuthi angimbambe ngimange! Ngemuva kwalokho, ngizoqhubeka yini mina nokugijima? Hhayi-ke, mhlawumbe ngentwasahlobo elandelayo…",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Bhala usho ukuthi le nkondlo inemigqa emingaki ngamagama.",
"a": "eyishumi nesikhombisa",
"context": "KUNZIMA\n\nAsisakwazi ukukhuleka.\nSizikhiyela ezindlini.\nSizikhiyela ezimotweni.\nKwaze kwanzima!\nAsisakwazi ukuhamba ngokukhululeka.\nImini nobusuku sekuyefana.\nSihlushwa ebusuku,\nSihlushwa emine.\nKwaze kwanzima!\n\nKukhona lapho konakele khona.\nKukhona lapho kuphambene khona,\nInhlonipho kayisekho.\nInhlonipho iphelile.\nObaba baphelile, omama baphelile.\nIzinsizwa ziphelile, izintombi ziphelile.\nAbasele basele nemihuzuko.\nKwaze kwanzima!",
"grade": "8",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Bazithokozisa kanjani abantu kulezi zinsuku?",
"a": "Aantu bazithengela okusha/izinto ezintsha njalo.",
"context": "Ukujabulela lokho onakho nezinto abanye abantu abakwenzela zona kunomthelela omkhulu nomuhle empilweni yakho. Kubalulekile sizijwayeze ukubonga kunokucela njalo.\n\nAbantwana abangafundanga ukubonga bayahlupha ngoba abaziphathi kahle uma bengakutholi abakufunayo. Lokhu kuvamise kakhulu kulabo abaneminyaka emihlanu kuya phansi. Nendodana yami, uZibuyile, seyineminyaka emithathu ngabona ukuthi seyikulungele ukufundiswa ukubonga.\n\nSaqala ngokusebenzisa amagama okubonga ekhaya. Ngafundiswa ukuthi ukubonga kuyahambisana nenhlonipho. Ukubonga kuyinto umntwana angafundiswa yona aze afike ezingeni lapho ekuqonda ukuthi kusho ukuthini. UZibuyile wayethanda ukwenza yonke into njengami. Ngase ngibona ukuthi abantwana bafunda ngokubuka indlela abanye abenza ngayo. Njengabantu abadala nabazali, kumele sibe yizibonelo ezinhle kubo. Lokhu kwangenza ukuthi ngisho ukuthi ngiyabonga kuye uma kukhona engikuthandayo akwenzayo. Angigcinanga lapho, kodwa bengenza isiqiniseko sokubonga nabanye abantu ngokuhle abakwenzayo. Konke lokhu ngangikwenza phambi kwakhe umfana wami ukuze afunde ukubonga.\n\nSacabanga njengomndeni ukuthi kwakuzosiza uZibuyile uma siba yingxenye yomsebenzi wokusiza abahluphekayo. Ngenxa yalokhu, eseneminyaka eyisithupha, uZibuyile waqala wabona ukuthi kuningi kangakanani anakho futhi okufanele akubonge empilweni yakhe. Akugcinanga nje lapho, kodwa lesi senzo samsiza futhi ukuthi afunde ukucabanga ngabanye abantu kanye nokupha labo abaswele.\n\nEnye yezindlela zokukhuthaza abantwana ukuze bajwayele ukubonga ukukwenza lokhu kube samdlalo. Isibonelo, umuntu ngamunye angasho akubongayo ngosuku lwakhe ngaphambi kokuhlala phansi etafuleni. Kungenzeka abantwana baqale ngokubonga izinto eziphathekayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi bazohamba babone ukuthi kuningi okunye abangakubonga ezimpilweni zabo. Lokhu sisaqhubeka nokukwenza noma esemdala uZibuyile.\n\nHamba nabantwana bakho uma uyothengela abanye izipho. Ungabacela abantwana ukuba bakuphe amacebo ezipho ezingafanela labo obathengelayo. Bacele futhi bakusize lapho usugoqa isipho leso. Okunye futhi ukuthi ucele kube yibo abahambisa isipho kulo okusuke kungesakhe.\n\nAbantwana bajwayele ukusicela njengabazali ukuba sibathengele amathoyizi nezinye izinto zokudlala. Uma sibanika konke abakucelayo sibafundisa ukubhekana nokuphoxeka futhi bakujabulele lokho abanakho. Akumele futhi sibajwayeze izipho ezibiza kakhulu njalo uma begubha usuku lokuzalwa noma kuyisikhathi sikakhisimusi.\n\nKumele sikhumbule ukuthi abantwana bafunda ngokubukela kithi esibadala. Masiqaphele ukuthi yini le esiyijahayo empilweni ngoba nabo bazokhula bajahe yona. Siphila esikhathini lapho abantu bekholelwa ukuthi kufanele njalo kube khona okusha abakuthengayo ukuze bajabule. Lokhu kungenza nabantwana bazibone benelungelo lokuthengelwa izinto ezintsha nezingcono nezinkulu ngaso sonke isikhathi. Ingozi yalokhu ukuthi bangagcina bengakwazi ukwaneliseka nokujabulela lokho abanakho. Kungumsebenzi wethu njengabazali ukufundisa abantwana bethu ukuthi iyini injabulo yangempela kahle kahle.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Thola igama endabeni elifana nelithi: unina",
"a": "umama",
"context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.",
"grade": "8",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Yenza lesi sibalo: 125 + 64 usebenzise noma iyiphi ‘indlela yokuhlakaza’.",
"a": "Uphendule ngokufanele uma impendulo kuyi-189.\n125 + 64\n= 100 + 20 + 5 + 60 + 4 = 100 + 20 +60 + 5 + 4 = 100 + 80 + 9\n= 189",
"context": "",
"grade": "3",
"category": "Mathematics"
},
{
"q": "Ucabanga ukuthi wenzani uMkaBhoza? Sekela impendulo yakho.",
"a": "Uyapheka. Kubonakala engathi kunebhodwe esitofini.",
"context": "Bhoza: UMasaka usebizwa ngodokotela. Uma ucabanga nkosikazi uwudokotela wani? (Sengenzani manje?)\n\nMkaBhoza: Ungudokotela weziminofo lezi enizidlayo! Wena unguprofesa ngoba uyathenga. Angithi? ngangicasuli la wena Bhoza!",
"grade": "9",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Bhala izinto ezimbili umbhali azibonga kugogo wakhe.",
"a": "Ukuyikhulisa, ukuyizamela okokudla",
"context": "Ukube awungibuthanga \nNgilahlwe ngabazali bami. \nUkube awungimelanga \nNgiwusana olunganakuzivikela. \nNgabe ngikuphi Gogo wami? \nNguwena owangikhulisayo \nBengenandaba abangilethayo. \nWadla nami kweyempesheni \nUngizamela nokokuya esikoleni. \nWena Gogo wami.\n\nNgawe ngingene eNyuvesi, \nWazixabanisa nomashonisa. \nNoma sebekusabisa waphikelela \nUcula iculo lempumelelo yami. \nWena Gogo wami.\n\nNgikhomba ngophakathi namuhla, \nNgibhukuda kwaluhlaza amadlelo \nNgalomuzi omusha omkhulukazi, \nOkungakaze kuhlale muntu kuwo, \nNgithi kuwe unwele ulude! \nUgubha amashumi ayisithupha, \nHappy Birthday Gogo wami.",
"grade": "8",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Ubani igama lesoka lika Grace?",
"a": "UZakhele",
"context": "NguSaturday ekuseni,ngisendleleni eya e-ICC eDurban. Angikholwa ukuthi ngiwine ithikithi lekhonsathi kaJustin Bieber. Ngizobe ngihleli phambili. Mhlawumbe ngizokwazi nokumthinta nje. Ngiyajabula ukuthi isoka lami uZakhele uvakashele ubaba wakhe eLadysmith. Phela ubezoba nomona ebona indlela engimjabulela ngayo uJustin Bieber.\n\nNgempela ngahlala phambili ezihlalweni zokuqala. Kwaqala kwangena uNasty C walandelwa uVusi Nova. Kwaba sengathi bathatha isikhathi eside phela angisakwazi ukulinda. Ekugcineni wangena uJustin Bieber ngeculo lakhe elingichazayo elithi “What do you mean”. Kwase kuthi angizule injabulo, uyena ngempela, wayemi phambi kwami. Lapho mina ngase ngishutha ngishuthile ngibuye ngithathe nevidiyo njengoba ecula nje. Umsindo owawulapho, phela yonke intsha yayifike ngobuningi bayo. Mina nomngani wami uJesta sase sikhala mi izinyembezi zenjabulo. Angiphathi kona uma eke wadansa. Ngase ngibona kahle nje ukuthi kukhona thina sobabili la e-ICC.\n\nWayecula aze agobe. Awu nami ngithole nethuba lokumthinta, kwakungathi ngithintwa ugesi. Ngafunga ukuthi ngeke ngiphinde ngisigeze isandla sami. Ngangilokhu ngisibuka nje ngimoyizele, kube sengathi usasibambile. Ngesikhathi sekhefu ngangingafuni ngisho ukuyothenga isiphuzo esibandayo ngesaba ukuthi kukhona ozothatha indawo yami uma ngike ngasuka.\n\nWabuya eseshintshile esegqoke okunye futhi esemuhle ngenye indlela. Uthe uma engena esiteji wathi uzobiza abalandeli bakhe bazodansa naye. Ngazitshela nje ngaphakathi ukuthi nanto ke ithuba lami. Wabe esememeza kakhulu wathi ‘Anybody by the name of Grace in the house, should come up and dance with me. Angikholwanga ukuthi ubiza igama lami. Nezihlwele zase zimemeza zithi ‘Grace, Grace,Grace’. Ngasukuma, ngagxuma naye welula isandla ukuba angemukele.\n\nNgithe sengisesitebhisini sokugcina ngashibilika (slipped) ngawa. Ngathuka ngaphaphama. Awu madoda kanti ngilele, ngiyaphupha. Maye! Ngizumeke ekilasini ngenkathi uthisha ethi asibhale ngomculi wethu esimthandayo. Uthisha usemi phambi kwami, ikilasi liyahleka liyamemeza, “Grace, Grace, Vuka!",
"grade": "9",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Ngubani ozotshela abafundi ngokushintsha kwabantu?",
"a": "Osolwazi basemanyuvesi.",
"context": "Bothisha Besayensi!\n \nNgabe niyafuna yini abafundi benu bazi ukuthi isayensi iwuguqula kanjani umhlaba?\n \nYebo, bazokwenza lokho uma nje bevakashela\n \nEmbukisweni wezesayensi wezikole\n \nZonke izinsuku ngenyanga kaJuni, abafundi bazoba nethuba lokuhlangana nekusasa e-Durban Exhibition Centre.\n \nKuzoba namakhulu emisebenzi yesayensi abafundi abangayijabulela ukuyizama, kanye nethuba:\nlokungena ku-capsule yasemkhathini\nlokukhuluma nosomkhathi emoyeni mayelana nokuthi osomkhathi basebenza, balale futhi bazijabulise kanjani, esiteshini sasemkhathini\nlokufunda ngokuthi ubuchwepheshe basemkhathini buthinte kanjani impilo emhlabeni\nlokubuka amavidiyo ngemizamo yomhlaba wonke yokulwa nokuguquka kwesimo sezulu\nlokuzwa osolwazi basemanyuvesi bekhuluma ngokuthi abantu bazoguquka kanjani esikhathini esizayo\nlokwenza ucwaningo lokuhlola ukuthi izakhi zofuzo (amajinethiksi) zingasiza kanjani ukuqeda izifo emhlabeni wonke jikelele.\n \nSiqinisekisa ukuthi sonke isivakashi sizophuma simangazwe yilokhu esizobe sikubona – futhi abafundi bangahamba nomqulu wolwazi ukuze bathuthukise ukuqonda kwabo izifundo zesayensi esikoleni.\n \nNgakho-ke, bothisha – uma nifuna izinsizakufunda zokulungiselela abafundi benu ngabazokubona embukisweni ukuze bakwazi ukuzuza kakhulu kuwo, sicela niye kuwebhusayithi yethu. Nizothola uhla olumangazayo lwezinto kanye nezinhlelo zokulungiselela izifundo ezenzelwe nina zokufundisa ngemuva kokuvakasha kwabo.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Bhala izinombolo 1-4 emabhokisini ukukhombisa indlela efanele okumele uyilandele uma uxubha amazinyo akho.",
"a": "| Manzisa isixubho sakho. | 1 |\n| Yakaza umlomo wakho ngamanzi. | 4 |\n| Hlikihla amazinyo akho ngesixubho. | 3 |\n| Faka umuthi esixubheni sakho. | 2 |",
"context": "| Manzisa isixubho sakho. | |\n| Yakaza umlomo wakho ngamanzi. | |\n| Hlikihla amazinyo akho ngesixubho. | |\n| Faka umuthi esixubheni sakho. | |",
"grade": "1",
"category": "Mathematics"
},
{
"q": "Zicabange unguDalingcebo futhi ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nUmncintiswano wamakhono okukhuluma\n\nImali oyikhokhile ebhange:",
"a": "100",
"context": "UDalingcebo Masuku ngumfana oneminyaka eyi-16. Ufunda e-St Paul’s College esedolobheni lasePitoli. Isikole siku-101 Mbombela Street, Pretoria, 4301 kanti inombolo yocingo yona ithi, 012 435 1000. UDalingcebo ungumfana othanda ukukhuluma phambi kwabantu. Esikoleni sakhe ungusihlalo weqembu labakhuluma esidlangalaleni kanti uphinde futhi abe yingxenye yeqembu lenkulumo-mpikiswano noma khona engakukhonzile kangako. Uthanda ukulungisa inkulumo azoyethula kunokuphikisana nabanye ngemibono. Useneminyaka eminingi impela enza lezi zinto zombili futhi usewine imincintiswano emithathu edolobheni langakubo esigabeni sabangaphansi kweminyaka eyi-17.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo uhlala nabazali bakhe kanye nodadewabo oyedwa. Omunye udadewabo omdala, u-Ayanda, usebenza eKapa futhi unefulethi elinamakamelo amabili khona edolobheni. Ifulethi lakhe lisenombolo-23 Palace Street. UDalingcebo uhlala naye uma eseKapa. UDalingcebo uneselula, inombolo yakhe ithi-090 676 2983. Iselula yakhe isayolungiswa ngoba iwile ngeviki eledlule. Inombolo yocingo lwasekhaya yona ithi, 012 434 0552. Umama kaDalingcebo unguthisha esikoleni esifunda indodana yakhe.\n\t\t\t\t\t\nUthisha kaDalingcebo, uNkosikazi Thobela, uhlale emqeqesha futhi emsiza ngokulalela izinkulumo zakhe asuke ezilungiselele. Phela naye uNkosikazi Thobela wayekwenza lokhu ebusheni bakhe waze wayomela izwe emncintiswaneni wamazwe ase-Afrika eneminyaka eyi-16. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu uDalingcebo ngoba naye ufisa ukufika kulelo zinga.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo ubone lesi sikhangiso somncintiswano ozobe useKapa:\n\n\"Umncintiswano wamakhono okukhuluma:\n\t\t\t\t\t\t\nIndawo: Ehholo ledoloba laseKapa\n\t\t\t\t\t\t\nUsuku: 29 kuNovemba 2019\n\t\t\t\t\t\t\nIsikathi: kuyoqalwa ngehora lesi-9 ekuseni\n\t\t\t\t\t\t\nKuyobe kunemikhakha ehlukene yebuciko bokukhuluma.\n\t\t\t\t\t\t\nUkungenela, gcwalisa ifomu bese ulithumela engakashayi umhla zingama-20 kuJulayi 2019.\n\t\t\t\t\t\t\nEminye imininingwane:\nUdinga ukuba ngaphansi kweminyaka engama-21 ubudala\nindawo yokulala iyohlelelwa abaphuma kwamanye amadolobha akude\nimali yokungenela: R100 uma ungeke udinge indawo yokulala, bese kuthi abandinga nendawo kuyomele bafake R150 ngaphezulu.\"",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Yini eyenza impilo yomndeni ibelula kubathwebuli bezithombe abasebenzela amaqembu ezemidlalo amakhulu?",
"a": "Bangakwazi ukuhlela isikhathi nemindeni yabo.",
"context": "Ukugcina Umzuzu – nguSipho Msomi \n\nSacela umthwebuli wezithombe zemidlalo ohamba phambili uSipho Msomi ukuthi akhulume ngempilo yakhe. Nakhu akusho: \n\nYize abantu abaningi becabanga ukuthi ukuba ngumthwebuli wezithombe zemidlalo kusho impilo elula nemnandi yokuba phambili emicimbini yezemidlalo, iqiniso wukuthi kuwumthwalo – futhi ngiqonde ukuthi imithwalo – yomsebenzi onzima – ngaphandle kokuba phambili emidlalweni nasemicimbini! Kungenzeka ukuthi uyazithanda ezemidlalo futhi ungathanda ukwenza umsebenzi wokuba ngumthwebuli wezithombe zemidlalo, kodwa kumele wazi ukuthi kuningi ongakwenza kulo msebenzi okudlula ukufika emdlalweni usuphethe umakhalekhukhwini wakho. \n\nOkokuqala nje, umthwebuli wezithombe zemidlalo angenza imisebenzi ehlukene. Abanye baqashwa yiqembu elithile – njenge Kaiser Chiefs – bese beya kuyo yonke imidlalo yalo, edlalelwa ekhaya nedlalelwa kude. Into enhle kakhulu ukuthi, njengoba usuke wazi izinhlelo zeqembu ngaphambi kwesikhathi, uthola ithuba lokuhlela isikhathi nomndeni wakho. Uba nethuba futhi lokwazi abadlali uqobo lwabo, okungaba yinto ethokozisayo ngempela. Ukusebenzela iphephabhuku elithile kungenye indlela. Unikezwa imicimbi noma imidlalo okumele uyibheke futhi utshelwe nokudingakalayo. Yebo iholo lingahle livikeleke, kepha mancane amathuba okuthola isithombe esivelele impela. Bese kuba nokuzimela – umsebenzi ongaqinisekile! Umthwebuli wezithombe ukhetha ukuthi yimiphi imicimbi angayibheka bese ethemba ukuthi uzothengisa lezo zithombe ukuze athole imali yakhe. Kunenzuzo enkulu kuphela uma ukwazi ukwakha ubudlelwano nezinkampani zabezindaba ezifanele, kepha lokho kungenzeka kuthathe iminyaka eminingi ukuba kuphumelele. \n\nSengisebenza ngokuzimela manje, futhi kuyimpilo ematasa, ukubona umhlaba, ukuhlala emahhotela amahle. Lokho kungazwakala kukuhle, kepha imvamisa akukho engikulangazelela kakhulu kunokuthola ukuphumula okuhle embhedeni wami. \n\nNoma ngabe yiyiphi indlela oyikhethayo kunezinto ezithile ezifanayo. Izinsizakusebenza kufanele zihlale zihlanzekile, zisebenza ngokugcwele futhi zihambisana nesikhathi ukuze kuthathwe izithombe ezinhle kakhulu. Awuyena umthwebuli zithombe ofanele uma ungayinaki imishini yakho. \n\nUkuhambela imicimbi yezemidlalo kuyinto ehamba phambili. Uthola ithuba lokuba seduze nabantu abadumile kuzo zonke ezemidlalo futhi indawo enhle kakhulu yokubukela emdlalweni ibekelwa wena. Okubi ukuthi ingcindezi ihlale ikhona futhi alikho ithuba lesibili. Uma ithuba lokuthwebula isithombe esihle selidlulile, lihamba unomphela. Ngesikhathi somdlalo uzikhandla njalo uhamba uzungeza indawo yokudlala, uhamba uthwebula izithombe. Futhi nangesikhathi sekhefu akukho ukuphumula – unezinsizakusebenza okumele uzihlole, namakhadi ememori okumele uwashintshe... Kuthi lapho impempe yokugcina ikhala usuke usufile, kepha kufanele uphinde ubheke zonke izithombe, sinye ngasinye, ubheka esihle kakhulu. Lokho kungakuthatha amahora athe xaxa bese kubuye kudingeke usilungise kahle ngaphambi kokusithumela ukuze siyoshicilelwa. \n\nI-bugbear kanokusho iwona mshini – inkulu, ivame ukuba ntekenteke, futhi ihlale ibiza, ngakho- ke mhlawumbe kungcono ukuyiqasha kunokuyithenga lapho usaqala emsebenzini. Kufanele wenze uhlu lwezinto ezibalulekile ongeke usuke ekhaya ungenazo. Akukho kuhle ukuzithola ushoda ngokuthile – njengebhethri lomlilo eliyisipele – emsebenzini. Kuthatha isikhathi ukuqoqa uphinde ulayishe, bese upakisha emva komcimbi. Futhi maqondana nezinsizakusebenza, enye into engiyifundile kwengahlangabezana nakho – uyawudinga ngempela umshuwalensi obhekelela izingozi nokuntshontshelwa.\n\nPho-ke yini ekwenza uthatheke ngempela ngalo msebenzi? Ukubona igama lakho ephepheni lezwe lonke, ngaphansi kwesithombe esisezingeni lomhlaba, angithi nje, segoli lomzuzu wokugcina. Lowo mzuzu uzongena emlandweni wezemidlalo – futhi kuzobe kunguwe owugcine unomphela!",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nGcwalisa okulandelayo uma ungaphansi kweminyaka eyishumi nesishiyagalombili: \n\nInombolo otholakala kuyo:",
"a": "0731 995 3657",
"context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, [email protected]. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, [email protected].\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Nikeza ubuningi bamagama abhalwe ngokugqamile. Isibonelo: Umfana - abafana",
"a": "amakati",
"context": "Kuba into enhle uma umndeni uhleli ndawonye umuntu uthola isikhathi sokuhleka adle ukudla okumnandi. Umalume uyathanda ukukhumula izicathulo uma sihleli sidla kanti ujwayele ukufika ephethe *ikati* lakhe elifake esikhwameni.",
"grade": "8",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "KwaHamba Kalula bakuhambisa kuziphi izindawo futhi ngaziphi izikhathi?",
"a": "Bakuhambisa yonke indawo noma nini ",
"context": "HAMBA KALULA\n\t\t\t\t\t\t\nCindezela inkinobho bese imoto iza kuwe ngokushesha. Ngena emotweni ukhululeke ngoba umshayeli wakho uyazi ukuthi uzofika kanjani lapho udinga ukuya khona. Uma usufikile, awudingi ukuba nemali esikhwameni noma ikhadi lasebhange.\n\t\t\t\t\t\t\nSikuthatha sikubeke yonke indawo. Akukhethile ukuthi uya kuphi. Kungaba ukuthi udinga ukuya esikhumulweni sezindiza, udinga ukuyokwenza izinto ezimbalwa edolobheni, uyazikhipha nabangane niyothola iziphuzo, noma nje uthatha uhambo lwansuku zonke. Awudingi nokubekisa, uvele uciphize inkinobho bese iyafika imoto ngokushesha.\n\t\t\t\t\t\t\nSinezinhlobo ezahlukene zezimoto. Uyakwazi ukuzikhethela uhlobo lwemoto ezohambisana nawe kanye nohambo oluthathayo. Kukhona izimoto ezibiza kancane ezingakuhambisa noma kuphi lapho ufuna ukuya khona kuphinde kube khona izimoto ezinkudlwana ezingalayisha abantu abayisithupha noma izimoto zikanokusho ezikhonzwe kakhulu ngosomabhizinisi. Konke lokhu kusezandleni zakho, unelungelo lokuzikhethela uhlobo lwemoto othanda ukuhamba ngayo.\n\t\t\t\t\t\t\nAwufoni, awubekisi, awulindi isikhathi eside. Uchofoza inkinobho noma kungasiphi isikhathi sosuku noma sonyaka. I-app yethu iyakubona lapho ukhona. Wena kumele ufake ikheli nje lalapho ofisa ukuya khona. Umshayeli uzofika esekulungele ukukuhambisa lapho.\n\t\t\t\t\t\t\nOkundingekayo ukuze ukwazi ukubiza imoto ukuba ube ne-app yethu kumakhalekhukhwini wakho. Iyatholakala mahhala kwa-Google Play noma kwa-App store. Uyakwazi ukufaka imininingwane yakho. Ungafaka imininingwane yekhadi othanda ukukhokha ngalo ukuze ungadingi ukuphatha imali esandleni. Uma isifika imoto ezokuhambisa uyangena, uhambe bese kuthi uma usufikile lapho uya khona uvele uphume.\n\t\t\t\t\t\t\nUyakwazi nokusazisa ukuthi uhambo lwakho lube njani ukuze senze kangcono ngokuzayo uma kukhona isidingo. Emva kohambo lwakho ungasithumela umyalezo kuyo i-app yethu ukuze sazi ukuthi uphatheke kanjani.\n\t\t\t\t\t\t\nKuphephile kakhulu ukusebenzisa izimoto zethu. Miningi imininingwane yemoto kanye nomshayeli okwazi ukuyibona. I-app iyakubonisa ukuthi baphawula bathini abanye abagibeli ngomshayeli wakho. Okunye okubonayo ukuthi usenesikhathi esingakanani umshayeli wakho enza lo msebenzi.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Wazalelwa kuyiphi indawo?",
"a": "eNew Jersey, eMelika",
"context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.",
"grade": "8",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Zicabange unguThandi ugcwalisa leli fomu elilandelayo. \n\nKwaZulu Natal Cultural Holiday Camps Ifomu lokubhukha\nIsigaba A: Imininingwane yakho. \n\nAmagama aphelele: Thandi Gumede\nIkheli: 17 Victoria Street, eThekwini\nIndawo yokuhlala oyikhethayo: A) Itende loyedwa B) Itende lababili C) Itende eliyidomethri",
"a": "Amagama aphelele: Thandi Gumede\nIkheli: 17 Victoria Street, eThekwini\nIndawo yokuhlala oyikhethayo: Itende loyedwa ",
"context": "UThandi Gumede uhlala eThekwini, e-17 Victoria Street.\n\nUjabulele ukuya ekhempini yomculo, umdanso nomdlalo. Uneminyaka eyi-16 manje, kodwa usecule iminyaka eyi-10 esigodini sakubo, kusukela eneminyaka eyi-6 nje kuphela. Kwathi lapho uThandi eseneminyaka eyi-8, umalume wakhe wamthengela isigujana. Ngemuva kweminyaka emibili wamnika isiginci futhi manje usesidlala kamnandi. Uthisha kaThandi wamkhuthaza futhi ngonyaka odlule wazuza umklomelo wesifunda wokuba umculi omncane wonyaka. Kunezinto eziningi angazenza ekhempini. UThandi ufuna ukuzama umdlalo kodwa inhloso yakhe enkulu ukudlala isiginci.\n\nIkhempu yase-Kloof iseduze nasekhaya, kodwa uzizwa sengathi isonto alilide ngokwanele. Ubaba wakhe uthi i-Howick isekudeni kakhulu (uzomhambisa ngemoto lapho esefuna ukuhamba, nakuba ematasa impela ngo Aphreli). Ngakho-ke i-Richmond iyona yodwa esele angakhetha kuyo. Ubefuna ukwenza abangani ezindlini zokulala abafundi kodwa ubaba wakhe uthi kumele alale etendeni loyedwa ukuze ezokwenza umsebenzi wesikole. UThandi akayidli inyama futhi ubekhathazekile ngokudla – kungenzeka kube nokosiwa kwenyama njalo ebusuku – kepha ubaba wakhe ubashayele ucingo bathi ayikho inkinga.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Ungayibona kanjani insipho yakwaKhuculula engenawo amakha esitolo?",
"a": "Ifakwa ephaketheni noma esigujini esimhlophe/esingenyayo eminye imibala.",
"context": "Zama iKhuculula okuyinsipho yethu esizenzele igama emakhaya amaningi, ubone umehluko emva kwezinsuku ezimbalwa nje!\n\t\t\t\t\t\t\nIzinsipho zokugeza zaqala zitholakala ngezinhlobo ezimbili. Kukhona uhlobo oluyisigaxa olungasetshenziswa eshaweni noma kubhavu kanye nohlobo oluwuketshezi olwenzelwe ukugeza eshaweni. Amakhasimende ethu azokujabulela ukuthi isiyatholakala nensipho yegwebu oyisebenzisa lapho ugeza kubhavu uma ufuna ukungena uzicwilise emanzini emva kosuku olude.\n\t\t\t\t\t\t\nAmakhasimende ethu awaphinde abheke emuva emva kokusebenzisa iKhuculula. Amakhasimende ancoma ukuthi inukisa isikhumba sawo kamnandi usuku lonke. Athi asikho isidingo sokufaka amakha uma ugeze ngenye yalezi zinsipho zethu. Kunezinhlobo ezihlukene zamakha atholakala kulezi zinsipho. Kuncike kuwe ukuthi uthanda amakha anjani. Kanti futhi iyatholakala nengafakwanga amakha eyenzelwe labo abangezwani nawo. Yona ibonakala kalula ngoba iba sephaketheni elimhlophe uma kuyiqhuzu, kube yisigubhu esimhlophe uma kungeyoketshezi lwaseshaweni noma yoketshezi lwasebhavini olwakha amagwebu. Ezinye zona ziba semaphaketheni nasezigujini ezimibalabala ezihambisana namakha asuke esetshenzisiwe.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye okuhlukile ngeKhuculula ukuthi ilungele wonke umuntu ekhaya. Iphephile ngisho nakubantwana abazelwe. Imikhiqizo yethu yakwaKhuculula ihlolwe ngodokotela abaphezulu besikhumba emazweni ahlukene ukuqinisekisa ukuthi ihambisana nazo zonke izinhlobo zesikhumba kanye nezimo ezihlukene zezulu. Konke okusetshenzisiwe ekukhiqizeni izinsipho zethu kuhlolisisiwe ukuthi akusilimazi isikhumba. Ngakho-ke, akukhathalekile ukuthi uhlala kuliphi izwe noma kuliphi ikhona lomhlaba. Ungayisebenzisa ukhululekile.\n\t\t\t\t\t\t\nIzinsipho zethu sezineminyaka eyishumi zikhona abantu bezisebenzisa. Ungambuza nodokotela wakho wesikhumba ngazo. Ungaya ku-web site yethu ufunde okushiwo ngabantu abayisebenzisayo imikhiqizo yethu. Kanti nawe uma usuyizamile singajabulela ukuthola ukuthi uyithole injani. Ungangena khona ku-web site yethu bese ugcwalisa imininingwane. Sizokujabulela ukuzwa ukuthi yiluphi uhlobo lwensipho yethu oluthanda kakhulu wena nomndeni wakho.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Phinda ubhale lo musho. Ufake usonhlamvukazi nongqi ngokufanele.",
"a": "UNhloso udlala ikhilikithi epaki.",
"context": "uNhloso udlala ikhilikithi epaki",
"grade": "1",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Isi-8 siphindwe kabili. ",
"a": "16",
"context": "",
"grade": "1",
"category": "Mathematics"
},
{
"q": "Ubani uPamella ngokwale ncwadi?",
"a": "Umngani kaTholakele",
"context": "UMSHADO\n\n“Kazi le mali yami iyobuyiswa ubani,nini?”\nAzibuze lombuzo uBheki angayitholi\nimpendulo.Akahlalanga kakhuli esikoleni\nwaphuthuma ukuyokhipha imali. Wabuya\nwazolinda uPamella.”Uma lemali ingabuyi\nisiyongena elobolweni,”\n\nEmva kwesikhashana nje atheleke uPamella. Ufika\nngemoto ebomvu.Athi ukwethuka uBheki.\nAkhumbule ukuthi uLindiwe naye wathathwa imoto\nebomvu.Abone uSifiso ephakamisa isandla\nebingelela uPamella.Imxake futhi leyo\nuBheki.Ubengazi ukuthi uPamella noSifiso\nbayazana.",
"grade": "11",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Khipha ukuxhumana sigcino kule nkondlo",
"a": "umugqa 14 no 15",
"context": "KUNZIMA\n\nAsisakwazi ukukhuleka.\nSizikhiyela ezindlini.\nSizikhiyela ezimotweni.\nKwaze kwanzima!\nAsisakwazi ukuhamba ngokukhululeka.\nImini nobusuku sekuyefana.\nSihlushwa ebusuku,\nSihlushwa emine.\nKwaze kwanzima!\n\nKukhona lapho konakele khona.\nKukhona lapho kuphambene khona,\nInhlonipho kayisekho.\nInhlonipho iphelile.\nObaba baphelile, omama baphelile.\nIzinsizwa ziphelile, izintombi ziphelile.\nAbasele basele nemihuzuko.\nKwaze kwanzima!",
"grade": "8",
"category": "Reading comprehension"
},
{
"q": "Zicabange unguKhanyisile ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nImininingwane ngawe\n\nIsibongo:",
"a": "Mdletshe",
"context": "UKhanyisile Mdletshe ungumuntu ozithandayo izilwane ezifuywayo emakhaya ezifana nezinja, amakati nezinye. Usafunda isikole okwamanje kodwa uma eqeda ufisa ukuyofunda eNyuvesi yasePitoli lapho ezokwenza izifundo zokuba ngudokotela wezilwane. Uneminyaka eyi-16 ubudala futhi useselelwe ngunyaka owodwa ukuba aqede e-New Hanover High School lapho engumfundi khona. Inombolo yesikole ithi, -063 9 245 536. Ikheli lona lithi, 132 Chelmsford Road, Bulawayo.\n\t\t\t\t\t\t\nUKhanyisile uhlala nomama wakhe uSebenzile Mdletshe. Ubaba wakhe usebenza e-Zambia kanti uvame ukubuya emva kwezinyanga ezimbili. USebenzile uyintatheli yephephandaba. Inombolo yakhe yocingo ithi -004 020 1723 kanti uyatholakala nakuyo i-imeyili ethi: [email protected] uthinteka kalula ngocingo ngoba uhlale esemgwaqeni. Ikhaya likaKhanyisile likunombolo-23 Esigodini Road, Bulawayo. Inombolo yocingo ithi, -063 9 263 323.\n\t\t\t\t\t\t\nNjalo ngempelasonto uthanda ukuvakashela izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo. Uyathanda ukusiza lapho ngaphandle kokukhokhelwa. UKhanyisile ubone isikhangiso lapho kufuneka abantu abazosebenza ngezimpelasonto noma ebusuku esibhedlela esisha sezilwane. Lokhu kungaba yithuba elihle kakhulu kuye ngoba lokhu kuhambisana nezifundo afisa ukuzenza kanti futhi kuyinto athandayo ukuyenza.",
"grade": "GCSE",
"category": "Reading comprehension"
}
]