[ { "q": "Zicabange unguDalingcebo futhi ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nUmncintiswano wamakhono okukhuluma\n\nIgama nesibongo:", "a": "Dalingcebo Masuku", "context": "UDalingcebo Masuku ngumfana oneminyaka eyi-16. Ufunda e-St Paul’s College esedolobheni lasePitoli. Isikole siku-101 Mbombela Street, Pretoria, 4301 kanti inombolo yocingo yona ithi, 012 435 1000. UDalingcebo ungumfana othanda ukukhuluma phambi kwabantu. Esikoleni sakhe ungusihlalo weqembu labakhuluma esidlangalaleni kanti uphinde futhi abe yingxenye yeqembu lenkulumo-mpikiswano noma khona engakukhonzile kangako. Uthanda ukulungisa inkulumo azoyethula kunokuphikisana nabanye ngemibono. Useneminyaka eminingi impela enza lezi zinto zombili futhi usewine imincintiswano emithathu edolobheni langakubo esigabeni sabangaphansi kweminyaka eyi-17.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo uhlala nabazali bakhe kanye nodadewabo oyedwa. Omunye udadewabo omdala, u-Ayanda, usebenza eKapa futhi unefulethi elinamakamelo amabili khona edolobheni. Ifulethi lakhe lisenombolo-23 Palace Street. UDalingcebo uhlala naye uma eseKapa. UDalingcebo uneselula, inombolo yakhe ithi-090 676 2983. Iselula yakhe isayolungiswa ngoba iwile ngeviki eledlule. Inombolo yocingo lwasekhaya yona ithi, 012 434 0552. Umama kaDalingcebo unguthisha esikoleni esifunda indodana yakhe.\n\t\t\t\t\t\nUthisha kaDalingcebo, uNkosikazi Thobela, uhlale emqeqesha futhi emsiza ngokulalela izinkulumo zakhe asuke ezilungiselele. Phela naye uNkosikazi Thobela wayekwenza lokhu ebusheni bakhe waze wayomela izwe emncintiswaneni wamazwe ase-Afrika eneminyaka eyi-16. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu uDalingcebo ngoba naye ufisa ukufika kulelo zinga.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo ubone lesi sikhangiso somncintiswano ozobe useKapa:\n\n\"Umncintiswano wamakhono okukhuluma:\n\t\t\t\t\t\t\nIndawo: Ehholo ledoloba laseKapa\n\t\t\t\t\t\t\nUsuku: 29 kuNovemba 2019\n\t\t\t\t\t\t\nIsikathi: kuyoqalwa ngehora lesi-9 ekuseni\n\t\t\t\t\t\t\nKuyobe kunemikhakha ehlukene yebuciko bokukhuluma.\n\t\t\t\t\t\t\nUkungenela, gcwalisa ifomu bese ulithumela engakashayi umhla zingama-20 kuJulayi 2019.\n\t\t\t\t\t\t\nEminye imininingwane:\nUdinga ukuba ngaphansi kweminyaka engama-21 ubudala\nindawo yokulala iyohlelelwa abaphuma kwamanye amadolobha akude\nimali yokungenela: R100 uma ungeke udinge indawo yokulala, bese kuthi abandinga nendawo kuyomele bafake R150 ngaphezulu.\"", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguThandi ugcwalisa leli fomu elilandelayo. \n\nKwaZulu Natal Cultural Holiday Camps Ifomu lokubhukha\nIsigaba A: Imininingwane yakho. \n\nAmagama aphelele: Thandi Gumede\nIkheli: 17 Victoria Street, eThekwini\nImiklomelo?", "a": "Amagama aphelele: Thandi Gumede\nIkheli: 17 Victoria Street, eThekwini\nImiklomelo? UMculi omncane wonyaka wesifunda", "context": "UThandi Gumede uhlala eThekwini, e-17 Victoria Street.\n\nUjabulele ukuya ekhempini yomculo, umdanso nomdlalo. Uneminyaka eyi-16 manje, kodwa usecule iminyaka eyi-10 esigodini sakubo, kusukela eneminyaka eyi-6 nje kuphela. Kwathi lapho uThandi eseneminyaka eyi-8, umalume wakhe wamthengela isigujana. Ngemuva kweminyaka emibili wamnika isiginci futhi manje usesidlala kamnandi. Uthisha kaThandi wamkhuthaza futhi ngonyaka odlule wazuza umklomelo wesifunda wokuba umculi omncane wonyaka. Kunezinto eziningi angazenza ekhempini. UThandi ufuna ukuzama umdlalo kodwa inhloso yakhe enkulu ukudlala isiginci.\n\nIkhempu yase-Kloof iseduze nasekhaya, kodwa uzizwa sengathi isonto alilide ngokwanele. Ubaba wakhe uthi i-Howick isekudeni kakhulu (uzomhambisa ngemoto lapho esefuna ukuhamba, nakuba ematasa impela ngo Aphreli). Ngakho-ke i-Richmond iyona yodwa esele angakhetha kuyo. Ubefuna ukwenza abangani ezindlini zokulala abafundi kodwa ubaba wakhe uthi kumele alale etendeni loyedwa ukuze ezokwenza umsebenzi wesikole. UThandi akayidli inyama futhi ubekhathazekile ngokudla – kungenzeka kube nokosiwa kwenyama njalo ebusuku – kepha ubaba wakhe ubashayele ucingo bathi ayikho inkinga.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yiziphi izinhlelo ezenzelwa abantu abavela ngaphandle kweTheku? Nika ezimbili.", "a": "[\"bangahlelelwa indlela yokufika\", \"batholelwa nendawo yokulala\", \"bayahanjiswa emkhunjini baphinde babuyiselwe emuva\"]", "context": "THATHA IHOLIDE NGOKUFANELEKILE\n\nUdinga ikhefu? Uma kunjalo lesi sikhangiso singesakho. Kwa-SA Travel Club singakungcebelekisa ngomkhumbi. Singakubonisa ubuhle bedolobha laseThekwini noma iziqhingi zodumo zaseMozambique.\n\nHamba ngomunye wemikhumbi yethu kanokusho \n\nkusukela ziyi-14 kuya ziyi-16 enyangeni kaNovemba 2018 \n\nUbuhle baseThekwini\n\nIphupho lakho lokuya eholidini ngomkhumbi wohlobo oluphezulu lingafezeka. Ungaba yingxenye yalolu hambo olujikeleza eThekwini, ubone bonke ubuhle beTheku. Ungahlala phezulu uzipholele ubone izindawo ezigudle iTheku kanye namanzi olwandle oluhle i-Indian Ocean lapho umkhumbi usuka eMtateni. Miningi nemidlalo ekhona kanye nokunye eningakwenza ukuzijabulisa njengomndeni khona ngaphakathi.\n\nIzingane ezineminyaka engaphansi kweyi-18 zingena mahhala uma zizohlala egunjini elifanayo nelabazali babo. Zikhokhela kuphela intela yemithwalo kanye nomshwalense wezempilo okubiza R250 inganye ngayinye.\n\nImali isukela kuR2500 abantu abadala ababili kanye nemali yentela yezimpahla nomshwalense wezempilo okubiza R250 umuntu ngamunye.\n\nImali ifaka:\n• Ubusuku obubili\n• Ukudla okuthathu ngosuku\n• Amafilimu, indawo yokuzilolonga kanye neminye imibukiso yokunandisa\n• Ukungena ekhasino\n• Yonke imidlalo etholakala ngaphakathi\n\nUhambo ngomkhumbi oluya eziqhingini zaseMozambique\n\nUngakhetha futhi ukuthatha uhambo olusuka eThekwini lujike eziqhingini zaseMozambique ngemali esukela ku R3650 umuntu ngamunye. Lolu hambo lona luthatha izinsuku ezintathu. Konke okunye kuyefana.\n\nUma udinga ukufika eThekwini singakuhlelela ibhanoyi elisuka eGoli noma eKapa elizofika mhla ziyi-13 KuNovemba. EThekwini sikulalise ehhotela elisezingeni elihle, bese ngakusasa ekuseni uthola ukudla khona ngaphambi kokuthi sikuyise eMtateni lapho uzongena emkhunjini. Ngosuku obuya ngalo sikususa emkhunjini sikubeke esikhumulweni sezindiza lapho ungathatha indiza eya eGoli noma eKapa. Konke lokhu sikwenzela ngemali ephansi esukela ku R1500 umuntu ngamunye.\n\nUkubekisa indawo noma ukubhalisela leli holidi, ungasishayela ucingo kule nombolo ethi, 086-554-3232 noma usithumele i-imeyli ku satravelc@satours.co.za. Ukuthola eminye imininingwane, thanda ikhasi lethu ku Facebook: SA Travel Club noma uye ekhasini lethu www.satravelc.co.za.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguDalingcebo futhi ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nUmncintiswano wamakhono okukhuluma\n\nIsigaba somncintiswano osingenelayo:\nA) Inkulumo elungiselelwe\nB) Inkulumo engalungiselelwe", "a": "A) Inkulumo elungiselelwe", "context": "UDalingcebo Masuku ngumfana oneminyaka eyi-16. Ufunda e-St Paul’s College esedolobheni lasePitoli. Isikole siku-101 Mbombela Street, Pretoria, 4301 kanti inombolo yocingo yona ithi, 012 435 1000. UDalingcebo ungumfana othanda ukukhuluma phambi kwabantu. Esikoleni sakhe ungusihlalo weqembu labakhuluma esidlangalaleni kanti uphinde futhi abe yingxenye yeqembu lenkulumo-mpikiswano noma khona engakukhonzile kangako. Uthanda ukulungisa inkulumo azoyethula kunokuphikisana nabanye ngemibono. Useneminyaka eminingi impela enza lezi zinto zombili futhi usewine imincintiswano emithathu edolobheni langakubo esigabeni sabangaphansi kweminyaka eyi-17.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo uhlala nabazali bakhe kanye nodadewabo oyedwa. Omunye udadewabo omdala, u-Ayanda, usebenza eKapa futhi unefulethi elinamakamelo amabili khona edolobheni. Ifulethi lakhe lisenombolo-23 Palace Street. UDalingcebo uhlala naye uma eseKapa. UDalingcebo uneselula, inombolo yakhe ithi-090 676 2983. Iselula yakhe isayolungiswa ngoba iwile ngeviki eledlule. Inombolo yocingo lwasekhaya yona ithi, 012 434 0552. Umama kaDalingcebo unguthisha esikoleni esifunda indodana yakhe.\n\t\t\t\t\t\nUthisha kaDalingcebo, uNkosikazi Thobela, uhlale emqeqesha futhi emsiza ngokulalela izinkulumo zakhe asuke ezilungiselele. Phela naye uNkosikazi Thobela wayekwenza lokhu ebusheni bakhe waze wayomela izwe emncintiswaneni wamazwe ase-Afrika eneminyaka eyi-16. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu uDalingcebo ngoba naye ufisa ukufika kulelo zinga.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo ubone lesi sikhangiso somncintiswano ozobe useKapa:\n\n\"Umncintiswano wamakhono okukhuluma:\n\t\t\t\t\t\t\nIndawo: Ehholo ledoloba laseKapa\n\t\t\t\t\t\t\nUsuku: 29 kuNovemba 2019\n\t\t\t\t\t\t\nIsikathi: kuyoqalwa ngehora lesi-9 ekuseni\n\t\t\t\t\t\t\nKuyobe kunemikhakha ehlukene yebuciko bokukhuluma.\n\t\t\t\t\t\t\nUkungenela, gcwalisa ifomu bese ulithumela engakashayi umhla zingama-20 kuJulayi 2019.\n\t\t\t\t\t\t\nEminye imininingwane:\nUdinga ukuba ngaphansi kweminyaka engama-21 ubudala\nindawo yokulala iyohlelelwa abaphuma kwamanye amadolobha akude\nimali yokungenela: R100 uma ungeke udinge indawo yokulala, bese kuthi abandinga nendawo kuyomele bafake R150 ngaphezulu.\"", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yisiphi isipho samahhala abangahamba naso abafundi?", "a": "Umqulu wolwazi.", "context": "Bothisha Besayensi!\n \nNgabe niyafuna yini abafundi benu bazi ukuthi isayensi iwuguqula kanjani umhlaba?\n \nYebo, bazokwenza lokho uma nje bevakashela\n \nEmbukisweni wezesayensi wezikole\n \nZonke izinsuku ngenyanga kaJuni, abafundi bazoba nethuba lokuhlangana nekusasa e-Durban Exhibition Centre.\n \nKuzoba namakhulu emisebenzi yesayensi abafundi abangayijabulela ukuyizama, kanye nethuba:\nlokungena ku-capsule yasemkhathini\nlokukhuluma nosomkhathi emoyeni mayelana nokuthi osomkhathi basebenza, balale futhi bazijabulise kanjani, esiteshini sasemkhathini\nlokufunda ngokuthi ubuchwepheshe basemkhathini buthinte kanjani impilo emhlabeni\nlokubuka amavidiyo ngemizamo yomhlaba wonke yokulwa nokuguquka kwesimo sezulu\nlokuzwa osolwazi basemanyuvesi bekhuluma ngokuthi abantu bazoguquka kanjani esikhathini esizayo\nlokwenza ucwaningo lokuhlola ukuthi izakhi zofuzo (amajinethiksi) zingasiza kanjani ukuqeda izifo emhlabeni wonke jikelele.\n \nSiqinisekisa ukuthi sonke isivakashi sizophuma simangazwe yilokhu esizobe sikubona – futhi abafundi bangahamba nomqulu wolwazi ukuze bathuthukise ukuqonda kwabo izifundo zesayensi esikoleni.\n \nNgakho-ke, bothisha – uma nifuna izinsizakufunda zokulungiselela abafundi benu ngabazokubona embukisweni ukuze bakwazi ukuzuza kakhulu kuwo, sicela niye kuwebhusayithi yethu. Nizothola uhla olumangazayo lwezinto kanye nezinhlelo zokulungiselela izifundo ezenzelwe nina zokufundisa ngemuva kokuvakasha kwabo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bayigcina kanjani incane imali abakubiza yona?", "a": "Bathola amanani aphansi ngenxa yobudlelwano nezinkampani 1\nabasebenzisana nazo", "context": "Vakash’ Ufunde\n\t\t\t\t\t\nInkampani yakwaVakash’ Ufunde isiza izikole ezifuna ukuhambisa abafundi bazo ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokuba kube khona abakufundayo.\n\t\t\t\t\t\nSineminyaka engaphezu kwengamashumi amabili sisebenzisana nezikole ukuhlela ukuvakasha okuhambisana nezemfundo. Siyakwazi okusebenzayo uma kuziwa emfundweni yangaphandle kwasekilasini.\n\t\t\t\t\t\nSingakusiza ngokukuhlelela uhambo nabafundi bakho abaphakathi kweminyaka eyi-10 kuya kweyi-18 lokuya noma kuphi. Asigcini ngokuhlela ukuvakasha okuqondene nezifundo zasekilasini kuphela. Silungisela abafundi izinhlelo zokuphuma eziqondene namakhono okuxazulula izinkinga kanye nezobuholi.\n\t\t\t\t\t\nUkuphepha kuhamba phambili ngakho senza isiqiniseko sokuthi sisebenzisana nezinkampani ezisemthethweni ngakho sisebenzisa amahhotela, amahhositela, amabhasi kanye namabhanoyi abhalisiwe futhi ahambisana nemigomo engaphansi komthetho wezokuvakasha nokungcebeleka umhlaba wonke. Zonke izindawo esihambisa abafundi kuzo ziphephile.\n\t\t\t\t\t\nUbudlelwano obuhle esinabo nezinkampani buqinisekisa ukuthi sithole amanani aphansi ezithuthi, nezindawo zokuhlala kanye nemali yokungena ezindaweni ezisuke zivakashelwe. Lokhu kwenza ukuthi ukwazi ukuhamba nabafundi bakho ngemali ephansi kwaleyo obuzoyikhokha ukuba ubuzihlelele wena.\n\t\t\t\t\t\nKwaVakash’ Ufunde siyayithanda imfundo kanye nezemvelo. Bonke abasebenza nathi baneminyaka eminingi benza lo msebenzi wokuphuma nezikole. Ngakho ungasethemba.\n\t\t\t\t\t\nNgeminye imininingwane sithinte kule nombolo yocingo: 091 818120 ukuze ukhulume nathi ngokushesha. Ungathanda ikhasi lethu ku-Facebook noma usilandele ku-Twitter. Ungangena naku webpage lethu ushiye imininingwane yakho ku-www.vuedu.org.cz sizobe sesikuthinta ngakusasa.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ithini indikimba yalenkondlo?", "a": "Uthando", "context": "THEMBA LAMI\n\nUlethe ukukhanya empilweni,\nLapho ngidukuza ebumnyameni\nWangiqoqa ngabuya ekudukeni,\nLaqala lahluma ithemba,\nNgazibona ngifanelwe ukuphila\n\nAmazwi akho ankenteza ezindlebeni,\nNgalala ngiphenduka ngizibuza,\nNgabe ngempela uqinisile,\nNoma izethembiso eziwangala\nNgema isibindi ngakugaxa ucu.\n\nSesiphakathi emkhunjini wothando.\nNgithemba uyazi sibhekephi\nNgibheke wena ngicela ungangiphox.i\nUngangishayi, ungangibhangqi, ungazise.\nImibuzo", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yini ekhethekile ngokudla okunikezwayo?", "a": "Kulinywa epulazini.", "context": "Zula Nathi\n\nIzingane eziningi namuhla azinalo ulwazi lokuthi ukudla ezikudlayo kuvela kuphi. EZula Nathi inhloso yethu ukuzibonisa!\n\nIZula Nathi ihlelela abafundi abaneminyaka esukela kweyi-11 kuya kweyi-18 amaholidi asemapulazini. Sesisebenze nezikole iminyaka eyi-15, sithatha abafundi emadolobheni amakhulu baye emapulazini kuyo yonke iNingizimu Afrika. Ngesikhathi sokuhlala kwabo emapulazini, abafundi bavuka ekuseni ngovivi ukusiza epulazini...\n• ngokusenga izinkomo\n• ngezinkukhu\n• ngokutshala imbewu\n• ngokukha imifino.\n\nKepha akuwona wodwa umsebenzi.\n\nKuhlala kukhona nechibi lokubhukuda nezifundo zamahhala zanoma yibaphi abangakwazi ukubhukuda. Kukhona nethuba lokuzwa injabulo yokugibela ihhashi – inqobo nje uma abagibeli besivumela ukuthi sibakhombise ukuthi anakekelwa kanjani amahhashi.\n\nKonke ukudla okudliwa yizingane kulinywa epulazini. Ukuphepha nempilo enhle kuyinto eza kuqala kithi. Amapulazi ethu akhethwa ngokucophelela futhi ahlolisisiwe.\n\nUkuhlala epulazini isonto eli-1 kuya kwama-2. Siphakamisa ukuthi kube nothisha ababili eqenjini ngalinye, owesilisa oyedwa nowesifazane oyedwa ezinganeni ezingalinganiselwa kuma-24. Igumbi ngalinye lingathatha amantombazane noma abafana abangafika kwabayi-6 kanti uthisha ngamunye unegumbi lakhe. Konke kulula kakhulu – size sihlele namabhasi okuthutha abafundi asuka ezikoleni aye emapulazini.\n\nUkubhukha, sicela uxhumane nathi kunombolo yocingo-079 123 4567. Ungathola eminye imininingwane – namavidiyo amapulazi ethu – kuwebhusayithi yethu: www.zula-nathi.co.za.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguDalingcebo futhi ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nUmncintiswano wamakhono okukhuluma\n\nIkheli lendawo ozohlala kuyo:", "a": "23 Palace street", "context": "UDalingcebo Masuku ngumfana oneminyaka eyi-16. Ufunda e-St Paul’s College esedolobheni lasePitoli. Isikole siku-101 Mbombela Street, Pretoria, 4301 kanti inombolo yocingo yona ithi, 012 435 1000. UDalingcebo ungumfana othanda ukukhuluma phambi kwabantu. Esikoleni sakhe ungusihlalo weqembu labakhuluma esidlangalaleni kanti uphinde futhi abe yingxenye yeqembu lenkulumo-mpikiswano noma khona engakukhonzile kangako. Uthanda ukulungisa inkulumo azoyethula kunokuphikisana nabanye ngemibono. Useneminyaka eminingi impela enza lezi zinto zombili futhi usewine imincintiswano emithathu edolobheni langakubo esigabeni sabangaphansi kweminyaka eyi-17.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo uhlala nabazali bakhe kanye nodadewabo oyedwa. Omunye udadewabo omdala, u-Ayanda, usebenza eKapa futhi unefulethi elinamakamelo amabili khona edolobheni. Ifulethi lakhe lisenombolo-23 Palace Street. UDalingcebo uhlala naye uma eseKapa. UDalingcebo uneselula, inombolo yakhe ithi-090 676 2983. Iselula yakhe isayolungiswa ngoba iwile ngeviki eledlule. Inombolo yocingo lwasekhaya yona ithi, 012 434 0552. Umama kaDalingcebo unguthisha esikoleni esifunda indodana yakhe.\n\t\t\t\t\t\nUthisha kaDalingcebo, uNkosikazi Thobela, uhlale emqeqesha futhi emsiza ngokulalela izinkulumo zakhe asuke ezilungiselele. Phela naye uNkosikazi Thobela wayekwenza lokhu ebusheni bakhe waze wayomela izwe emncintiswaneni wamazwe ase-Afrika eneminyaka eyi-16. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu uDalingcebo ngoba naye ufisa ukufika kulelo zinga.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo ubone lesi sikhangiso somncintiswano ozobe useKapa:\n\n\"Umncintiswano wamakhono okukhuluma:\n\t\t\t\t\t\t\nIndawo: Ehholo ledoloba laseKapa\n\t\t\t\t\t\t\nUsuku: 29 kuNovemba 2019\n\t\t\t\t\t\t\nIsikathi: kuyoqalwa ngehora lesi-9 ekuseni\n\t\t\t\t\t\t\nKuyobe kunemikhakha ehlukene yebuciko bokukhuluma.\n\t\t\t\t\t\t\nUkungenela, gcwalisa ifomu bese ulithumela engakashayi umhla zingama-20 kuJulayi 2019.\n\t\t\t\t\t\t\nEminye imininingwane:\nUdinga ukuba ngaphansi kweminyaka engama-21 ubudala\nindawo yokulala iyohlelelwa abaphuma kwamanye amadolobha akude\nimali yokungenela: R100 uma ungeke udinge indawo yokulala, bese kuthi abandinga nendawo kuyomele bafake R150 ngaphezulu.\"", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Chaza ukuthi ekugcineni sebunjani ubudlelwane bukaSimangele nobaba wakhe.", "a": "Bubukeka bubuhle ngoba ubaba wakhe ungumlandeli wakhe omkhulu.", "context": "USimangele ukhule azi ukuthi uzogcina esebenza kumabonakude noma abazali bakhe babenamanye amaphupho ngempilo yakhe. Abazali bakhe babefisa ukuba abe ngunjiniyela kwezikagesi. Uthando lokuba ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude lwakhula kakhulu emva kokuba evakashele lapho kwakuqoshwa khona uhlelo lwabantwana. Wayeneminyaka eyi-14 kuphela ngaleso sikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nKwakufanele ukuba abacele abazali bakhe ukuba ayofunda okuhlukile kunalokhu ababekucabangile. Kwakungesona isinqumo esilula kubaba kaSimangele. Ubaba wakhe wayekhala ngokuthi akazukuhola imali eningi kulo mkhakha ayewukhetha. USimangele wayezithandela ukuba phambi kwamakhamera nokuba nabalandeli abaninginingi, kodwa imali yayingayona into emkhathazayo. Wayengazi nokuthi uyohola malini mhla eqala ukusebenza.\n\t\t\t\t\t\t\nNamuhla, uSimangele uyajabula ukuthi walandela inhliziyo yakhe. Kule minyaka engama-20 enza lo msebenzi akazisoli. Konke ukubona kwenzeka ngendlela ayefisa ngayo. Uma engahlehlisa isikhathi angaphinde akhethe wona lo mkhakha.\n\t\t\t\t\t\t\nUhlelo lukamabonakude alwethulayo luthandwa kakhulu ngabantu abasha. Uvame ukusebenza izinsuku ezintathu evikini ukuqopha iziqephu eziyisithupha, ezidlala amasonto ayisithupha kumabonakude. Uqala ukuqopha ekuseni kakhulu ngehora lesi-5 aze aqede ngehora le-12 emini. Emva kwalokho uphuthuma emsakazweni. Phela ubuye asebenze nasemsakazweni. Uhlelo lwakhe lwasemsakazweni lungena ngehora lesi-2 ntambama luphele ngehora lesi-5 kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesihlanu. Unenhlanhla ukuthi abantu asebenzisana nabo bayasiqonda isimo sakhe futhi benza izinto zibe lula kuye.\n\t\t\t\t\t\t\nNjengomuntu ongusaziwayo, ubuye abizwe ezindaweni ezahlukene ukuba azonandisa noma azokhuthaza. Uvame ukucelwa ukuba abe ngumphathi wohlelo emishadweni ngezimpelasonto. Ngezinye izinsuku wenza ucwaningo noma abe nemihlangano nabadidiyeli bohlelo lwakhe lwakumabonakude.\n\t\t\t\t\t\t\nUSimangele ukholelwa ekutheni kubalulekile ukuba ube nephupho empilweni bese ulilandela. Uyabancoma abazali bakhe ngokuba bamvumele ukuba alandele inhliziyo yakhe noma kwakungelula ekuqaleni. Ubaba wakhe nguye ongumlandeli wakhe omkhulu. Akaphuthelwa wuhlelo lwakhe olukumabonakude olungena njalo ngoLwesine ngehora lesi-6 ebusuku.\n\t\t\t\t\t\t\nUSimangele ungowesifazane ozaziyo ukuthi ufunani empilweni. Maningi amathuba avelayo manje empilweni yakhe kodwa akathatheki kalula. Akazimisele ukuthatha noma yini ngoba ehehwa yimali angayihola. Ufuna ukwenza umsebenzi ozogcina isithunzi sakhe sihloniphekile futhi wenze nabazali bakhe bahlale beziqhenya ngaye.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yini oyithandile noma ongayithandanga ngale ndaba?", "a": "Noma ngabe iyiphi impendulo hambisana nendaba noma ethi ayifane nempendulo eyemukeliwe.", "context": "UMnumzane noNkosikazi Shabangu babehlala epulazini nezingane zabo, uThoko noThemba. UNkosikazi Shabangu noThoko babhaka izinkwa nsuku zonke bahlanze izitebele. AbakwaMsibi, Tembe nabakwaZulu bathanda ukuvakashela abakwaShabangu. Izingane zazinakekela izinkukhu namadada. UMnumzane Shabangu wayebhekelela izinkomo nezimvu.\n\nNgolunye usuku umndeni wawuthokozela isidlo sephikhinikhi emini okwakuwushizi, amashibusi, namaqatha enyama yemvu. Ngaso leso sikhathi kwenzeka inhlekelele yengozi. Ugandaganda waphelelwa amabhuleki, wabonakala wehla kancane uqonde ezansi. Wezwakala uMnumzane Shabangu ememeza exwayisa umndeni wakhe. Wehla njalo ugandaganda ugingqika wayongena edamini. Umndeni wagijima emva kwawo, nawo wangena emanzini.\n\nUMnumzane Shabangu wabophela isipani sezinkabi ukuba sidonse ugandaganda. Umndeni wonke wajabula ngoba akekho owalimala.", "grade": "2", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zingaki izingcezu ezitholwe yingane ngayinye?", "a": "Ingane ngayinye ithole izingcezu ezi 3 zezingcezu kweziyi-9 ezilinganayo.", "context": "Umbhaki usika ikhekhe laba yizingcezu eziyi-9 ezilinganayo. Ube esehlukanisela izingane ezi-3 ngokulinganayo.", "grade": "3", "category": "Mathematics" }, { "q": "Bhala izinombolo 1-4 emabhokisini ukukhombisa indlela efanele okumele uyilandele uma uxubha amazinyo akho.\n\n| Manzisa isixubho sakho. | |\n| Yakaza umlomo wakho ngamanzi. | |\n| Hlikihla amazinyo akho ngesixubho. | |\n| Faka umuthi esixubheni sakho. | |", "a": "Uphendule ngokufanele uma ulandelanise ngokubhala izinombolo emishweni ngale ndlela: 1, 4, 3, 2.\n\n| Manzisa isixubho sakho. | 1 |\n| Yakaza umlomo wakho ngamanzi. | 4 |\n| Hlikihla amazinyo akho ngesixubho. | 3 |\n| Faka umuthi esixubheni sakho. | 2 |", "context": "", "grade": "1", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguDalingcebo futhi ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nUmncintiswano wamakhono okukhuluma\n\nIminyaka:", "a": "16", "context": "UDalingcebo Masuku ngumfana oneminyaka eyi-16. Ufunda e-St Paul’s College esedolobheni lasePitoli. Isikole siku-101 Mbombela Street, Pretoria, 4301 kanti inombolo yocingo yona ithi, 012 435 1000. UDalingcebo ungumfana othanda ukukhuluma phambi kwabantu. Esikoleni sakhe ungusihlalo weqembu labakhuluma esidlangalaleni kanti uphinde futhi abe yingxenye yeqembu lenkulumo-mpikiswano noma khona engakukhonzile kangako. Uthanda ukulungisa inkulumo azoyethula kunokuphikisana nabanye ngemibono. Useneminyaka eminingi impela enza lezi zinto zombili futhi usewine imincintiswano emithathu edolobheni langakubo esigabeni sabangaphansi kweminyaka eyi-17.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo uhlala nabazali bakhe kanye nodadewabo oyedwa. Omunye udadewabo omdala, u-Ayanda, usebenza eKapa futhi unefulethi elinamakamelo amabili khona edolobheni. Ifulethi lakhe lisenombolo-23 Palace Street. UDalingcebo uhlala naye uma eseKapa. UDalingcebo uneselula, inombolo yakhe ithi-090 676 2983. Iselula yakhe isayolungiswa ngoba iwile ngeviki eledlule. Inombolo yocingo lwasekhaya yona ithi, 012 434 0552. Umama kaDalingcebo unguthisha esikoleni esifunda indodana yakhe.\n\t\t\t\t\t\nUthisha kaDalingcebo, uNkosikazi Thobela, uhlale emqeqesha futhi emsiza ngokulalela izinkulumo zakhe asuke ezilungiselele. Phela naye uNkosikazi Thobela wayekwenza lokhu ebusheni bakhe waze wayomela izwe emncintiswaneni wamazwe ase-Afrika eneminyaka eyi-16. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu uDalingcebo ngoba naye ufisa ukufika kulelo zinga.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo ubone lesi sikhangiso somncintiswano ozobe useKapa:\n\n\"Umncintiswano wamakhono okukhuluma:\n\t\t\t\t\t\t\nIndawo: Ehholo ledoloba laseKapa\n\t\t\t\t\t\t\nUsuku: 29 kuNovemba 2019\n\t\t\t\t\t\t\nIsikathi: kuyoqalwa ngehora lesi-9 ekuseni\n\t\t\t\t\t\t\nKuyobe kunemikhakha ehlukene yebuciko bokukhuluma.\n\t\t\t\t\t\t\nUkungenela, gcwalisa ifomu bese ulithumela engakashayi umhla zingama-20 kuJulayi 2019.\n\t\t\t\t\t\t\nEminye imininingwane:\nUdinga ukuba ngaphansi kweminyaka engama-21 ubudala\nindawo yokulala iyohlelelwa abaphuma kwamanye amadolobha akude\nimali yokungenela: R100 uma ungeke udinge indawo yokulala, bese kuthi abandinga nendawo kuyomele bafake R150 ngaphezulu.\"", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Phendula ngokuthi iqiniso noma amanga: UGrace wayephelezele umngani wakhe.", "a": "Amanga.", "context": "NguSaturday ekuseni,ngisendleleni eya e-ICC eDurban. Angikholwa ukuthi ngiwine ithikithi lekhonsathi kaJustin Bieber. Ngizobe ngihleli phambili. Mhlawumbe ngizokwazi nokumthinta nje. Ngiyajabula ukuthi isoka lami uZakhele uvakashele ubaba wakhe eLadysmith. Phela ubezoba nomona ebona indlela engimjabulela ngayo uJustin Bieber.\n\nNgempela ngahlala phambili ezihlalweni zokuqala. Kwaqala kwangena uNasty C walandelwa uVusi Nova. Kwaba sengathi bathatha isikhathi eside phela angisakwazi ukulinda. Ekugcineni wangena uJustin Bieber ngeculo lakhe elingichazayo elithi “What do you mean”. Kwase kuthi angizule injabulo, uyena ngempela, wayemi phambi kwami. Lapho mina ngase ngishutha ngishuthile ngibuye ngithathe nevidiyo njengoba ecula nje. Umsindo owawulapho, phela yonke intsha yayifike ngobuningi bayo. Mina nomngani wami uJesta sase sikhala mi izinyembezi zenjabulo. Angiphathi kona uma eke wadansa. Ngase ngibona kahle nje ukuthi kukhona thina sobabili la e-ICC.\n\nWayecula aze agobe. Awu nami ngithole nethuba lokumthinta, kwakungathi ngithintwa ugesi. Ngafunga ukuthi ngeke ngiphinde ngisigeze isandla sami. Ngangilokhu ngisibuka nje ngimoyizele, kube sengathi usasibambile. Ngesikhathi sekhefu ngangingafuni ngisho ukuyothenga isiphuzo esibandayo ngesaba ukuthi kukhona ozothatha indawo yami uma ngike ngasuka.\n\nWabuya eseshintshile esegqoke okunye futhi esemuhle ngenye indlela. Uthe uma engena esiteji wathi uzobiza abalandeli bakhe bazodansa naye. Ngazitshela nje ngaphakathi ukuthi nanto ke ithuba lami. Wabe esememeza kakhulu wathi ‘Anybody by the name of Grace in the house, should come up and dance with me. Angikholwanga ukuthi ubiza igama lami. Nezihlwele zase zimemeza zithi ‘Grace, Grace,Grace’. Ngasukuma, ngagxuma naye welula isandla ukuba angemukele.\n\nNgithe sengisesitebhisini sokugcina ngashibilika (slipped) ngawa. Ngathuka ngaphaphama. Awu madoda kanti ngilele, ngiyaphupha. Maye! Ngizumeke ekilasini ngenkathi uthisha ethi asibhale ngomculi wethu esimthandayo. Uthisha usemi phambi kwami, ikilasi liyahleka liyamemeza, “Grace, Grace, Vuka!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "UGrace umthanda ngokweqile uJustin Bieber. Uyavuma noma uyaphika? Sekela impendulo yakho.", "a": "Yebo umthanda ngokweqile ngoba uze aphuphe ngaye.", "context": "NguSaturday ekuseni,ngisendleleni eya e-ICC eDurban. Angikholwa ukuthi ngiwine ithikithi lekhonsathi kaJustin Bieber. Ngizobe ngihleli phambili. Mhlawumbe ngizokwazi nokumthinta nje. Ngiyajabula ukuthi isoka lami uZakhele uvakashele ubaba wakhe eLadysmith. Phela ubezoba nomona ebona indlela engimjabulela ngayo uJustin Bieber.\n\nNgempela ngahlala phambili ezihlalweni zokuqala. Kwaqala kwangena uNasty C walandelwa uVusi Nova. Kwaba sengathi bathatha isikhathi eside phela angisakwazi ukulinda. Ekugcineni wangena uJustin Bieber ngeculo lakhe elingichazayo elithi “What do you mean”. Kwase kuthi angizule injabulo, uyena ngempela, wayemi phambi kwami. Lapho mina ngase ngishutha ngishuthile ngibuye ngithathe nevidiyo njengoba ecula nje. Umsindo owawulapho, phela yonke intsha yayifike ngobuningi bayo. Mina nomngani wami uJesta sase sikhala mi izinyembezi zenjabulo. Angiphathi kona uma eke wadansa. Ngase ngibona kahle nje ukuthi kukhona thina sobabili la e-ICC.\n\nWayecula aze agobe. Awu nami ngithole nethuba lokumthinta, kwakungathi ngithintwa ugesi. Ngafunga ukuthi ngeke ngiphinde ngisigeze isandla sami. Ngangilokhu ngisibuka nje ngimoyizele, kube sengathi usasibambile. Ngesikhathi sekhefu ngangingafuni ngisho ukuyothenga isiphuzo esibandayo ngesaba ukuthi kukhona ozothatha indawo yami uma ngike ngasuka.\n\nWabuya eseshintshile esegqoke okunye futhi esemuhle ngenye indlela. Uthe uma engena esiteji wathi uzobiza abalandeli bakhe bazodansa naye. Ngazitshela nje ngaphakathi ukuthi nanto ke ithuba lami. Wabe esememeza kakhulu wathi ‘Anybody by the name of Grace in the house, should come up and dance with me. Angikholwanga ukuthi ubiza igama lami. Nezihlwele zase zimemeza zithi ‘Grace, Grace,Grace’. Ngasukuma, ngagxuma naye welula isandla ukuba angemukele.\n\nNgithe sengisesitebhisini sokugcina ngashibilika (slipped) ngawa. Ngathuka ngaphaphama. Awu madoda kanti ngilele, ngiyaphupha. Maye! Ngizumeke ekilasini ngenkathi uthisha ethi asibhale ngomculi wethu esimthandayo. Uthisha usemi phambi kwami, ikilasi liyahleka liyamemeza, “Grace, Grace, Vuka!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Okumele kuqashelwe ngabazali uma kuza ekukhetheni kwabantwana izifundo:", "a": "[\"Ukuthi ingane ikhetha izifundo ezithandayo nephumelela kangcono kuzo\", \"Ukungahlohlani nabangani\"]", "context": "INDIMA EDLALWA NGABAZALI EMFUNDWENI YEZINGANE ZABO\n\nImfundo yokuqala yileyo etholwa yingane ekhaya ingakayi esikoleni. Lokhu kunikeza abazali isikhathi esanele sokuba baziqonde kahle izingane zabo ukuthi zithandani. Kuyenzeka ingane ikhaliphe ezibalweni, enye ibe nekhono lokubhala ngobuciko kanti enye yenza kahle kwezemidlalo. Umsebenzi wabazali osemqoka ukuba baqaphele uma besiza izingane zabo ekukhetheni izifundo noma imikhakha ezilungele.\n\nUmzali makayale ingane ukuba ikhethe izifundo ezithandayo nephumelela kangcono kuzo. Lokhu kwenza ukuthi ingane ingabi nengcindezi yokucinelela izifundo eziyihlulayo ngoba ifuna ukujabulisa umzali. Kuzokwenza kube lula ukufunda enganeni uma ifunda into eyithandayo nezikhethele yona.\n\nAbazali bangasiza izingane ngokuthi, bazibonise amakhono ezinawo ukuze zikhethe lezo zifundo ezihambelana neziphiwo zazo empilweni. Isibonelo salokhu ngukuthi, omunye angakujabulela ukwenza izifundo zomculo kanti omunye angakuthola kungemnandi lokhu.\n\nIzingane kungenzeka zidinge usizo lwabazali ukwenza umsebenzi wesikole. Ngakho- ke kubalulekile ukuba umzali azinikeze isikhathi esanele sokwazi ukuthi lokho okufundwa yingane yakhe esikoleni. Lokhu kungayisiza kakhulu ingane uma kukhona lapho yehluleka khona. Ingane kuyinika umdlandla ukubona umzali ezihlupha ngezincwadi zayo.\n\nKuleli zinga lemfundo emaphakathi, izingane zisuke zisesigabeni esivame ukuhlupha empilweni. Izingane zikholelwa kakhulu kubangani kunokukholelwa kubazali. Umzali kumele aqaphele ingozi yokuthi, ingane ikhethe izifundo ngokududana nabangani. Phela ukuthi, niyezwana nomuntu akusho ukuthi niyafana. Okungamlungela yena kwesinye isikhathi ngeke kwakulungela wena.\n\nUma ingane isiqala ukufunda amabanga aphezulu. Izifundo eziningi zisuke zizintsha kanti nendlela yokufunda neyokufundisa isuke yehluke kakhulu kuleyo yasemabangeni ephuma kuwona. Umzali kuhle enze isiqiniseko sokuthi ingane yakhe inazo zonke izinto nezincwadi ezidingekayo esikoleni. Lokhu kuzoyisiza kakhulu ingane ukuyilekelela ngolwazi oluningi olungayithuthukisa kangcono.\n\nKungasiza uma umzali exoxa nothisha wengane ukuze azi kangcono ngenqubekela phambili yengane yakhe. Lokhu kungasiza ukuqinisekisa ukuthi, ingane iyakwazi ekwenzayo noma idinga ukwelekelelwa. Impilo yengane iba lula ingabi nazihibe uma ingane izozikhethela, ingakhethelwa umzali futhi kubalulekile ukuyisiza ukuba ilandele amaphupho ayo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Usizo olucacile oludingwa yimboni yezinyosi e-Afrika ukuze iphumelele.", "a": "Okudingwa imboni yezinyosi e- Afrika ukuze iphumelele:\n- Ukuqeqeshwa okufanele (kokufuywa kwezinyosi emaphandleni)\n- Ukufinyelela ezimakethe / izindlela zokuthengisa uju\n", "context": "Ukufuywa Kwezinyosi e-Afrika\n \nBengisenkomfeni yezolimo e-Nairobi ngenyanga edlule, ngaba nenhlanhla yokuhlangana nomunye wosomabhizinisi abahlukile baseKenya, u-Amina Nyong’o.\n \nEnyakatho ye-Kenya ewugwadule, u-Amina ukhulisa kancane kancane ibhizinisi lakhe loju lwemvelo ezihlahleni ze-Acacia, futhi uthatha izinyathelo zokuqala zokuthumela umkhiqizo wakhe kwamanye amazwe. Ungitshela ukuthi cishe masonto onke uvakashelwa ngabantu abavela ezigodini ezahlukene, ukuzothola izeluleko futhi becela nokusebenza naye. “Okubalulekile ukuthi kuvame ukufika intsha ngoba iningi layo lifuna ezinye izindlela zokuphila kunokufuya imfuyo futhi abafuyi bezinyosi bangenza imali enhle lapha,” kusho u-Amina. “Ngaphezu kwalokho, kukhona ukushoda koju emhlabeni,” kugcizelela u-Amina. “I-EU iyona engenisa kakhulu izimpahla ezivela kwamanye amazwe emhlabeni. Kukhona ithuba langempela le-Afrika lapho – ngenxa yobusika obungenzima, amazwe amaningi ase-Afrika anezimo ezifanele zokufuya izinyosi ukwenza imali.”\n \nKepha izifiso zika-Amina azincikile enzalweni kuphela. Usebenzisa ibhizinisi lakhe ukukhuthaza ukuvuselelwa kwamahlathi ngasezigodini ezilinyazwe ukugcina imfuyo emashumini eminyaka. Uma kunezihlahla eziningi izinyosi nazo zizoba nokudla okuningi: izinyosi eziningi zithutha impova (i-pollination) engcono yezitshalo zabalimi – nokuvuna uju oluningi. “Ngakho-ke kunenzuzo ephindwe kabili ngokutshala izihlahla futhi umhlaba wonke uzuze,” kuqhubeka u-Amina.\n \nAbantu nezinyosi kungaphilisana. “Ngizokunikeza isibonelo,” kusho u-Amina. “Ukubiya ngezindlu zezinyosi sekuzanywe kwaba impumelelo ezindaweni lapho kuphila khona izindlovu nabantu. Babiyela insimu yezitshalo ngezindlu zezinyosi. Izinyosi ziqhubeka nomsebenzi wazo wokuphothula impova, kepha lapho indlovu iza ukuzodla izitshalo iphazamisa izindlu zezinyosi, izinyosi zibe sezicasuka bese indlovu kufanele ivele ibaleke ngokushesha.” Ngakho-ke, izindawo okufuywa kuzo izinyosi zingathola ukuvikeleka ezitshalweni zazo futhi, lokho kubuye kunciphise ukubulawa kwezindlovu ngenxa yokuziphindiselela. Futhi-ke imali evela ekufuyeni izinyosi isemthethweni, okuyindlela ephephile kunokubulawa kwezilwane zasendle ngokungemthetho.\n \nNgakho-ke, ukugcina izinyosi kubukeka njengemboni enhle ehlanzekile, yize abanye ososayensi benenkinga yokuthi izinyosi zoju zibe uphawu lokulondoloza. Bakhathazwa ukuthi izinyosi zoju zingancintisana nezinye izinambuzane ezithutha impova, okubeka izinhlobo zezilwane zasendle engcupheni.\n \nIsazi sezomnotho sase-Namibia u-Ngeve Shangombe weNyuvesi yase-Namibia (i-UNAM), uveza ukuthi ukufuya izinyosi kudinga nosizo ukuze kufinyelelwe ngokugcwele emnothweni: “Ngaphandle kwemali engenayo yangempela ngeke kube khona isikhuthazo esinamandla esanele sokuthi abantu bavikele izihlahla, lezi ezingagcina sezisetshenziselwa amalahle noma izinkuni.” Uthi, “Inkinga ukuthi ukufuya izinyosi e-Afrika kwesinye isikhathi kuqalwa izinhlangano ezizimele (ama-NGO) njengesinyathelo esihle somnotho. Zinikeza imiphakathi yasemakhaya amakhono ayisisekelo okufuya izinyosi, okuyinto enhle, kepha zibe sezidlulela kwesinye isifunda noma kwelinye izwe zishiye kungekho ukuqeqesheka okwanele ebantwini bendawo futhi baba nobunzima bokuthengisa uju. Kungakapheli neminyaka embalwa, abantu bendawo baphela amandla futhi kujwayelekile ukuthi izindlu zezinyosi zithengiswe ngemali noma zisetshenziswe njengezinkuni. Lokho kungukuqeda amandla.”\n \nU-Amina uyavuma: “Kunezindawo eziningi eningizimu ne-Afrika lapho imboni yezinyosi ingaqhakaza khona iphinde yenze inzuzo. Imboni yezinyosi ingafinyelela ezimakethe zasemadolobheni noma zamazwe omhlaba. Yilokhu abaholi bamabhizinisi endawo abangakunikeza – okuyilapho mina nabanye osomabhizinisi singena khona!”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala abaculi ababili abacula ngaphambi kukaJustin Bieber.", "a": "Vusi Nova, Nasty C", "context": "NguSaturday ekuseni,ngisendleleni eya e-ICC eDurban. Angikholwa ukuthi ngiwine ithikithi lekhonsathi kaJustin Bieber. Ngizobe ngihleli phambili. Mhlawumbe ngizokwazi nokumthinta nje. Ngiyajabula ukuthi isoka lami uZakhele uvakashele ubaba wakhe eLadysmith. Phela ubezoba nomona ebona indlela engimjabulela ngayo uJustin Bieber.\n\nNgempela ngahlala phambili ezihlalweni zokuqala. Kwaqala kwangena uNasty C walandelwa uVusi Nova. Kwaba sengathi bathatha isikhathi eside phela angisakwazi ukulinda. Ekugcineni wangena uJustin Bieber ngeculo lakhe elingichazayo elithi “What do you mean”. Kwase kuthi angizule injabulo, uyena ngempela, wayemi phambi kwami. Lapho mina ngase ngishutha ngishuthile ngibuye ngithathe nevidiyo njengoba ecula nje. Umsindo owawulapho, phela yonke intsha yayifike ngobuningi bayo. Mina nomngani wami uJesta sase sikhala mi izinyembezi zenjabulo. Angiphathi kona uma eke wadansa. Ngase ngibona kahle nje ukuthi kukhona thina sobabili la e-ICC.\n\nWayecula aze agobe. Awu nami ngithole nethuba lokumthinta, kwakungathi ngithintwa ugesi. Ngafunga ukuthi ngeke ngiphinde ngisigeze isandla sami. Ngangilokhu ngisibuka nje ngimoyizele, kube sengathi usasibambile. Ngesikhathi sekhefu ngangingafuni ngisho ukuyothenga isiphuzo esibandayo ngesaba ukuthi kukhona ozothatha indawo yami uma ngike ngasuka.\n\nWabuya eseshintshile esegqoke okunye futhi esemuhle ngenye indlela. Uthe uma engena esiteji wathi uzobiza abalandeli bakhe bazodansa naye. Ngazitshela nje ngaphakathi ukuthi nanto ke ithuba lami. Wabe esememeza kakhulu wathi ‘Anybody by the name of Grace in the house, should come up and dance with me. Angikholwanga ukuthi ubiza igama lami. Nezihlwele zase zimemeza zithi ‘Grace, Grace,Grace’. Ngasukuma, ngagxuma naye welula isandla ukuba angemukele.\n\nNgithe sengisesitebhisini sokugcina ngashibilika (slipped) ngawa. Ngathuka ngaphaphama. Awu madoda kanti ngilele, ngiyaphupha. Maye! Ngizumeke ekilasini ngenkathi uthisha ethi asibhale ngomculi wethu esimthandayo. Uthisha usemi phambi kwami, ikilasi liyahleka liyamemeza, “Grace, Grace, Vuka!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Usebenza izinsuku ezingaki emsakazweni uSimangele?", "a": "Ezinhlanu/Msombuluko kuze kube nguLwesihlanu.", "context": "USimangele ukhule azi ukuthi uzogcina esebenza kumabonakude noma abazali bakhe babenamanye amaphupho ngempilo yakhe. Abazali bakhe babefisa ukuba abe ngunjiniyela kwezikagesi. Uthando lokuba ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude lwakhula kakhulu emva kokuba evakashele lapho kwakuqoshwa khona uhlelo lwabantwana. Wayeneminyaka eyi-14 kuphela ngaleso sikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nKwakufanele ukuba abacele abazali bakhe ukuba ayofunda okuhlukile kunalokhu ababekucabangile. Kwakungesona isinqumo esilula kubaba kaSimangele. Ubaba wakhe wayekhala ngokuthi akazukuhola imali eningi kulo mkhakha ayewukhetha. USimangele wayezithandela ukuba phambi kwamakhamera nokuba nabalandeli abaninginingi, kodwa imali yayingayona into emkhathazayo. Wayengazi nokuthi uyohola malini mhla eqala ukusebenza.\n\t\t\t\t\t\t\nNamuhla, uSimangele uyajabula ukuthi walandela inhliziyo yakhe. Kule minyaka engama-20 enza lo msebenzi akazisoli. Konke ukubona kwenzeka ngendlela ayefisa ngayo. Uma engahlehlisa isikhathi angaphinde akhethe wona lo mkhakha.\n\t\t\t\t\t\t\nUhlelo lukamabonakude alwethulayo luthandwa kakhulu ngabantu abasha. Uvame ukusebenza izinsuku ezintathu evikini ukuqopha iziqephu eziyisithupha, ezidlala amasonto ayisithupha kumabonakude. Uqala ukuqopha ekuseni kakhulu ngehora lesi-5 aze aqede ngehora le-12 emini. Emva kwalokho uphuthuma emsakazweni. Phela ubuye asebenze nasemsakazweni. Uhlelo lwakhe lwasemsakazweni lungena ngehora lesi-2 ntambama luphele ngehora lesi-5 kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesihlanu. Unenhlanhla ukuthi abantu asebenzisana nabo bayasiqonda isimo sakhe futhi benza izinto zibe lula kuye.\n\t\t\t\t\t\t\nNjengomuntu ongusaziwayo, ubuye abizwe ezindaweni ezahlukene ukuba azonandisa noma azokhuthaza. Uvame ukucelwa ukuba abe ngumphathi wohlelo emishadweni ngezimpelasonto. Ngezinye izinsuku wenza ucwaningo noma abe nemihlangano nabadidiyeli bohlelo lwakhe lwakumabonakude.\n\t\t\t\t\t\t\nUSimangele ukholelwa ekutheni kubalulekile ukuba ube nephupho empilweni bese ulilandela. Uyabancoma abazali bakhe ngokuba bamvumele ukuba alandele inhliziyo yakhe noma kwakungelula ekuqaleni. Ubaba wakhe nguye ongumlandeli wakhe omkhulu. Akaphuthelwa wuhlelo lwakhe olukumabonakude olungena njalo ngoLwesine ngehora lesi-6 ebusuku.\n\t\t\t\t\t\t\nUSimangele ungowesifazane ozaziyo ukuthi ufunani empilweni. Maningi amathuba avelayo manje empilweni yakhe kodwa akathatheki kalula. Akazimisele ukuthatha noma yini ngoba ehehwa yimali angayihola. Ufuna ukwenza umsebenzi ozogcina isithunzi sakhe sihloniphekile futhi wenze nabazali bakhe bahlale beziqhenya ngaye.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguKhanyisile ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nImininingwane ngawe\n\nIgama:", "a": "Khanyisile", "context": "UKhanyisile Mdletshe ungumuntu ozithandayo izilwane ezifuywayo emakhaya ezifana nezinja, amakati nezinye. Usafunda isikole okwamanje kodwa uma eqeda ufisa ukuyofunda eNyuvesi yasePitoli lapho ezokwenza izifundo zokuba ngudokotela wezilwane. Uneminyaka eyi-16 ubudala futhi useselelwe ngunyaka owodwa ukuba aqede e-New Hanover High School lapho engumfundi khona. Inombolo yesikole ithi, -063 9 245 536. Ikheli lona lithi, 132 Chelmsford Road, Bulawayo.\n\t\t\t\t\t\t\nUKhanyisile uhlala nomama wakhe uSebenzile Mdletshe. Ubaba wakhe usebenza e-Zambia kanti uvame ukubuya emva kwezinyanga ezimbili. USebenzile uyintatheli yephephandaba. Inombolo yakhe yocingo ithi -004 020 1723 kanti uyatholakala nakuyo i-imeyili ethi: sebenzilem@ezesizwe.org uthinteka kalula ngocingo ngoba uhlale esemgwaqeni. Ikhaya likaKhanyisile likunombolo-23 Esigodini Road, Bulawayo. Inombolo yocingo ithi, -063 9 263 323.\n\t\t\t\t\t\t\nNjalo ngempelasonto uthanda ukuvakashela izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo. Uyathanda ukusiza lapho ngaphandle kokukhokhelwa. UKhanyisile ubone isikhangiso lapho kufuneka abantu abazosebenza ngezimpelasonto noma ebusuku esibhedlela esisha sezilwane. Lokhu kungaba yithuba elihle kakhulu kuye ngoba lokhu kuhambisana nezifundo afisa ukuzenza kanti futhi kuyinto athandayo ukuyenza.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kuchaza ukuthini lokhu: Ngalala ngiphenduka", "a": "Ngicabangisisa.", "context": "THEMBA LAMI\n\nUlethe ukukhanya empilweni,\nLapho ngidukuza ebumnyameni\nWangiqoqa ngabuya ekudukeni,\nLaqala lahluma ithemba,\nNgazibona ngifanelwe ukuphila\n\nAmazwi akho ankenteza ezindlebeni,\nNgalala ngiphenduka ngizibuza,\nNgabe ngempela uqinisile,\nNoma izethembiso eziwangala\nNgema isibindi ngakugaxa ucu.\n\nSesiphakathi emkhunjini wothando.\nNgithemba uyazi sibhekephi\nNgibheke wena ngicela ungangiphox.i\nUngangishayi, ungangibhangqi, ungazise.\nImibuzo", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Amaqembu afika kanjani emapulazini ngamaholide awo?", "a": "Nngebhasi elihlelwe iZula Nathi.", "context": "Zula Nathi\n\nIzingane eziningi namuhla azinalo ulwazi lokuthi ukudla ezikudlayo kuvela kuphi. EZula Nathi inhloso yethu ukuzibonisa!\n\nIZula Nathi ihlelela abafundi abaneminyaka esukela kweyi-11 kuya kweyi-18 amaholidi asemapulazini. Sesisebenze nezikole iminyaka eyi-15, sithatha abafundi emadolobheni amakhulu baye emapulazini kuyo yonke iNingizimu Afrika. Ngesikhathi sokuhlala kwabo emapulazini, abafundi bavuka ekuseni ngovivi ukusiza epulazini...\n• ngokusenga izinkomo\n• ngezinkukhu\n• ngokutshala imbewu\n• ngokukha imifino.\n\nKepha akuwona wodwa umsebenzi.\n\nKuhlala kukhona nechibi lokubhukuda nezifundo zamahhala zanoma yibaphi abangakwazi ukubhukuda. Kukhona nethuba lokuzwa injabulo yokugibela ihhashi – inqobo nje uma abagibeli besivumela ukuthi sibakhombise ukuthi anakekelwa kanjani amahhashi.\n\nKonke ukudla okudliwa yizingane kulinywa epulazini. Ukuphepha nempilo enhle kuyinto eza kuqala kithi. Amapulazi ethu akhethwa ngokucophelela futhi ahlolisisiwe.\n\nUkuhlala epulazini isonto eli-1 kuya kwama-2. Siphakamisa ukuthi kube nothisha ababili eqenjini ngalinye, owesilisa oyedwa nowesifazane oyedwa ezinganeni ezingalinganiselwa kuma-24. Igumbi ngalinye lingathatha amantombazane noma abafana abangafika kwabayi-6 kanti uthisha ngamunye unegumbi lakhe. Konke kulula kakhulu – size sihlele namabhasi okuthutha abafundi asuka ezikoleni aye emapulazini.\n\nUkubhukha, sicela uxhumane nathi kunombolo yocingo-079 123 4567. Ungathola eminye imininingwane – namavidiyo amapulazi ethu – kuwebhusayithi yethu: www.zula-nathi.co.za.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngokusho kukaDumisani, yini engaqeda injabulo yohambo lweholide?", "a": "Ukukhohlwa into oyidinga kakhulu futhi engatholakali kalula", "context": "Makhulu amathuba okuthi kube khona okungenani into eyodwa oyikhohlwayo uma uthatha uhambo oluya eholideni. Kungenzeka kube yinto encane noma engabalulekile kakhulu kodwa kwesinye isikhathi kungaba yinto oyidinga ngempela futhi engatholakali kalula. Lokhu kungaqeda injabulo yohambo lwakho.\n\t\t\t\t\t\t\nIzinto engivame ukuzikhohlwa uma ngithatha uhambo kuba yisixubho, umuthi wokuxubha amazinyo noma amasokisi. Mhla mina nomngani wami uSabelo sizoya eholideni e-Spain sasijabule kakhulu. Ngenxa yokuthi uSabelo wayezobe eqala ukuya phesheya wayengazi ukuthi alindeleni kulolu hambo lwethu. Ngingasho nje ukuthi wayenalo novadlwana. Mina ngangijabulele ukuthi ngizohamba nomngane wami omkhulu. Ubumnandi beholide kimina abuyi ngendawo engiyivakashelayo kuphela, abantu enginabo nabo badlala indima yabo. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngikhethe abantu engikujabulelayo ukuchitha nabo isikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nNgenxa yokuthi ngangingaqali ukuthatha uhambo olufana nalolu ngase ngikwazi okulindelekile. Ngase ngifundile futhi ukuthi ukukhohlwa kuyinkinga engakanani ngakho-ke ngenza isiqiniseko sokuthi ngibhale amanothi kumakhalekhukhwini wami ezinto zonke okwakumele ngizikhumbule. Okumangazayo ikhona ukuthi ngisho sengikwenzile lokhu, yaba khona into esathi uma sifika e-Barcelona sabona ukuthi siyikhohliwe. Kwakuyi-charger yomshini wokushefa. Yikhona okwangenza ngafuna ukuthola ukuthi yini kahle kahle ngempela edala lokhu. Ucwaningo engalwenza lwangifundisa izinto ezimbalwa.\n\t\t\t\t\t\t\nOkokuqala nokwangimangaza ukuthola ukuthi iminyaka yomuntu ihambisana nezinto angazikhohlwa. Kuthiwa abantu abasha bavame ukukhohlwa izinto ezifana nokudla, amasokisi, kanye nama-charger omakhalekhukhwini. Abadala bona bavamise ukukhohlwa imithi, izinto zokugeza ikhanda kanye nezamehlo. Kuze kube manje angikazi noma ngikukholwe yini konke lokhu.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye engakuthola ocwaningweni futhi engikukholwayo ukuthi uma uthatha uhambo usuke ungekho esimweni esijwayelekile okuyingakho eba makhulu amathuba okukhohlwa izinto ezithile. Lokhu kwenza umqondo kimi ngoba kulula ukukhohlwa into ongajwayele ukuyenza. Kudinga ingqondo yakho isebenze ngokweqile. Njengabantu, izingqondo kanye nemizimba yethu ziyajwayela lokhu esivame ukukwenza bese kuthi uma kukhona okusha kudinga izingqondo zethu zisebenze kakhulu kunokuvamile.\n\t\t\t\t\t\t\nNgithe uma sengiyicabangisisa le ndaba kwangifikela ukuthi kuyawenza umqondo ngempela ukuthi kungani kube lula ukuthi kube khona into ethize oyikhohlwayo uma uzothatha uhambo oluya phesheya. Ziningi kakhulu izinto okumele uzikhumbule. Akugcini nje ngamathikithi, ukupakisha izimpahla, ukukhuluma nomakhelwane ozokugadela izinja zakho. Umuntu oya eholideni ngingamluleka ngokuthi ayibhekisise kabili yonke imininingwane. Abhekisise isikhathi okumele abe ngaso esikhumulweni sezindiza, aqinisekise ukuthi unayo inombolo kanye nemininingwane yehhotela azohlala kulo, amanothi ezinto okubalulekile ukuthi aziphathe, njalo njalo.\n\t\t\t\t\t\t\nKulesi sikhathi esiphila kuso sezobuchwepheshe kumele sisebenzise omakhalekhukhwini bethu kanye namakhompuyutha. Sesiyakwazi manje ukufaka imininingwane kumakhalenda azokwazi ukusikhumbuza imininingwane efanele.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Okumele ukukhumbule ngamaphutha akho", "a": "[\"Ungakhetha ukuba aqede ngempilo yakho\", \"Ukhethe ukuthi akufundise okuthile ngawe\", \"Amaphutha wakho angakwenza uhluke kwabanye abantu.\"]", "context": "Kulula ukuphatha abanye abantu kahle ngokubahlonipha nokubakhombisa uthando kodwa sikhohlwe ukuzinakekela thina uqobo lwethu. Sichitha isikhathi esiningi sakha ubuhlobo noma ubungane nabanye abantu kodwa thina sizikhohlwe. Kubalulekile ukuthi nathi sizinake ukuze sikwazi ukuba nobudlelwane obunempumelelo nabanye abantu.\n\nKuqala ngokuthi wena ube ngumngane wakho. Lokhu kusho ukuthi uzithande, uzikhuthaze futhi uzilekelele ngendlela owenza ngayo nakulabo bantu obathandayo. Abanye abantu bazama ukuthola intokozo nokweneliseka ngaphandle noma kwabanye abantu. Akulula ukuba nabangane uma wena ungeyena umngane wakho omkhulu.\n\nEzinye zezinto ezingakusiza ukuba uphumelele kulokhu yilezi:\n\n• Thokozela isikhathi sakho uwedwa. Abantu abaningi bachitha isikhathi sabo esiningi bexhumana nabangane nezihlobo ezinkundleni zokuxhumana nangokuphuma nabo baye ezindaweni zobumnandi. Angazi ukuthi bangaki abantu abasithathayo isikhathi sokuba babe bodwa bangathikamezwa ngamaselula abo noma omabonakude. Kuhle ukuba uzinike ithuba lokuba sendaweni ethule ukuze uzizwe nalapho ucabanga. Ngiyazi ukuthi akuyona into elula le ngoba sihlale sizungezwe abantu emsebenzini nasemakhaya. Okungisizayo mina ukuthi kanye ngeviki angihlali nozakwethu ngesikhathi selantshi. Ngiyaphuma ehhovisi ngizihambele ngedwa. Ngiyakholwa ukuthi ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa lapha ngoba lokhu kusiza nokuthi ngingahlali etafuleni lami usuku lonke.\n• Funda ukuzethemba. Uma umuntu omthandayo enesidingo uyamsiza ngokumkhombisa uthando. Kuyenzeka ukuthi sidinge ukuthatha isinqumo noma sizithole sisesimweni lapho sidinga ukukhuthazeka. Wenzenjani kuleso simo uma kungekho mngane noma umuntu othandiweyo wakho eduze ngalowo mzuzu? Uyakwazi ukuthemba eyakho imicabango? Uyakwazi ukuphendukela kuwe uma unesimo esibucayi? Akekho umuntu odlula wena ekuthatheni izinqumo eziphathelene nempilo yakho. Kuhle wazi ukuthi uma uzithathela izinqumo akekho omunye umuntu ongamgxeka uma ungaphumeleli futhi akekho umuntu ongamncoma lapho uphumelela.\t\n• Okokugcina ukuba ufunde ukuzixolela. Akekho umuntu ongawenzi amaphutha. Sonke senza amaphutha ahlukene empilweni. Akumele uzijezise kakhulu uma wenze iphutha. Ungaba kanjani ngumngane wakho uma ungazixoleli? Kumele ukhumbule ukuthi amaphutha akho ungakhetha ukuba aqede ngempilo yakho noma akufundise okuthile ngawe. Amaphutha akho yiwona akwenza ungafani nomunye umuntu oseceleni kwakho.\n\nNgakho-ke, ubungane buqala lapha kuwe. Yiba ngumngane wakho omkhulu nowokuqala ukuze ukwazi ukuba ngumngane wangempela nakwabanye.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Chaza ukuthi uTholi ubuphazamisa kanjani ubudlelwane phakathi kukaBheki nalaba balingiswa abalandelayo: Umalume kaBhekani", "a": "Umalume wayenemibuzo eminingi ngoTholi ayengakwazi ukuyiphendula uBhekani ngoba naye engazi, waze wamtshela nokuthi umfunani nje umuntu olingana nomama wakhe.Umalume akazange aze avume ukuthi ayomlobolela ngenxa yokuthi wayengayithandisisi indaba kaTholi.", "context": "UMSHADO\n\n“Kazi le mali yami iyobuyiswa ubani,nini?”\nAzibuze lombuzo uBheki angayitholi\nimpendulo.Akahlalanga kakhuli esikoleni\nwaphuthuma ukuyokhipha imali. Wabuya\nwazolinda uPamella.”Uma lemali ingabuyi\nisiyongena elobolweni,”\n\nEmva kwesikhashana nje atheleke uPamella. Ufika\nngemoto ebomvu.Athi ukwethuka uBheki.\nAkhumbule ukuthi uLindiwe naye wathathwa imoto\nebomvu.Abone uSifiso ephakamisa isandla\nebingelela uPamella.Imxake futhi leyo\nuBheki.Ubengazi ukuthi uPamella noSifiso\nbayazana.", "grade": "11", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "UTholakele uvezwe njengomlingiswa:\na) Oyisigebengu?\nb) Onesibindi?\nc) Ongathembekile?\n\nChaza bese usekela lokhu okungenhla ngezibonelo ezisendabeni.", "a": "UTholakele uyisigebengu ngoba udayisa insangu kanye nezidakamizwa futhi\nunemali yomgunyathi.Ujwayelene noZenze abenza naye ubugebengu.\n\nUnesibindi: Wayengamsabi uBheki ukuthi angagcina elithola iqiniso ngemikhuba\nyakhe. Wayeziqhubekela nje nemisebenzi yakhe angakushayi ndiva ukuthi lingase\nlivele iqiniso kuBhekani.\n\nAkathembekile: Okuningi ayekwenza wayengamtsheli uBheki. Ngisho ubheki ezama\nukumbuza wayengamtsheli okuyikona. Akazange akhulume iqiniso ngisho\nnagesikhathi eselotsholwa waqhubeka namanga.", "context": "UMSHADO\n\n“Kazi le mali yami iyobuyiswa ubani,nini?”\nAzibuze lombuzo uBheki angayitholi\nimpendulo.Akahlalanga kakhuli esikoleni\nwaphuthuma ukuyokhipha imali. Wabuya\nwazolinda uPamella.”Uma lemali ingabuyi\nisiyongena elobolweni,”\n\nEmva kwesikhashana nje atheleke uPamella. Ufika\nngemoto ebomvu.Athi ukwethuka uBheki.\nAkhumbule ukuthi uLindiwe naye wathathwa imoto\nebomvu.Abone uSifiso ephakamisa isandla\nebingelela uPamella.Imxake futhi leyo\nuBheki.Ubengazi ukuthi uPamella noSifiso\nbayazana.", "grade": "11", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngokusho kukaDumisani, ezobuchwepheshe zingasiza kanjani?", "a": "Ukukwazi ukufaka imininingwane kumakhalenda azokwazi ukusikhumbuza imininingwane efanele", "context": "Makhulu amathuba okuthi kube khona okungenani into eyodwa oyikhohlwayo uma uthatha uhambo oluya eholideni. Kungenzeka kube yinto encane noma engabalulekile kakhulu kodwa kwesinye isikhathi kungaba yinto oyidinga ngempela futhi engatholakali kalula. Lokhu kungaqeda injabulo yohambo lwakho.\n\t\t\t\t\t\t\nIzinto engivame ukuzikhohlwa uma ngithatha uhambo kuba yisixubho, umuthi wokuxubha amazinyo noma amasokisi. Mhla mina nomngani wami uSabelo sizoya eholideni e-Spain sasijabule kakhulu. Ngenxa yokuthi uSabelo wayezobe eqala ukuya phesheya wayengazi ukuthi alindeleni kulolu hambo lwethu. Ngingasho nje ukuthi wayenalo novadlwana. Mina ngangijabulele ukuthi ngizohamba nomngane wami omkhulu. Ubumnandi beholide kimina abuyi ngendawo engiyivakashelayo kuphela, abantu enginabo nabo badlala indima yabo. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngikhethe abantu engikujabulelayo ukuchitha nabo isikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nNgenxa yokuthi ngangingaqali ukuthatha uhambo olufana nalolu ngase ngikwazi okulindelekile. Ngase ngifundile futhi ukuthi ukukhohlwa kuyinkinga engakanani ngakho-ke ngenza isiqiniseko sokuthi ngibhale amanothi kumakhalekhukhwini wami ezinto zonke okwakumele ngizikhumbule. Okumangazayo ikhona ukuthi ngisho sengikwenzile lokhu, yaba khona into esathi uma sifika e-Barcelona sabona ukuthi siyikhohliwe. Kwakuyi-charger yomshini wokushefa. Yikhona okwangenza ngafuna ukuthola ukuthi yini kahle kahle ngempela edala lokhu. Ucwaningo engalwenza lwangifundisa izinto ezimbalwa.\n\t\t\t\t\t\t\nOkokuqala nokwangimangaza ukuthola ukuthi iminyaka yomuntu ihambisana nezinto angazikhohlwa. Kuthiwa abantu abasha bavame ukukhohlwa izinto ezifana nokudla, amasokisi, kanye nama-charger omakhalekhukhwini. Abadala bona bavamise ukukhohlwa imithi, izinto zokugeza ikhanda kanye nezamehlo. Kuze kube manje angikazi noma ngikukholwe yini konke lokhu.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye engakuthola ocwaningweni futhi engikukholwayo ukuthi uma uthatha uhambo usuke ungekho esimweni esijwayelekile okuyingakho eba makhulu amathuba okukhohlwa izinto ezithile. Lokhu kwenza umqondo kimi ngoba kulula ukukhohlwa into ongajwayele ukuyenza. Kudinga ingqondo yakho isebenze ngokweqile. Njengabantu, izingqondo kanye nemizimba yethu ziyajwayela lokhu esivame ukukwenza bese kuthi uma kukhona okusha kudinga izingqondo zethu zisebenze kakhulu kunokuvamile.\n\t\t\t\t\t\t\nNgithe uma sengiyicabangisisa le ndaba kwangifikela ukuthi kuyawenza umqondo ngempela ukuthi kungani kube lula ukuthi kube khona into ethize oyikhohlwayo uma uzothatha uhambo oluya phesheya. Ziningi kakhulu izinto okumele uzikhumbule. Akugcini nje ngamathikithi, ukupakisha izimpahla, ukukhuluma nomakhelwane ozokugadela izinja zakho. Umuntu oya eholideni ngingamluleka ngokuthi ayibhekisise kabili yonke imininingwane. Abhekisise isikhathi okumele abe ngaso esikhumulweni sezindiza, aqinisekise ukuthi unayo inombolo kanye nemininingwane yehhotela azohlala kulo, amanothi ezinto okubalulekile ukuthi aziphathe, njalo njalo.\n\t\t\t\t\t\t\nKulesi sikhathi esiphila kuso sezobuchwepheshe kumele sisebenzise omakhalekhukhwini bethu kanye namakhompuyutha. Sesiyakwazi manje ukufaka imininingwane kumakhalenda azokwazi ukusikhumbuza imininingwane efanele.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguKhanyisile ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nImininingwane ngawe\n\nIkheli:", "a": "23 Esigodini Road, Kwabulawayo", "context": "UKhanyisile Mdletshe ungumuntu ozithandayo izilwane ezifuywayo emakhaya ezifana nezinja, amakati nezinye. Usafunda isikole okwamanje kodwa uma eqeda ufisa ukuyofunda eNyuvesi yasePitoli lapho ezokwenza izifundo zokuba ngudokotela wezilwane. Uneminyaka eyi-16 ubudala futhi useselelwe ngunyaka owodwa ukuba aqede e-New Hanover High School lapho engumfundi khona. Inombolo yesikole ithi, -063 9 245 536. Ikheli lona lithi, 132 Chelmsford Road, Bulawayo.\n\t\t\t\t\t\t\nUKhanyisile uhlala nomama wakhe uSebenzile Mdletshe. Ubaba wakhe usebenza e-Zambia kanti uvame ukubuya emva kwezinyanga ezimbili. USebenzile uyintatheli yephephandaba. Inombolo yakhe yocingo ithi -004 020 1723 kanti uyatholakala nakuyo i-imeyili ethi: sebenzilem@ezesizwe.org uthinteka kalula ngocingo ngoba uhlale esemgwaqeni. Ikhaya likaKhanyisile likunombolo-23 Esigodini Road, Bulawayo. Inombolo yocingo ithi, -063 9 263 323.\n\t\t\t\t\t\t\nNjalo ngempelasonto uthanda ukuvakashela izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo. Uyathanda ukusiza lapho ngaphandle kokukhokhelwa. UKhanyisile ubone isikhangiso lapho kufuneka abantu abazosebenza ngezimpelasonto noma ebusuku esibhedlela esisha sezilwane. Lokhu kungaba yithuba elihle kakhulu kuye ngoba lokhu kuhambisana nezifundo afisa ukuzenza kanti futhi kuyinto athandayo ukuyenza.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguDalingcebo futhi ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nUmncintiswano wamakhono okukhuluma\n\nIndlela esingakuthinta ngayo kalula kanye nemininingwane:", "a": "Ucingo lwasekhaya, 012 434 0552", "context": "UDalingcebo Masuku ngumfana oneminyaka eyi-16. Ufunda e-St Paul’s College esedolobheni lasePitoli. Isikole siku-101 Mbombela Street, Pretoria, 4301 kanti inombolo yocingo yona ithi, 012 435 1000. UDalingcebo ungumfana othanda ukukhuluma phambi kwabantu. Esikoleni sakhe ungusihlalo weqembu labakhuluma esidlangalaleni kanti uphinde futhi abe yingxenye yeqembu lenkulumo-mpikiswano noma khona engakukhonzile kangako. Uthanda ukulungisa inkulumo azoyethula kunokuphikisana nabanye ngemibono. Useneminyaka eminingi impela enza lezi zinto zombili futhi usewine imincintiswano emithathu edolobheni langakubo esigabeni sabangaphansi kweminyaka eyi-17.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo uhlala nabazali bakhe kanye nodadewabo oyedwa. Omunye udadewabo omdala, u-Ayanda, usebenza eKapa futhi unefulethi elinamakamelo amabili khona edolobheni. Ifulethi lakhe lisenombolo-23 Palace Street. UDalingcebo uhlala naye uma eseKapa. UDalingcebo uneselula, inombolo yakhe ithi-090 676 2983. Iselula yakhe isayolungiswa ngoba iwile ngeviki eledlule. Inombolo yocingo lwasekhaya yona ithi, 012 434 0552. Umama kaDalingcebo unguthisha esikoleni esifunda indodana yakhe.\n\t\t\t\t\t\nUthisha kaDalingcebo, uNkosikazi Thobela, uhlale emqeqesha futhi emsiza ngokulalela izinkulumo zakhe asuke ezilungiselele. Phela naye uNkosikazi Thobela wayekwenza lokhu ebusheni bakhe waze wayomela izwe emncintiswaneni wamazwe ase-Afrika eneminyaka eyi-16. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu uDalingcebo ngoba naye ufisa ukufika kulelo zinga.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo ubone lesi sikhangiso somncintiswano ozobe useKapa:\n\n\"Umncintiswano wamakhono okukhuluma:\n\t\t\t\t\t\t\nIndawo: Ehholo ledoloba laseKapa\n\t\t\t\t\t\t\nUsuku: 29 kuNovemba 2019\n\t\t\t\t\t\t\nIsikathi: kuyoqalwa ngehora lesi-9 ekuseni\n\t\t\t\t\t\t\nKuyobe kunemikhakha ehlukene yebuciko bokukhuluma.\n\t\t\t\t\t\t\nUkungenela, gcwalisa ifomu bese ulithumela engakashayi umhla zingama-20 kuJulayi 2019.\n\t\t\t\t\t\t\nEminye imininingwane:\nUdinga ukuba ngaphansi kweminyaka engama-21 ubudala\nindawo yokulala iyohlelelwa abaphuma kwamanye amadolobha akude\nimali yokungenela: R100 uma ungeke udinge indawo yokulala, bese kuthi abandinga nendawo kuyomele bafake R150 ngaphezulu.\"", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kwaba yini imbangela yokushona (cause of death) kwakhe.", "a": "Ukudla izidakamizwa ngokweqile.", "context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ugandaganda ugingqikela edamini.\nKusasa ...", "a": "Kusasa ugandaganda uzogingqikela edamini.", "context": "", "grade": "2", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngubani umbhali wale khathuni?", "a": "Qaps Mngadi", "context": "", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Izinto okumele uziqhaphele uma usebenzisa izinkundla zokuxhumana", "a": "[\"ukungabi abangani nabantu ongabazi\", \"ukungabhali noma yini nje/ukukhetha okushoyo\", \"ukungathumeli noma yiziphi izithombe zakho\", \"ukuvikela imininingwane yakho\"]", "context": "Kuyiqiniso esingeke saliphikisa ukuthi siphila esikhathini sobuchwepheshe besimanje. Ungathola lonke ulwazi oludingayo ngokucofa ibhathini, yingakho abantu behlala bephethe omakhalekhukhwini, ama-tablet nanoma yikuphi okunye okusebenza ngobuchwepheshe besimanje. Impilo seyilula kakhulu manje. Isibonelo salokhu ukuthi siyakwazi ukuxhumana nabantu umhlaba wonke. Akukhathaleki ukuthi bakude kangakanani. Ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje kuyasisiza ukonga isikhathi. Siningi isikhathi ebesingasichitha emgwaqeni kodwa manje siyasonga ngokuthenga sihleli emakhaya. Kuningi okunye esingakwenza sizihlalele emakhaya noma sihleli edesikini emsebenzini.\n\nKukhona izinto eziningi ezinhle uma kuza kwezobuchwepheshe. Buningi futhi nobungozi abantu abangangena kubo uma bengaqwashisiwe. Abantu abasha bathanda kakhulu izinkundla zokuxhumana. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi uzisebenzisa kanjani lezi zinkundla uma usukhethe ukungena kuzo. Kumele wazi ukuthi yini eyamukelekile nelungile kanye nengalungile uma ukulezi zinkundla. Okokuqala ukuthi ungabamukeli abantu ongabazi ukuba babe ngabangani bakho kulezi zinkundla zokuxhumana ngoba bangakukhohlisa ngokuthi baziveze njengabantu abangesiyibo uqobo lwabo. Bangaqamba amanga ngeminyaka yabo futhi babe nezinhloso ezimbi abafuna ukuzifeza. Kuphephile ukuxoxa nabantu obaziyo. Phela kunabantu abahlukumezanayo nabayiziqhwaga ezinkundleni zokuxhumana.\n\nKumele futhi uqaphele ukuthi yini oyibhalayo noma oyishoyo kwabanye kulezi zinkundla. Ngoba kulula ukuzithola ususenkingeni. Omunye angasho izinto ngomunye angeke akwazi ukuzisho ebusweni bakhe uma sebebonana. Lokhu akukuhle. Okokugcina, kuhle ucabangisise ngaphambi kokufaka izithombe ezinkundleni zokuxhumana. Kulukhuni ukuzisusa izithombe uma sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana. Ezinye izinkampani ngaphambi kokuba zikuqashe zingabheka ukuthi uvela njengomuntu onjani ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kungaba nomthelela ekutheni uyawuthola yini noma awuwutholi umsebenzi ofake isicelo sawo.\n\nEnye yezinto engiziqaphelile ukuthi abantu abayivikeli imininingwane yabo ezinkundleni zokuxhumana. Zonke izinkundla zokuxhumana zinezinhlelo zokuvikela ukuthi yini engabonwa abanye abantu mayelana nawe kodwa kumele ukuthi wena ukukhethe ofisa bakubone. Imininingwane efana nekheli lakho kanye nenombolo yakho yocingo akufanele ibonwe yiwona wonke umuntu ngakho- ke kugcine lokhu kufihlekile. Bantu abasha, ngiyazi ukuthi angeke kube lula ngaso sonke isikhathi kodwa, kubalulekile ukuthi nabazali benu nibazise ukuthi yini eniyenzayo ezinkundleni zokuxhumana nakuyo nje i-intanethi. Noma abantu abadala bangaba nolwazi oluncane ngobuchwephese kodwa bayakwazi ukushesha ukubona uma kukhona into engahambi kahle nengaba yingozi. Abazali bakho bangakubekela imithetho okumele uyilandele kodwa khumbula ukuthi basuke besiza wena befuna uvikeleke.\n\nUbuchwepheshe buza nezinto ezizosiza izimpilo zethu. Masiwasebenzise wonke amathuba esiwalethelwa ezobuchwepheshe. Noma kunjalo, kolunye uhlangothi simelwe ukuqinisekisa ukuthi impilo yethu ayidluli phambi kwethu noma yonakale ngenxa yobuchwepheshe.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguThandi ugcwalisa leli fomu elilandelayo. \n\nKwaZulu Natal Cultural Holiday Camps Ifomu lokubhukha\nIsigaba A: Imininingwane yakho. \n\nAmagama aphelele: Thandi Gumede\nIkheli: 17 Victoria Street, eThekwini\nIzidingo zokudla: ", "a": "Amagama aphelele: Thandi Gumede\nIkheli: 17 Victoria Street, eThekwini\nIzidingo zokudla: Ukudla okungenanyama", "context": "UThandi Gumede uhlala eThekwini, e-17 Victoria Street.\n\nUjabulele ukuya ekhempini yomculo, umdanso nomdlalo. Uneminyaka eyi-16 manje, kodwa usecule iminyaka eyi-10 esigodini sakubo, kusukela eneminyaka eyi-6 nje kuphela. Kwathi lapho uThandi eseneminyaka eyi-8, umalume wakhe wamthengela isigujana. Ngemuva kweminyaka emibili wamnika isiginci futhi manje usesidlala kamnandi. Uthisha kaThandi wamkhuthaza futhi ngonyaka odlule wazuza umklomelo wesifunda wokuba umculi omncane wonyaka. Kunezinto eziningi angazenza ekhempini. UThandi ufuna ukuzama umdlalo kodwa inhloso yakhe enkulu ukudlala isiginci.\n\nIkhempu yase-Kloof iseduze nasekhaya, kodwa uzizwa sengathi isonto alilide ngokwanele. Ubaba wakhe uthi i-Howick isekudeni kakhulu (uzomhambisa ngemoto lapho esefuna ukuhamba, nakuba ematasa impela ngo Aphreli). Ngakho-ke i-Richmond iyona yodwa esele angakhetha kuyo. Ubefuna ukwenza abangani ezindlini zokulala abafundi kodwa ubaba wakhe uthi kumele alale etendeni loyedwa ukuze ezokwenza umsebenzi wesikole. UThandi akayidli inyama futhi ubekhathazekile ngokudla – kungenzeka kube nokosiwa kwenyama njalo ebusuku – kepha ubaba wakhe ubashayele ucingo bathi ayikho inkinga.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Tomula amagama amabili endabeni akhombisa ukuthi uGrace ungumfundi futhi usesikoleni.", "a": "Uthisha, ikilasi", "context": "NguSaturday ekuseni,ngisendleleni eya e-ICC eDurban. Angikholwa ukuthi ngiwine ithikithi lekhonsathi kaJustin Bieber. Ngizobe ngihleli phambili. Mhlawumbe ngizokwazi nokumthinta nje. Ngiyajabula ukuthi isoka lami uZakhele uvakashele ubaba wakhe eLadysmith. Phela ubezoba nomona ebona indlela engimjabulela ngayo uJustin Bieber.\n\nNgempela ngahlala phambili ezihlalweni zokuqala. Kwaqala kwangena uNasty C walandelwa uVusi Nova. Kwaba sengathi bathatha isikhathi eside phela angisakwazi ukulinda. Ekugcineni wangena uJustin Bieber ngeculo lakhe elingichazayo elithi “What do you mean”. Kwase kuthi angizule injabulo, uyena ngempela, wayemi phambi kwami. Lapho mina ngase ngishutha ngishuthile ngibuye ngithathe nevidiyo njengoba ecula nje. Umsindo owawulapho, phela yonke intsha yayifike ngobuningi bayo. Mina nomngani wami uJesta sase sikhala mi izinyembezi zenjabulo. Angiphathi kona uma eke wadansa. Ngase ngibona kahle nje ukuthi kukhona thina sobabili la e-ICC.\n\nWayecula aze agobe. Awu nami ngithole nethuba lokumthinta, kwakungathi ngithintwa ugesi. Ngafunga ukuthi ngeke ngiphinde ngisigeze isandla sami. Ngangilokhu ngisibuka nje ngimoyizele, kube sengathi usasibambile. Ngesikhathi sekhefu ngangingafuni ngisho ukuyothenga isiphuzo esibandayo ngesaba ukuthi kukhona ozothatha indawo yami uma ngike ngasuka.\n\nWabuya eseshintshile esegqoke okunye futhi esemuhle ngenye indlela. Uthe uma engena esiteji wathi uzobiza abalandeli bakhe bazodansa naye. Ngazitshela nje ngaphakathi ukuthi nanto ke ithuba lami. Wabe esememeza kakhulu wathi ‘Anybody by the name of Grace in the house, should come up and dance with me. Angikholwanga ukuthi ubiza igama lami. Nezihlwele zase zimemeza zithi ‘Grace, Grace,Grace’. Ngasukuma, ngagxuma naye welula isandla ukuba angemukele.\n\nNgithe sengisesitebhisini sokugcina ngashibilika (slipped) ngawa. Ngathuka ngaphaphama. Awu madoda kanti ngilele, ngiyaphupha. Maye! Ngizumeke ekilasini ngenkathi uthisha ethi asibhale ngomculi wethu esimthandayo. Uthisha usemi phambi kwami, ikilasi liyahleka liyamemeza, “Grace, Grace, Vuka!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kumele wenze njani uma ufuna ukuncoma umshayeli okuphathe kahle?", "a": "Uthumela umyalezo kuyo i-app yakwa Hamba Kalula.", "context": "HAMBA KALULA\n\t\t\t\t\t\t\nCindezela inkinobho bese imoto iza kuwe ngokushesha. Ngena emotweni ukhululeke ngoba umshayeli wakho uyazi ukuthi uzofika kanjani lapho udinga ukuya khona. Uma usufikile, awudingi ukuba nemali esikhwameni noma ikhadi lasebhange.\n\t\t\t\t\t\t\nSikuthatha sikubeke yonke indawo. Akukhethile ukuthi uya kuphi. Kungaba ukuthi udinga ukuya esikhumulweni sezindiza, udinga ukuyokwenza izinto ezimbalwa edolobheni, uyazikhipha nabangane niyothola iziphuzo, noma nje uthatha uhambo lwansuku zonke. Awudingi nokubekisa, uvele uciphize inkinobho bese iyafika imoto ngokushesha.\n\t\t\t\t\t\t\nSinezinhlobo ezahlukene zezimoto. Uyakwazi ukuzikhethela uhlobo lwemoto ezohambisana nawe kanye nohambo oluthathayo. Kukhona izimoto ezibiza kancane ezingakuhambisa noma kuphi lapho ufuna ukuya khona kuphinde kube khona izimoto ezinkudlwana ezingalayisha abantu abayisithupha noma izimoto zikanokusho ezikhonzwe kakhulu ngosomabhizinisi. Konke lokhu kusezandleni zakho, unelungelo lokuzikhethela uhlobo lwemoto othanda ukuhamba ngayo.\n\t\t\t\t\t\t\nAwufoni, awubekisi, awulindi isikhathi eside. Uchofoza inkinobho noma kungasiphi isikhathi sosuku noma sonyaka. I-app yethu iyakubona lapho ukhona. Wena kumele ufake ikheli nje lalapho ofisa ukuya khona. Umshayeli uzofika esekulungele ukukuhambisa lapho.\n\t\t\t\t\t\t\nOkundingekayo ukuze ukwazi ukubiza imoto ukuba ube ne-app yethu kumakhalekhukhwini wakho. Iyatholakala mahhala kwa-Google Play noma kwa-App store. Uyakwazi ukufaka imininingwane yakho. Ungafaka imininingwane yekhadi othanda ukukhokha ngalo ukuze ungadingi ukuphatha imali esandleni. Uma isifika imoto ezokuhambisa uyangena, uhambe bese kuthi uma usufikile lapho uya khona uvele uphume.\n\t\t\t\t\t\t\nUyakwazi nokusazisa ukuthi uhambo lwakho lube njani ukuze senze kangcono ngokuzayo uma kukhona isidingo. Emva kohambo lwakho ungasithumela umyalezo kuyo i-app yethu ukuze sazi ukuthi uphatheke kanjani.\n\t\t\t\t\t\t\nKuphephile kakhulu ukusebenzisa izimoto zethu. Miningi imininingwane yemoto kanye nomshayeli okwazi ukuyibona. I-app iyakubonisa ukuthi baphawula bathini abanye abagibeli ngomshayeli wakho. Okunye okubonayo ukuthi usenesikhathi esingakanani umshayeli wakho enza lo msebenzi.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Udingani umshayeli ukuze akwazi ukukuhambisa lapho ofisa ukuya khona?", "a": "Udinga ikheli kuphela.", "context": "HAMBA KALULA\n\t\t\t\t\t\t\nCindezela inkinobho bese imoto iza kuwe ngokushesha. Ngena emotweni ukhululeke ngoba umshayeli wakho uyazi ukuthi uzofika kanjani lapho udinga ukuya khona. Uma usufikile, awudingi ukuba nemali esikhwameni noma ikhadi lasebhange.\n\t\t\t\t\t\t\nSikuthatha sikubeke yonke indawo. Akukhethile ukuthi uya kuphi. Kungaba ukuthi udinga ukuya esikhumulweni sezindiza, udinga ukuyokwenza izinto ezimbalwa edolobheni, uyazikhipha nabangane niyothola iziphuzo, noma nje uthatha uhambo lwansuku zonke. Awudingi nokubekisa, uvele uciphize inkinobho bese iyafika imoto ngokushesha.\n\t\t\t\t\t\t\nSinezinhlobo ezahlukene zezimoto. Uyakwazi ukuzikhethela uhlobo lwemoto ezohambisana nawe kanye nohambo oluthathayo. Kukhona izimoto ezibiza kancane ezingakuhambisa noma kuphi lapho ufuna ukuya khona kuphinde kube khona izimoto ezinkudlwana ezingalayisha abantu abayisithupha noma izimoto zikanokusho ezikhonzwe kakhulu ngosomabhizinisi. Konke lokhu kusezandleni zakho, unelungelo lokuzikhethela uhlobo lwemoto othanda ukuhamba ngayo.\n\t\t\t\t\t\t\nAwufoni, awubekisi, awulindi isikhathi eside. Uchofoza inkinobho noma kungasiphi isikhathi sosuku noma sonyaka. I-app yethu iyakubona lapho ukhona. Wena kumele ufake ikheli nje lalapho ofisa ukuya khona. Umshayeli uzofika esekulungele ukukuhambisa lapho.\n\t\t\t\t\t\t\nOkundingekayo ukuze ukwazi ukubiza imoto ukuba ube ne-app yethu kumakhalekhukhwini wakho. Iyatholakala mahhala kwa-Google Play noma kwa-App store. Uyakwazi ukufaka imininingwane yakho. Ungafaka imininingwane yekhadi othanda ukukhokha ngalo ukuze ungadingi ukuphatha imali esandleni. Uma isifika imoto ezokuhambisa uyangena, uhambe bese kuthi uma usufikile lapho uya khona uvele uphume.\n\t\t\t\t\t\t\nUyakwazi nokusazisa ukuthi uhambo lwakho lube njani ukuze senze kangcono ngokuzayo uma kukhona isidingo. Emva kohambo lwakho ungasithumela umyalezo kuyo i-app yethu ukuze sazi ukuthi uphatheke kanjani.\n\t\t\t\t\t\t\nKuphephile kakhulu ukusebenzisa izimoto zethu. Miningi imininingwane yemoto kanye nomshayeli okwazi ukuyibona. I-app iyakubonisa ukuthi baphawula bathini abanye abagibeli ngomshayeli wakho. Okunye okubonayo ukuthi usenesikhathi esingakanani umshayeli wakho enza lo msebenzi.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguNqoba bese ugcwalisa leli fomu.\n\nISIQEPHU C: Uvo ngomcimbi\n\nEsingakwenza kangcono ngokuzayo:", "a": "Ukuthi ukudla kufike ngesikhathi okuvunyelwene ngaso", "context": "UNqoba ungumfana oneminyaka eyi-17 ubudala. Uhlala nabazali bakhe efulethini elibizwa nge- Bamboo Heights kanti bona bahlala kunombolo-27. Leli fulethi litholakala kunombolo-66 Bamboo Lane, edolobheni lasePitoli.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba uphumelele kahle ezifundweni zakhe futhi uthole umfundaze wokuyoqhuba izifundo zakhe eNyuvesithi Ngilandi. Ubaba wakhe ufuna ukumenzela umcimbi wokumhalalisela nowokumfisela indlela enhle uma eseya phesheya. Ingqinamba ababhekene nayo ngukuthu ifulethi labo alilikhulu ngokwanele okusho ukuthi angeke lanele bonke abantu abafuna ukubamema kulo mcimbi. Abazali bakaNqoba bacele yena ukuba azame ukuthola indawo lapho kungenzelwa lo mcimbi. UNqoba ukhumbule ukuthi iphathi kaThemba, umngani wakhe, eyayisepaki yayimnandi kanjani nokuthi wayesizwe yinkampani ethize. Wayithola kuThemba inombolo yakwa – Happy Days ethi: 012 413 4221 wabathinta ngenombolo yakhe yocingo ethi: 012 441 1316.\n\t\t\t\t\t\t\nNgosuku lomcimbi, abazali bakaNqoba bakuthokozela ukuthi indodana yabo ithole igumbi elihle kanje ehhotela i-The Royal. Leli hotela lisekhoneni lika-Van Reebeck no-Jan Hoofman Street, ePitoli. Naye uNqoba uchazekile ukuthi igumbi ababekulo lalilihle ngempela namatafula ehlotshiswe kahle njengesethembiso. Wonke umuntu wayamukelwe ngengilazi yamanzi abandayo, noma isiphuzo esibandayo. Wayejabule kakhulu uNqoba ngakho konke.\n\t\t\t\t\t\t\nOkuthande ukumphazamisa kancane nje uNqoba ukuthi ukudla akufikanga ngesikhathi abebevumelene ngaso nomphathi wendawo. Kube khona imizuzwana lapho abantu bebelinde ukudla. Abantu ababonanga ukuthi ukudla kuphuzile ukufika ngoba bebexoxa. Nokho asibanga side kakhulu isikhathi kwase kufika ukudla. Abantu bababaze ubumnandi kanye nezinhlobonhlobo zokudla abebengakhetha kuzo. Badla bashaya esentwala okukhombisa ngempela ukuthi bekumnandi.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba nabazali bakhe bajabule kakhulu ngendlela umcimbi ohambe ngayo nangezinga eliphakeme abasebenzi basehhotela abasebenze ngalo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguKhanyisile ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nImininingwane yomzali\n\nImeyili:", "a": "Sebenzilem@ezesizwe.org", "context": "UKhanyisile Mdletshe ungumuntu ozithandayo izilwane ezifuywayo emakhaya ezifana nezinja, amakati nezinye. Usafunda isikole okwamanje kodwa uma eqeda ufisa ukuyofunda eNyuvesi yasePitoli lapho ezokwenza izifundo zokuba ngudokotela wezilwane. Uneminyaka eyi-16 ubudala futhi useselelwe ngunyaka owodwa ukuba aqede e-New Hanover High School lapho engumfundi khona. Inombolo yesikole ithi, -063 9 245 536. Ikheli lona lithi, 132 Chelmsford Road, Bulawayo.\n\t\t\t\t\t\t\nUKhanyisile uhlala nomama wakhe uSebenzile Mdletshe. Ubaba wakhe usebenza e-Zambia kanti uvame ukubuya emva kwezinyanga ezimbili. USebenzile uyintatheli yephephandaba. Inombolo yakhe yocingo ithi -004 020 1723 kanti uyatholakala nakuyo i-imeyili ethi: sebenzilem@ezesizwe.org uthinteka kalula ngocingo ngoba uhlale esemgwaqeni. Ikhaya likaKhanyisile likunombolo-23 Esigodini Road, Bulawayo. Inombolo yocingo ithi, -063 9 263 323.\n\t\t\t\t\t\t\nNjalo ngempelasonto uthanda ukuvakashela izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo. Uyathanda ukusiza lapho ngaphandle kokukhokhelwa. UKhanyisile ubone isikhangiso lapho kufuneka abantu abazosebenza ngezimpelasonto noma ebusuku esibhedlela esisha sezilwane. Lokhu kungaba yithuba elihle kakhulu kuye ngoba lokhu kuhambisana nezifundo afisa ukuzenza kanti futhi kuyinto athandayo ukuyenza.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Abafundi bangafunda kanjani ngempilo esiteshini sasemkhathini?", "a": "Khuluma nosomkhathi.", "context": "Bothisha Besayensi!\n \nNgabe niyafuna yini abafundi benu bazi ukuthi isayensi iwuguqula kanjani umhlaba?\n \nYebo, bazokwenza lokho uma nje bevakashela\n \nEmbukisweni wezesayensi wezikole\n \nZonke izinsuku ngenyanga kaJuni, abafundi bazoba nethuba lokuhlangana nekusasa e-Durban Exhibition Centre.\n \nKuzoba namakhulu emisebenzi yesayensi abafundi abangayijabulela ukuyizama, kanye nethuba:\nlokungena ku-capsule yasemkhathini\nlokukhuluma nosomkhathi emoyeni mayelana nokuthi osomkhathi basebenza, balale futhi bazijabulise kanjani, esiteshini sasemkhathini\nlokufunda ngokuthi ubuchwepheshe basemkhathini buthinte kanjani impilo emhlabeni\nlokubuka amavidiyo ngemizamo yomhlaba wonke yokulwa nokuguquka kwesimo sezulu\nlokuzwa osolwazi basemanyuvesi bekhuluma ngokuthi abantu bazoguquka kanjani esikhathini esizayo\nlokwenza ucwaningo lokuhlola ukuthi izakhi zofuzo (amajinethiksi) zingasiza kanjani ukuqeda izifo emhlabeni wonke jikelele.\n \nSiqinisekisa ukuthi sonke isivakashi sizophuma simangazwe yilokhu esizobe sikubona – futhi abafundi bangahamba nomqulu wolwazi ukuze bathuthukise ukuqonda kwabo izifundo zesayensi esikoleni.\n \nNgakho-ke, bothisha – uma nifuna izinsizakufunda zokulungiselela abafundi benu ngabazokubona embukisweni ukuze bakwazi ukuzuza kakhulu kuwo, sicela niye kuwebhusayithi yethu. Nizothola uhla olumangazayo lwezinto kanye nezinhlelo zokulungiselela izifundo ezenzelwe nina zokufundisa ngemuva kokuvakasha kwabo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Esikhundleni segama elibhalwe ngokugqamile bhala igama lesiZulu.", "a": "Ubaba uzongithengele iselula yeSamsung ngeSonto", "context": "Ubaba uzongithengele iselula yeSamsung ngeSunday", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nIkheli:", "a": "110 St Patricks Avenue, Mount View", "context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, Mbat.Zin@zamail.co.zi. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, Ndlo.Sin@StMartha.co.zi.\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yini eyenza uDumisani ukuba abhale amanothi kumakhalekhukhwini kulolu hambo?", "a": "Ngoba wayefundile ukuthi ukukhohlwa kuyinkinga engakanani.", "context": "Makhulu amathuba okuthi kube khona okungenani into eyodwa oyikhohlwayo uma uthatha uhambo oluya eholideni. Kungenzeka kube yinto encane noma engabalulekile kakhulu kodwa kwesinye isikhathi kungaba yinto oyidinga ngempela futhi engatholakali kalula. Lokhu kungaqeda injabulo yohambo lwakho.\n\t\t\t\t\t\t\nIzinto engivame ukuzikhohlwa uma ngithatha uhambo kuba yisixubho, umuthi wokuxubha amazinyo noma amasokisi. Mhla mina nomngani wami uSabelo sizoya eholideni e-Spain sasijabule kakhulu. Ngenxa yokuthi uSabelo wayezobe eqala ukuya phesheya wayengazi ukuthi alindeleni kulolu hambo lwethu. Ngingasho nje ukuthi wayenalo novadlwana. Mina ngangijabulele ukuthi ngizohamba nomngane wami omkhulu. Ubumnandi beholide kimina abuyi ngendawo engiyivakashelayo kuphela, abantu enginabo nabo badlala indima yabo. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngikhethe abantu engikujabulelayo ukuchitha nabo isikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nNgenxa yokuthi ngangingaqali ukuthatha uhambo olufana nalolu ngase ngikwazi okulindelekile. Ngase ngifundile futhi ukuthi ukukhohlwa kuyinkinga engakanani ngakho-ke ngenza isiqiniseko sokuthi ngibhale amanothi kumakhalekhukhwini wami ezinto zonke okwakumele ngizikhumbule. Okumangazayo ikhona ukuthi ngisho sengikwenzile lokhu, yaba khona into esathi uma sifika e-Barcelona sabona ukuthi siyikhohliwe. Kwakuyi-charger yomshini wokushefa. Yikhona okwangenza ngafuna ukuthola ukuthi yini kahle kahle ngempela edala lokhu. Ucwaningo engalwenza lwangifundisa izinto ezimbalwa.\n\t\t\t\t\t\t\nOkokuqala nokwangimangaza ukuthola ukuthi iminyaka yomuntu ihambisana nezinto angazikhohlwa. Kuthiwa abantu abasha bavame ukukhohlwa izinto ezifana nokudla, amasokisi, kanye nama-charger omakhalekhukhwini. Abadala bona bavamise ukukhohlwa imithi, izinto zokugeza ikhanda kanye nezamehlo. Kuze kube manje angikazi noma ngikukholwe yini konke lokhu.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye engakuthola ocwaningweni futhi engikukholwayo ukuthi uma uthatha uhambo usuke ungekho esimweni esijwayelekile okuyingakho eba makhulu amathuba okukhohlwa izinto ezithile. Lokhu kwenza umqondo kimi ngoba kulula ukukhohlwa into ongajwayele ukuyenza. Kudinga ingqondo yakho isebenze ngokweqile. Njengabantu, izingqondo kanye nemizimba yethu ziyajwayela lokhu esivame ukukwenza bese kuthi uma kukhona okusha kudinga izingqondo zethu zisebenze kakhulu kunokuvamile.\n\t\t\t\t\t\t\nNgithe uma sengiyicabangisisa le ndaba kwangifikela ukuthi kuyawenza umqondo ngempela ukuthi kungani kube lula ukuthi kube khona into ethize oyikhohlwayo uma uzothatha uhambo oluya phesheya. Ziningi kakhulu izinto okumele uzikhumbule. Akugcini nje ngamathikithi, ukupakisha izimpahla, ukukhuluma nomakhelwane ozokugadela izinja zakho. Umuntu oya eholideni ngingamluleka ngokuthi ayibhekisise kabili yonke imininingwane. Abhekisise isikhathi okumele abe ngaso esikhumulweni sezindiza, aqinisekise ukuthi unayo inombolo kanye nemininingwane yehhotela azohlala kulo, amanothi ezinto okubalulekile ukuthi aziphathe, njalo njalo.\n\t\t\t\t\t\t\nKulesi sikhathi esiphila kuso sezobuchwepheshe kumele sisebenzise omakhalekhukhwini bethu kanye namakhompuyutha. Sesiyakwazi manje ukufaka imininingwane kumakhalenda azokwazi ukusikhumbuza imininingwane efanele.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala ubulili besilisa balamagama abhalwe ngokugqamile.", "a": "inkosazana – inkosana", "context": "Umalumekazi uthi uzohamba nathi ukuya eholidini. *Inkosazana* kababa yona ayithandi kodwa udadewethu uthi angahamba nathi ngoba izobe ikhona intombi kaSenzo uzoxoxa nayo.", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Useneminyaka emingaki ugogo?", "a": "engama-60", "context": "Ukube awungibuthanga \nNgilahlwe ngabazali bami. \nUkube awungimelanga \nNgiwusana olunganakuzivikela. \nNgabe ngikuphi Gogo wami? \nNguwena owangikhulisayo \nBengenandaba abangilethayo. \nWadla nami kweyempesheni \nUngizamela nokokuya esikoleni. \nWena Gogo wami.\n\nNgawe ngingene eNyuvesi, \nWazixabanisa nomashonisa. \nNoma sebekusabisa waphikelela \nUcula iculo lempumelelo yami. \nWena Gogo wami.\n\nNgikhomba ngophakathi namuhla, \nNgibhukuda kwaluhlaza amadlelo \nNgalomuzi omusha omkhulukazi, \nOkungakaze kuhlale muntu kuwo, \nNgithi kuwe unwele ulude! \nUgubha amashumi ayisithupha, \nHappy Birthday Gogo wami.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Siqondiswe kobani lesi sikhangiso?", "a": "Siqondiswe ezikoleni ezidinga/ezifuna ukuhambisa abafundi bazo ezzindaweni ezahlukene.", "context": "Vakash’ Ufunde\n\t\t\t\t\t\nInkampani yakwaVakash’ Ufunde isiza izikole ezifuna ukuhambisa abafundi bazo ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokuba kube khona abakufundayo.\n\t\t\t\t\t\nSineminyaka engaphezu kwengamashumi amabili sisebenzisana nezikole ukuhlela ukuvakasha okuhambisana nezemfundo. Siyakwazi okusebenzayo uma kuziwa emfundweni yangaphandle kwasekilasini.\n\t\t\t\t\t\nSingakusiza ngokukuhlelela uhambo nabafundi bakho abaphakathi kweminyaka eyi-10 kuya kweyi-18 lokuya noma kuphi. Asigcini ngokuhlela ukuvakasha okuqondene nezifundo zasekilasini kuphela. Silungisela abafundi izinhlelo zokuphuma eziqondene namakhono okuxazulula izinkinga kanye nezobuholi.\n\t\t\t\t\t\nUkuphepha kuhamba phambili ngakho senza isiqiniseko sokuthi sisebenzisana nezinkampani ezisemthethweni ngakho sisebenzisa amahhotela, amahhositela, amabhasi kanye namabhanoyi abhalisiwe futhi ahambisana nemigomo engaphansi komthetho wezokuvakasha nokungcebeleka umhlaba wonke. Zonke izindawo esihambisa abafundi kuzo ziphephile.\n\t\t\t\t\t\nUbudlelwano obuhle esinabo nezinkampani buqinisekisa ukuthi sithole amanani aphansi ezithuthi, nezindawo zokuhlala kanye nemali yokungena ezindaweni ezisuke zivakashelwe. Lokhu kwenza ukuthi ukwazi ukuhamba nabafundi bakho ngemali ephansi kwaleyo obuzoyikhokha ukuba ubuzihlelele wena.\n\t\t\t\t\t\nKwaVakash’ Ufunde siyayithanda imfundo kanye nezemvelo. Bonke abasebenza nathi baneminyaka eminingi benza lo msebenzi wokuphuma nezikole. Ngakho ungasethemba.\n\t\t\t\t\t\nNgeminye imininingwane sithinte kule nombolo yocingo: 091 818120 ukuze ukhulume nathi ngokushesha. Ungathanda ikhasi lethu ku-Facebook noma usilandele ku-Twitter. Ungangena naku webpage lethu ushiye imininingwane yakho ku-www.vuedu.org.cz sizobe sesikuthinta ngakusasa.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yenza lesi sibalo: 10 − 4 =", "a": "6", "context": "", "grade": "1", "category": "Mathematics" }, { "q": "Ubuhle bokukhuthaza ingane ukuba ikhethe izifundo ezithandayo:", "a": "[\"Ingane ayibi nengcindezi yokuzama ukujabulisa umzali\", \"Kulula ukufunda enganeni uma yenza izifundo ezithandayo\"]", "context": "INDIMA EDLALWA NGABAZALI EMFUNDWENI YEZINGANE ZABO\n\nImfundo yokuqala yileyo etholwa yingane ekhaya ingakayi esikoleni. Lokhu kunikeza abazali isikhathi esanele sokuba baziqonde kahle izingane zabo ukuthi zithandani. Kuyenzeka ingane ikhaliphe ezibalweni, enye ibe nekhono lokubhala ngobuciko kanti enye yenza kahle kwezemidlalo. Umsebenzi wabazali osemqoka ukuba baqaphele uma besiza izingane zabo ekukhetheni izifundo noma imikhakha ezilungele.\n\nUmzali makayale ingane ukuba ikhethe izifundo ezithandayo nephumelela kangcono kuzo. Lokhu kwenza ukuthi ingane ingabi nengcindezi yokucinelela izifundo eziyihlulayo ngoba ifuna ukujabulisa umzali. Kuzokwenza kube lula ukufunda enganeni uma ifunda into eyithandayo nezikhethele yona.\n\nAbazali bangasiza izingane ngokuthi, bazibonise amakhono ezinawo ukuze zikhethe lezo zifundo ezihambelana neziphiwo zazo empilweni. Isibonelo salokhu ngukuthi, omunye angakujabulela ukwenza izifundo zomculo kanti omunye angakuthola kungemnandi lokhu.\n\nIzingane kungenzeka zidinge usizo lwabazali ukwenza umsebenzi wesikole. Ngakho- ke kubalulekile ukuba umzali azinikeze isikhathi esanele sokwazi ukuthi lokho okufundwa yingane yakhe esikoleni. Lokhu kungayisiza kakhulu ingane uma kukhona lapho yehluleka khona. Ingane kuyinika umdlandla ukubona umzali ezihlupha ngezincwadi zayo.\n\nKuleli zinga lemfundo emaphakathi, izingane zisuke zisesigabeni esivame ukuhlupha empilweni. Izingane zikholelwa kakhulu kubangani kunokukholelwa kubazali. Umzali kumele aqaphele ingozi yokuthi, ingane ikhethe izifundo ngokududana nabangani. Phela ukuthi, niyezwana nomuntu akusho ukuthi niyafana. Okungamlungela yena kwesinye isikhathi ngeke kwakulungela wena.\n\nUma ingane isiqala ukufunda amabanga aphezulu. Izifundo eziningi zisuke zizintsha kanti nendlela yokufunda neyokufundisa isuke yehluke kakhulu kuleyo yasemabangeni ephuma kuwona. Umzali kuhle enze isiqiniseko sokuthi ingane yakhe inazo zonke izinto nezincwadi ezidingekayo esikoleni. Lokhu kuzoyisiza kakhulu ingane ukuyilekelela ngolwazi oluningi olungayithuthukisa kangcono.\n\nKungasiza uma umzali exoxa nothisha wengane ukuze azi kangcono ngenqubekela phambili yengane yakhe. Lokhu kungasiza ukuqinisekisa ukuthi, ingane iyakwazi ekwenzayo noma idinga ukwelekelelwa. Impilo yengane iba lula ingabi nazihibe uma ingane izozikhethela, ingakhethelwa umzali futhi kubalulekile ukuyisiza ukuba ilandele amaphupho ayo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ingabe imigqa yale nkondlo ivulekile noma ivalekile?", "a": "ivalekile", "context": "KUNZIMA\n\nAsisakwazi ukukhuleka.\nSizikhiyela ezindlini.\nSizikhiyela ezimotweni.\nKwaze kwanzima!\nAsisakwazi ukuhamba ngokukhululeka.\nImini nobusuku sekuyefana.\nSihlushwa ebusuku,\nSihlushwa emine.\nKwaze kwanzima!\n\nKukhona lapho konakele khona.\nKukhona lapho kuphambene khona,\nInhlonipho kayisekho.\nInhlonipho iphelile.\nObaba baphelile, omama baphelile.\nIzinsizwa ziphelile, izintombi ziphelile.\nAbasele basele nemihuzuko.\nKwaze kwanzima!", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Uhhafu wama-24 yi ___.", "a": "12", "context": "", "grade": "2", "category": "Mathematics" }, { "q": "Nikeza izinto ezimbili ezishiwo ngabezempilo ngeganu.", "a": "[\"iganu linamavithamini aphindwe kasishiyagalombili kunalawo atholakala ewolintshini.\", \"liphinde libe ngesinye sezithelo ezibaluleke kakhulu ekuvikeleni izifo ezingosomathuba\"]", "context": "Amaqiniso Ngesihlahla Somganu\n\t\t\t\t\t\t\nUmlando wesihlahla somganu uhlehla ufike eminyakeni engaphezu kweyizinkulungwane. Lesi sihlahla siyatholakala nakwezinye izindawo kodwa e-Afrika siyigugu elikhulu. Saziwa kakhulu ngesithelo saso esibizwa ngokuthi iganu. Lesi sihlahla sibaluleke kakhulu ngoba yonke ingxenye yaso inosizo olukhulu kusukela kuwo amagxolo esihlahla, kube amaqabunga aso, isithelo, kanye nenhlamvu ephuma esithelweni.\n\t\t\t\t\t\t\nAbantu abaningi basazi lesi sihlahla ngesithelo saso esiwela phansi emhlabathini bese sidliwa yizindlovu zize zidakwe. ENingizimu Afrika sitholakala kakhulu eziqiwini zezilwane nasezindaweni zazemaphandleni ikakhulukazi ezifundazweni zaseLimpopo, KwaZulu Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga.\n\t\t\t\t\t\t\nKunezinto ezintathu esingaziqaphela ngesihlahla somganu. Okokuqala ngukuthi sinamaqabunga amaningi. La maqabunga asiza ukuthi sithele izithelo eziningi. Isihlahla ngasinye singathela izithelo ezingama-kg angama-500 ngonyaka. Okwesibili ukuthi lesi sihlahla singakhula sibe phakathi kwamamitha ayi-9 kuya kwayi-18 ubude futhi siyakwazi ukumelana nesomiso. Okokugcina ukuthi sinobulili obubili. Lokhu kusho ukuthi kukhona isihlala sesilisa nesesifazane. Isihlahla sesifazane yiso esithela izithelo, bese kuthi esesilisa sona siba nezimbali.\n\t\t\t\t\t\t\nEzindaweni eziningi zase-Afrika, lesi sihlahla siyavikelwa kakhulu. Imihlangano eminingi ibanjelwa ngaphansi kwaso ngoba sikhula sifane nesambulela. Lokhu kwenza ukuthi sinikeze umthunzi omuhle abantu abangahlala ngaphansi kwawo ukuze bangashiswa yilanga. Phela ezindaweni lapho sitholakala khona lesi sihlahla uthola ukuthi kusemaphandleni ngakho intuthuko iza kancane okwenza ukuthi izidingongqangi ezifana namahholo zingabi khona. Ngakho-ke, imihlangano yemiphakathi ibanjelwa phandle. Kanti okunye futhi ngukuthi isimo sezulu sivamise ukushisa kakhulu.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye okwenza ukuba sibaluleke e-Afrika ngukuthi siyasiza ngokwempilo. Sifana nekhemisi lapho abantu bethola usizo uma begula noma belimele. Amagxolo alesi sihlahla yiwo asetshenziswa kakhulu ukwelapha labo abagulayo nabalimele kwesinye isikhathi. Okunye okuphawulekayo ngamagxolo esihlahla somganu ukuthi asetshenziselwa ukwenza ipulangwe noma ukhuni olusetshenziswa ukwakha izigubhu, izitulo, izitsha kanye nokunye. Lesi sihlahla siwusizo lapho kukhona okhishwa yisisu, onesifo samathambo, olunywe yizinambuzane ezifane nomiyane nezinyosi, kanye nokunye okuningi. Kunoketshezi oluphuma emaqabungeni alesi sihlahla. Lolu ketshezi lusebenza lapho kukhona oshile noma olunywe yisicabucabu. Yingakho-ke sihlonishwa futhi sivikelwa njengezikhali zamaNtungwa.\n\t\t\t\t\t\t\nIganu, okuyisithelo salesi sihlahla, lisetshenziswa emikhiqizweni eminingi futhi ethandwa kakhulu ngabantu. Abezempilo bathi iganu linamavithamini aphindwe kasishiyagalombili kunalawo atholakala ewolintshini. Bathi futhi iganu liphinde libe ngesinye sezithelo ezibaluleke kakhulu ekuvikeleni izifo ezingosomathuba ezifana nomdlavuza kanye nesifo senhliziyo. Lesi sithelo asigcini nje ngokusiza ngokwezempilo siphinde sisetshenziswe kakhulu emikhiqizweni edliwayo nephuzwayo. Abantu abaningi bayasazi futhi basikhonzile isiphuzo esidakanayo esibizwa nge-Amarula. Lesi sithelo sisetshenziswa nalapho kwenziwa izinto ezifana nojamu kanye nokunye ukudla.\n\t\t\t\t\t\t\nNgaphakathi kwesithelo somganu kunenhlamvu. Le nhlamvu uma uyiqhekeza uthola ikinati elinuka kamnandi. Leli kinati lidliwa ngabantu nayizilwane. Amafutha atholakala kuleli kinati asetshenziselwa ukupheka, kanye nokwenza imikhiqizo yesikhumba nezinwele. Nawo lawa makinati anomsoco futhi asiza kakhulu ekwakheni izicubu zomzimba.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Nika izindlela ezimbili zokuxhumana nabakwa SA Travel.", "a": "[\"ukubashayela ucingo – ngoba kulula ukukhuluma nabo futhi usheshe uzithole izimpendulo\", \"ukubathumela i-imeyli – ngoba konke esikuxoxile kubhalwa phansi\"]", "context": "THATHA IHOLIDE NGOKUFANELEKILE\n\nUdinga ikhefu? Uma kunjalo lesi sikhangiso singesakho. Kwa-SA Travel Club singakungcebelekisa ngomkhumbi. Singakubonisa ubuhle bedolobha laseThekwini noma iziqhingi zodumo zaseMozambique.\n\nHamba ngomunye wemikhumbi yethu kanokusho \n\nkusukela ziyi-14 kuya ziyi-16 enyangeni kaNovemba 2018 \n\nUbuhle baseThekwini\n\nIphupho lakho lokuya eholidini ngomkhumbi wohlobo oluphezulu lingafezeka. Ungaba yingxenye yalolu hambo olujikeleza eThekwini, ubone bonke ubuhle beTheku. Ungahlala phezulu uzipholele ubone izindawo ezigudle iTheku kanye namanzi olwandle oluhle i-Indian Ocean lapho umkhumbi usuka eMtateni. Miningi nemidlalo ekhona kanye nokunye eningakwenza ukuzijabulisa njengomndeni khona ngaphakathi.\n\nIzingane ezineminyaka engaphansi kweyi-18 zingena mahhala uma zizohlala egunjini elifanayo nelabazali babo. Zikhokhela kuphela intela yemithwalo kanye nomshwalense wezempilo okubiza R250 inganye ngayinye.\n\nImali isukela kuR2500 abantu abadala ababili kanye nemali yentela yezimpahla nomshwalense wezempilo okubiza R250 umuntu ngamunye.\n\nImali ifaka:\n• Ubusuku obubili\n• Ukudla okuthathu ngosuku\n• Amafilimu, indawo yokuzilolonga kanye neminye imibukiso yokunandisa\n• Ukungena ekhasino\n• Yonke imidlalo etholakala ngaphakathi\n\nUhambo ngomkhumbi oluya eziqhingini zaseMozambique\n\nUngakhetha futhi ukuthatha uhambo olusuka eThekwini lujike eziqhingini zaseMozambique ngemali esukela ku R3650 umuntu ngamunye. Lolu hambo lona luthatha izinsuku ezintathu. Konke okunye kuyefana.\n\nUma udinga ukufika eThekwini singakuhlelela ibhanoyi elisuka eGoli noma eKapa elizofika mhla ziyi-13 KuNovemba. EThekwini sikulalise ehhotela elisezingeni elihle, bese ngakusasa ekuseni uthola ukudla khona ngaphambi kokuthi sikuyise eMtateni lapho uzongena emkhunjini. Ngosuku obuya ngalo sikususa emkhunjini sikubeke esikhumulweni sezindiza lapho ungathatha indiza eya eGoli noma eKapa. Konke lokhu sikwenzela ngemali ephansi esukela ku R1500 umuntu ngamunye.\n\nUkubekisa indawo noma ukubhalisela leli holidi, ungasishayela ucingo kule nombolo ethi, 086-554-3232 noma usithumele i-imeyli ku satravelc@satours.co.za. Ukuthola eminye imininingwane, thanda ikhasi lethu ku Facebook: SA Travel Club noma uye ekhasini lethu www.satravelc.co.za.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ukubaluleka kokuzithathela izinqumo", "a": "[\"Akekho omunye umuntu ongamgxeka uma ungaphumeleli\", \"Akekho ongamncoma uma uphumelela\"]", "context": "Kulula ukuphatha abanye abantu kahle ngokubahlonipha nokubakhombisa uthando kodwa sikhohlwe ukuzinakekela thina uqobo lwethu. Sichitha isikhathi esiningi sakha ubuhlobo noma ubungane nabanye abantu kodwa thina sizikhohlwe. Kubalulekile ukuthi nathi sizinake ukuze sikwazi ukuba nobudlelwane obunempumelelo nabanye abantu.\n\nKuqala ngokuthi wena ube ngumngane wakho. Lokhu kusho ukuthi uzithande, uzikhuthaze futhi uzilekelele ngendlela owenza ngayo nakulabo bantu obathandayo. Abanye abantu bazama ukuthola intokozo nokweneliseka ngaphandle noma kwabanye abantu. Akulula ukuba nabangane uma wena ungeyena umngane wakho omkhulu.\n\nEzinye zezinto ezingakusiza ukuba uphumelele kulokhu yilezi:\n\n• Thokozela isikhathi sakho uwedwa. Abantu abaningi bachitha isikhathi sabo esiningi bexhumana nabangane nezihlobo ezinkundleni zokuxhumana nangokuphuma nabo baye ezindaweni zobumnandi. Angazi ukuthi bangaki abantu abasithathayo isikhathi sokuba babe bodwa bangathikamezwa ngamaselula abo noma omabonakude. Kuhle ukuba uzinike ithuba lokuba sendaweni ethule ukuze uzizwe nalapho ucabanga. Ngiyazi ukuthi akuyona into elula le ngoba sihlale sizungezwe abantu emsebenzini nasemakhaya. Okungisizayo mina ukuthi kanye ngeviki angihlali nozakwethu ngesikhathi selantshi. Ngiyaphuma ehhovisi ngizihambele ngedwa. Ngiyakholwa ukuthi ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa lapha ngoba lokhu kusiza nokuthi ngingahlali etafuleni lami usuku lonke.\n• Funda ukuzethemba. Uma umuntu omthandayo enesidingo uyamsiza ngokumkhombisa uthando. Kuyenzeka ukuthi sidinge ukuthatha isinqumo noma sizithole sisesimweni lapho sidinga ukukhuthazeka. Wenzenjani kuleso simo uma kungekho mngane noma umuntu othandiweyo wakho eduze ngalowo mzuzu? Uyakwazi ukuthemba eyakho imicabango? Uyakwazi ukuphendukela kuwe uma unesimo esibucayi? Akekho umuntu odlula wena ekuthatheni izinqumo eziphathelene nempilo yakho. Kuhle wazi ukuthi uma uzithathela izinqumo akekho omunye umuntu ongamgxeka uma ungaphumeleli futhi akekho umuntu ongamncoma lapho uphumelela.\t\n• Okokugcina ukuba ufunde ukuzixolela. Akekho umuntu ongawenzi amaphutha. Sonke senza amaphutha ahlukene empilweni. Akumele uzijezise kakhulu uma wenze iphutha. Ungaba kanjani ngumngane wakho uma ungazixoleli? Kumele ukhumbule ukuthi amaphutha akho ungakhetha ukuba aqede ngempilo yakho noma akufundise okuthile ngawe. Amaphutha akho yiwona akwenza ungafani nomunye umuntu oseceleni kwakho.\n\nNgakho-ke, ubungane buqala lapha kuwe. Yiba ngumngane wakho omkhulu nowokuqala ukuze ukwazi ukuba ngumngane wangempela nakwabanye.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "UWhitney wayezalwa ngumfundisi?", "a": "Cha", "context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kungani umbhali wayezizwa sengathi ungcono yena kunama “fitness freaks” ayesejimini?", "a": "Bajima bebukela i-TV ngenkathi wayegijima kunoma yisiphi isimo sezulu.", "context": "Indaba yomgijimi\n\nKwakuyisiqalo esihle. Ukugijima imizuzu engama-20 ibanga eliyikhilomitha elilodwa endaweni yangakithi! “Yintwasahlobo!” Yilokho engangikucabanga ngesikhathi ngivuka ekuseni ngeSonto. “Yisikhathi sokwenza ushintsho, sokuhlukana nalamakhilo asemzimbeni wami! Futhi kuzoba namahlumela amasha ezihlahleni. Yebo! Ngizoyogijima!” Ngabopha izicathulo zami zokugijima ezindala ngaqonda emnyango. Amadodana ami amabili angibuka ngamehlo amakhulu, ekhamisile.\n\nNgemuva kwalokho ngacabanga ukuthi, “Manje sengingazibiza ngomgijimi!” Ngangizizwa ngijabule usuku lonke. Kodwa ngalobo busuku, iqiniso lafika. “Uzogijima njalo ngeSonto ekuseni, vele” kusho umkami. Inhliziyo yami yacwila isikhashana, kodwa-ke, ngaphandle kokucabanga ngazithola sengizishaya isifuba, “Yebo! Futhi ekupheleni kwenyanga ngizobe sengikwazi ukugijima amakhilomitha ama-5 ngaphandle kokuma.” Ubuwula bokuzethemba ngokweqile! “Ngikusholoni lokho?” ngazibuza ngalobo busuku.\n\nKodwa ngakusasa ngazizwa sengingcono, futhi ukuzethemba kwami kwabuya. Ngazizwa kamnandi kakhulu lapho ngifika ekhaya ngibuya ukuyogijima ngoba ngangibona ukuthi omakhelwane babengibuka ngamehlo alangazelela ukuba yimi. Owamukela abantu emsebenzini wangibuza (ngenkathi ngikhuluma ngokunganaki ukuthi bengigijima izolo), “Hawu! Ngabe ungumgijimi vele?” Ngaphendula ngesizotha sokuzenzisa, “Amakhilomitha ambalwa nje ngesikhathi.”\n\nUsuku lwami lokuzalwa lwafika. Yize umama wayehlala njalo ethi ngingumuntu ovilaphayo kunabo bonke abantwana bakhe, ngalolu suku wangimangaza ngesipho semali yokuthi ngiye esitolo sezemidlalo ku-High Street. Ngachitha amahora amaningi lapho, ngikhetha izimpahla ezilungele umsubathi wangempela; ivesti, izikhindi... futhi, nophawu lokugcina, okungekho mgijimi wangempela obengabonakala ngaphandle kwalo, amateki e-Air Float.\n\nNgokugijima ibanga nje elingamakhilomitha ama-5 ngosuku, ngalahlekelwa yilawo makhilo asebusika. Ngangihleka abantu ababehlala behleli ekhaya bengenzi lutho. Ngaze ngabukela phansi “ama-fitness-freaks” ngoba wona ayezilolonga ejimini ebukela i-TV. Ngangizimisele ngokuba umsubathi osezingeni eliphezulu. Amakhaza, umoya, imvula? Ngangingenandaba.\n\nUkuze ngithole abanye engangizojwayelana nabo kuloku zilolonga kwami okusha, ngazithola sengizifake enkingeni. Edolobheni engangihlala kulo kwakukhona ikilabhu yabagijimayo. “IziNsephe”, bazibiza kanjalo. “Igama elihle lekilabhu leli,” ngokucabanga kwami. Leyo indlela engangizizwa ngayo nami. Amalungu ekilabhu angamukela ngezandla ezifudumele. Okwangithatha kakhulu kule kilabhu ukuthi bamukela wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ugijima ngasiphi isivinini noma ibanga elingakanani, wonke amakhono amukelekile! Ngangigcwele ukuzethemba okuhambisana nobuwula ngabhalisa ukugijima ngamaSonto ekuseni, ukusukela ngehora lesi-7 kuze kushaye elesi-9. Sasihlangana endlini yekilabhu bese sisuka!\n\nNgeSonto, ngemuva kwamakhilomitha ayi-15 namahora ama-3, ngabuya ngidiyazela endlini yekilabhu. Ngangiqonda kahle ukuthi ngangisukele okungaphezu kwamandla ami, kodwa amanye amalungu ekilabhu angikhuthaza ngokuthi, “Isikhathi sokuqala sihlala sinzima! Maduzane nje uzobe usugijima nabaholi!”\n\nNgangicabanga ngeSonto elilandelayo njengoba ngangihamba ngiqhuga futhi ngizihudula phakathi neviki. Ngangiwuthandile umoya ohlanzekile nokuvocavoca umzimba, kepha angikuthandanga ukuhlukumezeka amakhilomitha ayi-15. Ngenhlanhla yami ngasinda ekugijimeni ibanga elide okwesibili. Ngemuva nje kokuqala ukugijima kwangamaSonto ekuseni, ngawa ngenyela eqakaleni. “Kubi – kungcono uthathe iviki lokuphumula”, kweluleka abanye abagijimi. Kodwa ngaya kudokotela wami. Indoda eyisimanga, udokotela wami! Wangihlola wabe esesho amazwi awumlingo engangidinga ukuwezwa, “Udinga ikhefu, cishe okungenani izinyanga ezimbili! Kungcono ungagagameli ngenxa yeminyaka yakho.” Kwakuthi angimbambe ngimange! Ngemuva kwalokho, ngizoqhubeka yini mina nokugijima? Hhayi-ke, mhlawumbe ngentwasahlobo elandelayo…", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Imbongi yamthengelani ugogo ngosuku lwakhe lokuzalwa?", "a": "Umuzi kanokusho", "context": "Ukube awungibuthanga \nNgilahlwe ngabazali bami. \nUkube awungimelanga \nNgiwusana olunganakuzivikela. \nNgabe ngikuphi Gogo wami? \nNguwena owangikhulisayo \nBengenandaba abangilethayo. \nWadla nami kweyempesheni \nUngizamela nokokuya esikoleni. \nWena Gogo wami.\n\nNgawe ngingene eNyuvesi, \nWazixabanisa nomashonisa. \nNoma sebekusabisa waphikelela \nUcula iculo lempumelelo yami. \nWena Gogo wami.\n\nNgikhomba ngophakathi namuhla, \nNgibhukuda kwaluhlaza amadlelo \nNgalomuzi omusha omkhulukazi, \nOkungakaze kuhlale muntu kuwo, \nNgithi kuwe unwele ulude! \nUgubha amashumi ayisithupha, \nHappy Birthday Gogo wami.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguDalingcebo futhi ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nUmncintiswano wamakhono okukhuluma\n\nIdolobha:", "a": "EPitoli", "context": "UDalingcebo Masuku ngumfana oneminyaka eyi-16. Ufunda e-St Paul’s College esedolobheni lasePitoli. Isikole siku-101 Mbombela Street, Pretoria, 4301 kanti inombolo yocingo yona ithi, 012 435 1000. UDalingcebo ungumfana othanda ukukhuluma phambi kwabantu. Esikoleni sakhe ungusihlalo weqembu labakhuluma esidlangalaleni kanti uphinde futhi abe yingxenye yeqembu lenkulumo-mpikiswano noma khona engakukhonzile kangako. Uthanda ukulungisa inkulumo azoyethula kunokuphikisana nabanye ngemibono. Useneminyaka eminingi impela enza lezi zinto zombili futhi usewine imincintiswano emithathu edolobheni langakubo esigabeni sabangaphansi kweminyaka eyi-17.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo uhlala nabazali bakhe kanye nodadewabo oyedwa. Omunye udadewabo omdala, u-Ayanda, usebenza eKapa futhi unefulethi elinamakamelo amabili khona edolobheni. Ifulethi lakhe lisenombolo-23 Palace Street. UDalingcebo uhlala naye uma eseKapa. UDalingcebo uneselula, inombolo yakhe ithi-090 676 2983. Iselula yakhe isayolungiswa ngoba iwile ngeviki eledlule. Inombolo yocingo lwasekhaya yona ithi, 012 434 0552. Umama kaDalingcebo unguthisha esikoleni esifunda indodana yakhe.\n\t\t\t\t\t\nUthisha kaDalingcebo, uNkosikazi Thobela, uhlale emqeqesha futhi emsiza ngokulalela izinkulumo zakhe asuke ezilungiselele. Phela naye uNkosikazi Thobela wayekwenza lokhu ebusheni bakhe waze wayomela izwe emncintiswaneni wamazwe ase-Afrika eneminyaka eyi-16. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu uDalingcebo ngoba naye ufisa ukufika kulelo zinga.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo ubone lesi sikhangiso somncintiswano ozobe useKapa:\n\n\"Umncintiswano wamakhono okukhuluma:\n\t\t\t\t\t\t\nIndawo: Ehholo ledoloba laseKapa\n\t\t\t\t\t\t\nUsuku: 29 kuNovemba 2019\n\t\t\t\t\t\t\nIsikathi: kuyoqalwa ngehora lesi-9 ekuseni\n\t\t\t\t\t\t\nKuyobe kunemikhakha ehlukene yebuciko bokukhuluma.\n\t\t\t\t\t\t\nUkungenela, gcwalisa ifomu bese ulithumela engakashayi umhla zingama-20 kuJulayi 2019.\n\t\t\t\t\t\t\nEminye imininingwane:\nUdinga ukuba ngaphansi kweminyaka engama-21 ubudala\nindawo yokulala iyohlelelwa abaphuma kwamanye amadolobha akude\nimali yokungenela: R100 uma ungeke udinge indawo yokulala, bese kuthi abandinga nendawo kuyomele bafake R150 ngaphezulu.\"", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguKhanyisile ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nImininingwane yomzali\n\nIgama lomzali esingamthinta:", "a": "Sebenzile (Mdletshe)", "context": "UKhanyisile Mdletshe ungumuntu ozithandayo izilwane ezifuywayo emakhaya ezifana nezinja, amakati nezinye. Usafunda isikole okwamanje kodwa uma eqeda ufisa ukuyofunda eNyuvesi yasePitoli lapho ezokwenza izifundo zokuba ngudokotela wezilwane. Uneminyaka eyi-16 ubudala futhi useselelwe ngunyaka owodwa ukuba aqede e-New Hanover High School lapho engumfundi khona. Inombolo yesikole ithi, -063 9 245 536. Ikheli lona lithi, 132 Chelmsford Road, Bulawayo.\n\t\t\t\t\t\t\nUKhanyisile uhlala nomama wakhe uSebenzile Mdletshe. Ubaba wakhe usebenza e-Zambia kanti uvame ukubuya emva kwezinyanga ezimbili. USebenzile uyintatheli yephephandaba. Inombolo yakhe yocingo ithi -004 020 1723 kanti uyatholakala nakuyo i-imeyili ethi: sebenzilem@ezesizwe.org uthinteka kalula ngocingo ngoba uhlale esemgwaqeni. Ikhaya likaKhanyisile likunombolo-23 Esigodini Road, Bulawayo. Inombolo yocingo ithi, -063 9 263 323.\n\t\t\t\t\t\t\nNjalo ngempelasonto uthanda ukuvakashela izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo. Uyathanda ukusiza lapho ngaphandle kokukhokhelwa. UKhanyisile ubone isikhangiso lapho kufuneka abantu abazosebenza ngezimpelasonto noma ebusuku esibhedlela esisha sezilwane. Lokhu kungaba yithuba elihle kakhulu kuye ngoba lokhu kuhambisana nezifundo afisa ukuzenza kanti futhi kuyinto athandayo ukuyenza.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Iyiphi indlela ongaxhumana ngayo nabakwaVakash’ Ufunde uma udinga ukukhuluma nabo ngaleso sikhathi.", "a": "Ukubashayela ucingo kule nombolo ethi 091 818120", "context": "Vakash’ Ufunde\n \nInkampani yakwaVakash’ Ufunde isiza izikole ezifuna ukuhambisa abafundi bazo ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokuba kube khona abakufundayo.\n \nSineminyaka engaphezu kwengamashumi amabili sisebenzisana nezikole ukuhlela ukuvakasha okuhambisana nezemfundo. Siyakwazi okusebenzayo uma kuziwa emfundweni yangaphandle kwasekilasini.\n \nSingakusiza ngokukuhlelela uhambo nabafundi bakho abaphakathi kweminyaka eyi-10 kuya kweyi-18 lokuya noma kuphi. Asigcini ngokuhlela ukuvakasha okuqondene nezifundo zasekilasini kuphela. Silungisela abafundi izinhlelo zokuphuma eziqondene namakhono okuxazulula izinkinga kanye nezobuholi.\n \nUkuphepha kuhamba phambili ngakho senza isiqiniseko sokuthi sisebenzisana nezinkampani ezisemthethweni ngakho sisebenzisa amahhotela, amahhositela, amabhasi kanye namabhanoyi abhalisiwe futhi ahambisana nemigomo engaphansi komthetho wezokuvakasha nokungcebeleka umhlaba wonke. Zonke izindawo esihambisa abafundi kuzo ziphephile.\n \nUbudlelwano obuhle esinabo nezinkampani buqinisekisa ukuthi sithole amanani aphansi ezithuthi, nezindawo zokuhlala kanye nemali yokungena ezindaweni ezisuke zivakashelwe. Lokhu kwenza ukuthi ukwazi ukuhamba nabafundi bakho ngemali ephansi kwaleyo obuzoyikhokha ukuba ubuzihlelele wena.\n \nKwaVakash’ Ufunde siyayithanda imfundo kanye nezemvelo. Bonke abasebenza nathi baneminyaka eminingi benza lo msebenzi wokuphuma nezikole. Ngakho ungasethemba.\n \nNgeminye imininingwane sithinte kule nombolo yocingo: 091 818120 ukuze ukhulume nathi ngokushesha. Ungathanda ikhasi lethu ku-Facebook noma usilandele ku-Twitter. Ungangena naku webpage lethu ushiye imininingwane yakho ku-www.vuedu.org.cz sizobe sesikuthinta ngakusasa.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngobani abamemayo.", "a": "Umndeni wakaNcanana", "context": "**UMEMULO**\n\nUMNDENI WAKWA NCANANA UYANIMEMA\nUKUBA NIZOBUNGAZA KANYE\nNABO KUMEMULO WENDODAKAZI YABO\nuNtokozo Ncanana\n\nUSUKU: 9 DECEMBER 2017\nISIKHATHI: 11 H 30 AM\nINDAWO: 8 MAPLE CRESCENT, WYEBANK\n\nONGAMUTHINTA:\nNONHLANHLA NCANANA\n060 4872 477 | 073 9455 474", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala lokhu okulandelayo okutholakala kule nkondlo engenhla: Imvumelwano sigcino", "a": "Imvumelwano sigcino\nUmugqa 5 no 6\n........yo\n........yo", "context": "Impelasonto iyize ngaphandle kwakho,\nImishado iduma ngaphandle kwakho,\nImemulo ayinambitheki ngaphandle kwakho,\nAmaphathi awamnandi ngaphandle kwakho.\n\nBayakuthanda abakuthandayo,\nBayakuzonda abakuzondayo,\nBanesibindi abakuphuzayo,\nBangamagwala abakuphuzayo.\n\nUbahlekisa bengahleki,\nBahlek' inhlinini behlek' ubala,\nUsungaphakathi ezibilini,\nUsungaphakathi engqondweni.\n\nBakhal' ubumayemaye,\nBengakuthintanga ngomlomo,\nNgawe kuvuvukala imilomo.\nNgawe sebelele kobandayo.\n\nUbashaya bakekele okwelanga lasebusika,\nUbashaya bamoyizele okukamakoti ebon' umyeni,\nAmandla akho ehlula indoda kungaliwa,\nUyibhubesi elehlula amadoda, kungaliwa.", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Nikeza ubuningi bamagama afakwe kubakaki. Bhala igama nempendulo kuphela.", "a": "ibhuku – amabhuku", "context": "Umakoti wakhe wathenga (ibhuku)", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yisho izinto ezimbili ezingatholwa othisha kuwebhusayithi?", "a": "a) Izinsizakufunda\nb) Uhla olumangazayo lwezinto kanye nezinhlelo zezifundo zokulandelela ngemuva kokuvasha kwabo.", "context": "Bothisha Besayensi!\n \nNgabe niyafuna yini abafundi benu bazi ukuthi isayensi iwuguqula kanjani umhlaba?\n \nYebo, bazokwenza lokho uma nje bevakashela\n \nEmbukisweni wezesayensi wezikole\n \nZonke izinsuku ngenyanga kaJuni, abafundi bazoba nethuba lokuhlangana nekusasa e-Durban Exhibition Centre.\n \nKuzoba namakhulu emisebenzi yesayensi abafundi abangayijabulela ukuyizama, kanye nethuba:\nlokungena ku-capsule yasemkhathini\nlokukhuluma nosomkhathi emoyeni mayelana nokuthi osomkhathi basebenza, balale futhi bazijabulise kanjani, esiteshini sasemkhathini\nlokufunda ngokuthi ubuchwepheshe basemkhathini buthinte kanjani impilo emhlabeni\nlokubuka amavidiyo ngemizamo yomhlaba wonke yokulwa nokuguquka kwesimo sezulu\nlokuzwa osolwazi basemanyuvesi bekhuluma ngokuthi abantu bazoguquka kanjani esikhathini esizayo\nlokwenza ucwaningo lokuhlola ukuthi izakhi zofuzo (amajinethiksi) zingasiza kanjani ukuqeda izifo emhlabeni wonke jikelele.\n \nSiqinisekisa ukuthi sonke isivakashi sizophuma simangazwe yilokhu esizobe sikubona – futhi abafundi bangahamba nomqulu wolwazi ukuze bathuthukise ukuqonda kwabo izifundo zesayensi esikoleni.\n \nNgakho-ke, bothisha – uma nifuna izinsizakufunda zokulungiselela abafundi benu ngabazokubona embukisweni ukuze bakwazi ukuzuza kakhulu kuwo, sicela niye kuwebhusayithi yethu. Nizothola uhla olumangazayo lwezinto kanye nezinhlelo zokulungiselela izifundo ezenzelwe nina zokufundisa ngemuva kokuvakasha kwabo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Khipha amagama aphindiwe kule nkondlo.", "a": "Wena gogo wami", "context": "Ukube awungibuthanga \nNgilahlwe ngabazali bami. \nUkube awungimelanga \nNgiwusana olunganakuzivikela. \nNgabe ngikuphi Gogo wami? \nNguwena owangikhulisayo \nBengenandaba abangilethayo. \nWadla nami kweyempesheni \nUngizamela nokokuya esikoleni. \nWena Gogo wami.\n\nNgawe ngingene eNyuvesi, \nWazixabanisa nomashonisa. \nNoma sebekusabisa waphikelela \nUcula iculo lempumelelo yami. \nWena Gogo wami.\n\nNgikhomba ngophakathi namuhla, \nNgibhukuda kwaluhlaza amadlelo \nNgalomuzi omusha omkhulukazi, \nOkungakaze kuhlale muntu kuwo, \nNgithi kuwe unwele ulude! \nUgubha amashumi ayisithupha, \nHappy Birthday Gogo wami.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Lithini iqiniso elafikela umbhali kulokhu okwashiwo ngunkosikazi wakhe?", "a": "Umkakhe wayelindele ukuthi aphinde agijime.", "context": "Indaba yomgijimi\n\nKwakuyisiqalo esihle. Ukugijima imizuzu engama-20 ibanga eliyikhilomitha elilodwa endaweni yangakithi! “Yintwasahlobo!” Yilokho engangikucabanga ngesikhathi ngivuka ekuseni ngeSonto. “Yisikhathi sokwenza ushintsho, sokuhlukana nalamakhilo asemzimbeni wami! Futhi kuzoba namahlumela amasha ezihlahleni. Yebo! Ngizoyogijima!” Ngabopha izicathulo zami zokugijima ezindala ngaqonda emnyango. Amadodana ami amabili angibuka ngamehlo amakhulu, ekhamisile.\n\nNgemuva kwalokho ngacabanga ukuthi, “Manje sengingazibiza ngomgijimi!” Ngangizizwa ngijabule usuku lonke. Kodwa ngalobo busuku, iqiniso lafika. “Uzogijima njalo ngeSonto ekuseni, vele” kusho umkami. Inhliziyo yami yacwila isikhashana, kodwa-ke, ngaphandle kokucabanga ngazithola sengizishaya isifuba, “Yebo! Futhi ekupheleni kwenyanga ngizobe sengikwazi ukugijima amakhilomitha ama-5 ngaphandle kokuma.” Ubuwula bokuzethemba ngokweqile! “Ngikusholoni lokho?” ngazibuza ngalobo busuku.\n\nKodwa ngakusasa ngazizwa sengingcono, futhi ukuzethemba kwami kwabuya. Ngazizwa kamnandi kakhulu lapho ngifika ekhaya ngibuya ukuyogijima ngoba ngangibona ukuthi omakhelwane babengibuka ngamehlo alangazelela ukuba yimi. Owamukela abantu emsebenzini wangibuza (ngenkathi ngikhuluma ngokunganaki ukuthi bengigijima izolo), “Hawu! Ngabe ungumgijimi vele?” Ngaphendula ngesizotha sokuzenzisa, “Amakhilomitha ambalwa nje ngesikhathi.”\n\nUsuku lwami lokuzalwa lwafika. Yize umama wayehlala njalo ethi ngingumuntu ovilaphayo kunabo bonke abantwana bakhe, ngalolu suku wangimangaza ngesipho semali yokuthi ngiye esitolo sezemidlalo ku-High Street. Ngachitha amahora amaningi lapho, ngikhetha izimpahla ezilungele umsubathi wangempela; ivesti, izikhindi... futhi, nophawu lokugcina, okungekho mgijimi wangempela obengabonakala ngaphandle kwalo, amateki e-Air Float.\n\nNgokugijima ibanga nje elingamakhilomitha ama-5 ngosuku, ngalahlekelwa yilawo makhilo asebusika. Ngangihleka abantu ababehlala behleli ekhaya bengenzi lutho. Ngaze ngabukela phansi “ama-fitness-freaks” ngoba wona ayezilolonga ejimini ebukela i-TV. Ngangizimisele ngokuba umsubathi osezingeni eliphezulu. Amakhaza, umoya, imvula? Ngangingenandaba.\n\nUkuze ngithole abanye engangizojwayelana nabo kuloku zilolonga kwami okusha, ngazithola sengizifake enkingeni. Edolobheni engangihlala kulo kwakukhona ikilabhu yabagijimayo. “IziNsephe”, bazibiza kanjalo. “Igama elihle lekilabhu leli,” ngokucabanga kwami. Leyo indlela engangizizwa ngayo nami. Amalungu ekilabhu angamukela ngezandla ezifudumele. Okwangithatha kakhulu kule kilabhu ukuthi bamukela wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ugijima ngasiphi isivinini noma ibanga elingakanani, wonke amakhono amukelekile! Ngangigcwele ukuzethemba okuhambisana nobuwula ngabhalisa ukugijima ngamaSonto ekuseni, ukusukela ngehora lesi-7 kuze kushaye elesi-9. Sasihlangana endlini yekilabhu bese sisuka!\n\nNgeSonto, ngemuva kwamakhilomitha ayi-15 namahora ama-3, ngabuya ngidiyazela endlini yekilabhu. Ngangiqonda kahle ukuthi ngangisukele okungaphezu kwamandla ami, kodwa amanye amalungu ekilabhu angikhuthaza ngokuthi, “Isikhathi sokuqala sihlala sinzima! Maduzane nje uzobe usugijima nabaholi!”\n\nNgangicabanga ngeSonto elilandelayo njengoba ngangihamba ngiqhuga futhi ngizihudula phakathi neviki. Ngangiwuthandile umoya ohlanzekile nokuvocavoca umzimba, kepha angikuthandanga ukuhlukumezeka amakhilomitha ayi-15. Ngenhlanhla yami ngasinda ekugijimeni ibanga elide okwesibili. Ngemuva nje kokuqala ukugijima kwangamaSonto ekuseni, ngawa ngenyela eqakaleni. “Kubi – kungcono uthathe iviki lokuphumula”, kweluleka abanye abagijimi. Kodwa ngaya kudokotela wami. Indoda eyisimanga, udokotela wami! Wangihlola wabe esesho amazwi awumlingo engangidinga ukuwezwa, “Udinga ikhefu, cishe okungenani izinyanga ezimbili! Kungcono ungagagameli ngenxa yeminyaka yakho.” Kwakuthi angimbambe ngimange! Ngemuva kwalokho, ngizoqhubeka yini mina nokugijima? Hhayi-ke, mhlawumbe ngentwasahlobo elandelayo…", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Chaza ukuthi uTholi ubuphazamisa kanjani ubudlelwane phakathi kukaBheki nalaba balingiswa abalandelayo: ULindiwe", "a": "ULindiwe wayemthanda uBheki lokho okwakwenza baxabane ngenxa kaTholakele okwenza ukuthi noBheki abuye amshiye endlini uLindiwe aye kuTholakele.", "context": "UMSHADO\n\n“Kazi le mali yami iyobuyiswa ubani,nini?”\nAzibuze lombuzo uBheki angayitholi\nimpendulo.Akahlalanga kakhuli esikoleni\nwaphuthuma ukuyokhipha imali. Wabuya\nwazolinda uPamella.”Uma lemali ingabuyi\nisiyongena elobolweni,”\n\nEmva kwesikhashana nje atheleke uPamella. Ufika\nngemoto ebomvu.Athi ukwethuka uBheki.\nAkhumbule ukuthi uLindiwe naye wathathwa imoto\nebomvu.Abone uSifiso ephakamisa isandla\nebingelela uPamella.Imxake futhi leyo\nuBheki.Ubengazi ukuthi uPamella noSifiso\nbayazana.", "grade": "11", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Phinda ubhale imisho ibe senkathini ezayo:", "a": "Uzolwela inkululeko.", "context": "\"Ulwela inkululeko.\"", "grade": "3", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yiziphi izindawo abangakuhlelela uhambo kuzo?", "a": "Umhlaba wonke/noma kuphi", "context": "Vakash’ Ufunde\n\t\t\t\t\t\nInkampani yakwaVakash’ Ufunde isiza izikole ezifuna ukuhambisa abafundi bazo ezindaweni ezahlukene ngenhloso yokuba kube khona abakufundayo.\n\t\t\t\t\t\nSineminyaka engaphezu kwengamashumi amabili sisebenzisana nezikole ukuhlela ukuvakasha okuhambisana nezemfundo. Siyakwazi okusebenzayo uma kuziwa emfundweni yangaphandle kwasekilasini.\n\t\t\t\t\t\nSingakusiza ngokukuhlelela uhambo nabafundi bakho abaphakathi kweminyaka eyi-10 kuya kweyi-18 lokuya noma kuphi. Asigcini ngokuhlela ukuvakasha okuqondene nezifundo zasekilasini kuphela. Silungisela abafundi izinhlelo zokuphuma eziqondene namakhono okuxazulula izinkinga kanye nezobuholi.\n\t\t\t\t\t\nUkuphepha kuhamba phambili ngakho senza isiqiniseko sokuthi sisebenzisana nezinkampani ezisemthethweni ngakho sisebenzisa amahhotela, amahhositela, amabhasi kanye namabhanoyi abhalisiwe futhi ahambisana nemigomo engaphansi komthetho wezokuvakasha nokungcebeleka umhlaba wonke. Zonke izindawo esihambisa abafundi kuzo ziphephile.\n\t\t\t\t\t\nUbudlelwano obuhle esinabo nezinkampani buqinisekisa ukuthi sithole amanani aphansi ezithuthi, nezindawo zokuhlala kanye nemali yokungena ezindaweni ezisuke zivakashelwe. Lokhu kwenza ukuthi ukwazi ukuhamba nabafundi bakho ngemali ephansi kwaleyo obuzoyikhokha ukuba ubuzihlelele wena.\n\t\t\t\t\t\nKwaVakash’ Ufunde siyayithanda imfundo kanye nezemvelo. Bonke abasebenza nathi baneminyaka eminingi benza lo msebenzi wokuphuma nezikole. Ngakho ungasethemba.\n\t\t\t\t\t\nNgeminye imininingwane sithinte kule nombolo yocingo: 091 818120 ukuze ukhulume nathi ngokushesha. Ungathanda ikhasi lethu ku-Facebook noma usilandele ku-Twitter. Ungangena naku webpage lethu ushiye imininingwane yakho ku-www.vuedu.org.cz sizobe sesikuthinta ngakusasa.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala imisebenzi emibili eyenziwa nguSimangele ngesikhathi esifanayo.", "a": "Wethula uhlelo lukamabonakude futhi usebenza nasemsakazweni.", "context": "USimangele ukhule azi ukuthi uzogcina esebenza kumabonakude noma abazali bakhe babenamanye amaphupho ngempilo yakhe. Abazali bakhe babefisa ukuba abe ngunjiniyela kwezikagesi. Uthando lokuba ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude lwakhula kakhulu emva kokuba evakashele lapho kwakuqoshwa khona uhlelo lwabantwana. Wayeneminyaka eyi-14 kuphela ngaleso sikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nKwakufanele ukuba abacele abazali bakhe ukuba ayofunda okuhlukile kunalokhu ababekucabangile. Kwakungesona isinqumo esilula kubaba kaSimangele. Ubaba wakhe wayekhala ngokuthi akazukuhola imali eningi kulo mkhakha ayewukhetha. USimangele wayezithandela ukuba phambi kwamakhamera nokuba nabalandeli abaninginingi, kodwa imali yayingayona into emkhathazayo. Wayengazi nokuthi uyohola malini mhla eqala ukusebenza.\n\t\t\t\t\t\t\nNamuhla, uSimangele uyajabula ukuthi walandela inhliziyo yakhe. Kule minyaka engama-20 enza lo msebenzi akazisoli. Konke ukubona kwenzeka ngendlela ayefisa ngayo. Uma engahlehlisa isikhathi angaphinde akhethe wona lo mkhakha.\n\t\t\t\t\t\t\nUhlelo lukamabonakude alwethulayo luthandwa kakhulu ngabantu abasha. Uvame ukusebenza izinsuku ezintathu evikini ukuqopha iziqephu eziyisithupha, ezidlala amasonto ayisithupha kumabonakude. Uqala ukuqopha ekuseni kakhulu ngehora lesi-5 aze aqede ngehora le-12 emini. Emva kwalokho uphuthuma emsakazweni. Phela ubuye asebenze nasemsakazweni. Uhlelo lwakhe lwasemsakazweni lungena ngehora lesi-2 ntambama luphele ngehora lesi-5 kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesihlanu. Unenhlanhla ukuthi abantu asebenzisana nabo bayasiqonda isimo sakhe futhi benza izinto zibe lula kuye.\n\t\t\t\t\t\t\nNjengomuntu ongusaziwayo, ubuye abizwe ezindaweni ezahlukene ukuba azonandisa noma azokhuthaza. Uvame ukucelwa ukuba abe ngumphathi wohlelo emishadweni ngezimpelasonto. Ngezinye izinsuku wenza ucwaningo noma abe nemihlangano nabadidiyeli bohlelo lwakhe lwakumabonakude.\n\t\t\t\t\t\t\nUSimangele ukholelwa ekutheni kubalulekile ukuba ube nephupho empilweni bese ulilandela. Uyabancoma abazali bakhe ngokuba bamvumele ukuba alandele inhliziyo yakhe noma kwakungelula ekuqaleni. Ubaba wakhe nguye ongumlandeli wakhe omkhulu. Akaphuthelwa wuhlelo lwakhe olukumabonakude olungena njalo ngoLwesine ngehora lesi-6 ebusuku.\n\t\t\t\t\t\t\nUSimangele ungowesifazane ozaziyo ukuthi ufunani empilweni. Maningi amathuba avelayo manje empilweni yakhe kodwa akathatheki kalula. Akazimisele ukuthatha noma yini ngoba ehehwa yimali angayihola. Ufuna ukwenza umsebenzi ozogcina isithunzi sakhe sihloniphekile futhi wenze nabazali bakhe bahlale beziqhenya ngaye.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bala uye emuva ngama-25.\n625; 600; _______; ________; ________", "a": "625; 600; 575; 550; 525", "context": "", "grade": "3", "category": "Mathematics" }, { "q": "iZula Nathi ihlose ukubabonisani abafundi?", "a": "La kuvela khona ukudla abakudlayo.", "context": "Zula Nathi\n\nIzingane eziningi namuhla azinalo ulwazi lokuthi ukudla ezikudlayo kuvela kuphi. EZula Nathi inhloso yethu ukuzibonisa!\n\nIZula Nathi ihlelela abafundi abaneminyaka esukela kweyi-11 kuya kweyi-18 amaholidi asemapulazini. Sesisebenze nezikole iminyaka eyi-15, sithatha abafundi emadolobheni amakhulu baye emapulazini kuyo yonke iNingizimu Afrika. Ngesikhathi sokuhlala kwabo emapulazini, abafundi bavuka ekuseni ngovivi ukusiza epulazini...\n• ngokusenga izinkomo\n• ngezinkukhu\n• ngokutshala imbewu\n• ngokukha imifino.\n\nKepha akuwona wodwa umsebenzi.\n\nKuhlala kukhona nechibi lokubhukuda nezifundo zamahhala zanoma yibaphi abangakwazi ukubhukuda. Kukhona nethuba lokuzwa injabulo yokugibela ihhashi – inqobo nje uma abagibeli besivumela ukuthi sibakhombise ukuthi anakekelwa kanjani amahhashi.\n\nKonke ukudla okudliwa yizingane kulinywa epulazini. Ukuphepha nempilo enhle kuyinto eza kuqala kithi. Amapulazi ethu akhethwa ngokucophelela futhi ahlolisisiwe.\n\nUkuhlala epulazini isonto eli-1 kuya kwama-2. Siphakamisa ukuthi kube nothisha ababili eqenjini ngalinye, owesilisa oyedwa nowesifazane oyedwa ezinganeni ezingalinganiselwa kuma-24. Igumbi ngalinye lingathatha amantombazane noma abafana abangafika kwabayi-6 kanti uthisha ngamunye unegumbi lakhe. Konke kulula kakhulu – size sihlele namabhasi okuthutha abafundi asuka ezikoleni aye emapulazini.\n\nUkubhukha, sicela uxhumane nathi kunombolo yocingo-079 123 4567. Ungathola eminye imininingwane – namavidiyo amapulazi ethu – kuwebhusayithi yethu: www.zula-nathi.co.za.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguNqoba bese ugcwalisa leli fomu.\n\nISIQEPHU B: Imininingwane yomcimbi\n\nUyaze kanjani inkampani yethu? ", "a": "Ngazi ngoThemba umngani wami", "context": "UNqoba ungumfana oneminyaka eyi-17 ubudala. Uhlala nabazali bakhe efulethini elibizwa nge- Bamboo Heights kanti bona bahlala kunombolo-27. Leli fulethi litholakala kunombolo-66 Bamboo Lane, edolobheni lasePitoli.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba uphumelele kahle ezifundweni zakhe futhi uthole umfundaze wokuyoqhuba izifundo zakhe eNyuvesithi Ngilandi. Ubaba wakhe ufuna ukumenzela umcimbi wokumhalalisela nowokumfisela indlela enhle uma eseya phesheya. Ingqinamba ababhekene nayo ngukuthu ifulethi labo alilikhulu ngokwanele okusho ukuthi angeke lanele bonke abantu abafuna ukubamema kulo mcimbi. Abazali bakaNqoba bacele yena ukuba azame ukuthola indawo lapho kungenzelwa lo mcimbi. UNqoba ukhumbule ukuthi iphathi kaThemba, umngani wakhe, eyayisepaki yayimnandi kanjani nokuthi wayesizwe yinkampani ethize. Wayithola kuThemba inombolo yakwa – Happy Days ethi: 012 413 4221 wabathinta ngenombolo yakhe yocingo ethi: 012 441 1316.\n\t\t\t\t\t\t\nNgosuku lomcimbi, abazali bakaNqoba bakuthokozela ukuthi indodana yabo ithole igumbi elihle kanje ehhotela i-The Royal. Leli hotela lisekhoneni lika-Van Reebeck no-Jan Hoofman Street, ePitoli. Naye uNqoba uchazekile ukuthi igumbi ababekulo lalilihle ngempela namatafula ehlotshiswe kahle njengesethembiso. Wonke umuntu wayamukelwe ngengilazi yamanzi abandayo, noma isiphuzo esibandayo. Wayejabule kakhulu uNqoba ngakho konke.\n\t\t\t\t\t\t\nOkuthande ukumphazamisa kancane nje uNqoba ukuthi ukudla akufikanga ngesikhathi abebevumelene ngaso nomphathi wendawo. Kube khona imizuzwana lapho abantu bebelinde ukudla. Abantu ababonanga ukuthi ukudla kuphuzile ukufika ngoba bebexoxa. Nokho asibanga side kakhulu isikhathi kwase kufika ukudla. Abantu bababaze ubumnandi kanye nezinhlobonhlobo zokudla abebengakhetha kuzo. Badla bashaya esentwala okukhombisa ngempela ukuthi bekumnandi.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba nabazali bakhe bajabule kakhulu ngendlela umcimbi ohambe ngayo nangezinga eliphakeme abasebenzi basehhotela abasebenze ngalo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yimuphi umsebenzi ofundisa ngokuthi abantu bazosizakala kanjani ukuthi bangaguli esikhathini esizayo? ", "a": "Ucwaningo.", "context": "Bothisha Besayensi!\n \nNgabe niyafuna yini abafundi benu bazi ukuthi isayensi iwuguqula kanjani umhlaba?\n \nYebo, bazokwenza lokho uma nje bevakashela\n \nEmbukisweni wezesayensi wezikole\n \nZonke izinsuku ngenyanga kaJuni, abafundi bazoba nethuba lokuhlangana nekusasa e-Durban Exhibition Centre.\n \nKuzoba namakhulu emisebenzi yesayensi abafundi abangayijabulela ukuyizama, kanye nethuba:\nlokungena ku-capsule yasemkhathini\nlokukhuluma nosomkhathi emoyeni mayelana nokuthi osomkhathi basebenza, balale futhi bazijabulise kanjani, esiteshini sasemkhathini\nlokufunda ngokuthi ubuchwepheshe basemkhathini buthinte kanjani impilo emhlabeni\nlokubuka amavidiyo ngemizamo yomhlaba wonke yokulwa nokuguquka kwesimo sezulu\nlokuzwa osolwazi basemanyuvesi bekhuluma ngokuthi abantu bazoguquka kanjani esikhathini esizayo\nlokwenza ucwaningo lokuhlola ukuthi izakhi zofuzo (amajinethiksi) zingasiza kanjani ukuqeda izifo emhlabeni wonke jikelele.\n \nSiqinisekisa ukuthi sonke isivakashi sizophuma simangazwe yilokhu esizobe sikubona – futhi abafundi bangahamba nomqulu wolwazi ukuze bathuthukise ukuqonda kwabo izifundo zesayensi esikoleni.\n \nNgakho-ke, bothisha – uma nifuna izinsizakufunda zokulungiselela abafundi benu ngabazokubona embukisweni ukuze bakwazi ukuzuza kakhulu kuwo, sicela niye kuwebhusayithi yethu. Nizothola uhla olumangazayo lwezinto kanye nezinhlelo zokulungiselela izifundo ezenzelwe nina zokufundisa ngemuva kokuvakasha kwabo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kungani walithanda igama laleli kilabhu lokugijima?", "a": "Wazizwa njengensephe.", "context": "Indaba yomgijimi\n\nKwakuyisiqalo esihle. Ukugijima imizuzu engama-20 ibanga eliyikhilomitha elilodwa endaweni yangakithi! “Yintwasahlobo!” Yilokho engangikucabanga ngesikhathi ngivuka ekuseni ngeSonto. “Yisikhathi sokwenza ushintsho, sokuhlukana nalamakhilo asemzimbeni wami! Futhi kuzoba namahlumela amasha ezihlahleni. Yebo! Ngizoyogijima!” Ngabopha izicathulo zami zokugijima ezindala ngaqonda emnyango. Amadodana ami amabili angibuka ngamehlo amakhulu, ekhamisile.\n\nNgemuva kwalokho ngacabanga ukuthi, “Manje sengingazibiza ngomgijimi!” Ngangizizwa ngijabule usuku lonke. Kodwa ngalobo busuku, iqiniso lafika. “Uzogijima njalo ngeSonto ekuseni, vele” kusho umkami. Inhliziyo yami yacwila isikhashana, kodwa-ke, ngaphandle kokucabanga ngazithola sengizishaya isifuba, “Yebo! Futhi ekupheleni kwenyanga ngizobe sengikwazi ukugijima amakhilomitha ama-5 ngaphandle kokuma.” Ubuwula bokuzethemba ngokweqile! “Ngikusholoni lokho?” ngazibuza ngalobo busuku.\n\nKodwa ngakusasa ngazizwa sengingcono, futhi ukuzethemba kwami kwabuya. Ngazizwa kamnandi kakhulu lapho ngifika ekhaya ngibuya ukuyogijima ngoba ngangibona ukuthi omakhelwane babengibuka ngamehlo alangazelela ukuba yimi. Owamukela abantu emsebenzini wangibuza (ngenkathi ngikhuluma ngokunganaki ukuthi bengigijima izolo), “Hawu! Ngabe ungumgijimi vele?” Ngaphendula ngesizotha sokuzenzisa, “Amakhilomitha ambalwa nje ngesikhathi.”\n\nUsuku lwami lokuzalwa lwafika. Yize umama wayehlala njalo ethi ngingumuntu ovilaphayo kunabo bonke abantwana bakhe, ngalolu suku wangimangaza ngesipho semali yokuthi ngiye esitolo sezemidlalo ku-High Street. Ngachitha amahora amaningi lapho, ngikhetha izimpahla ezilungele umsubathi wangempela; ivesti, izikhindi... futhi, nophawu lokugcina, okungekho mgijimi wangempela obengabonakala ngaphandle kwalo, amateki e-Air Float.\n\nNgokugijima ibanga nje elingamakhilomitha ama-5 ngosuku, ngalahlekelwa yilawo makhilo asebusika. Ngangihleka abantu ababehlala behleli ekhaya bengenzi lutho. Ngaze ngabukela phansi “ama-fitness-freaks” ngoba wona ayezilolonga ejimini ebukela i-TV. Ngangizimisele ngokuba umsubathi osezingeni eliphezulu. Amakhaza, umoya, imvula? Ngangingenandaba.\n\nUkuze ngithole abanye engangizojwayelana nabo kuloku zilolonga kwami okusha, ngazithola sengizifake enkingeni. Edolobheni engangihlala kulo kwakukhona ikilabhu yabagijimayo. “IziNsephe”, bazibiza kanjalo. “Igama elihle lekilabhu leli,” ngokucabanga kwami. Leyo indlela engangizizwa ngayo nami. Amalungu ekilabhu angamukela ngezandla ezifudumele. Okwangithatha kakhulu kule kilabhu ukuthi bamukela wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ugijima ngasiphi isivinini noma ibanga elingakanani, wonke amakhono amukelekile! Ngangigcwele ukuzethemba okuhambisana nobuwula ngabhalisa ukugijima ngamaSonto ekuseni, ukusukela ngehora lesi-7 kuze kushaye elesi-9. Sasihlangana endlini yekilabhu bese sisuka!\n\nNgeSonto, ngemuva kwamakhilomitha ayi-15 namahora ama-3, ngabuya ngidiyazela endlini yekilabhu. Ngangiqonda kahle ukuthi ngangisukele okungaphezu kwamandla ami, kodwa amanye amalungu ekilabhu angikhuthaza ngokuthi, “Isikhathi sokuqala sihlala sinzima! Maduzane nje uzobe usugijima nabaholi!”\n\nNgangicabanga ngeSonto elilandelayo njengoba ngangihamba ngiqhuga futhi ngizihudula phakathi neviki. Ngangiwuthandile umoya ohlanzekile nokuvocavoca umzimba, kepha angikuthandanga ukuhlukumezeka amakhilomitha ayi-15. Ngenhlanhla yami ngasinda ekugijimeni ibanga elide okwesibili. Ngemuva nje kokuqala ukugijima kwangamaSonto ekuseni, ngawa ngenyela eqakaleni. “Kubi – kungcono uthathe iviki lokuphumula”, kweluleka abanye abagijimi. Kodwa ngaya kudokotela wami. Indoda eyisimanga, udokotela wami! Wangihlola wabe esesho amazwi awumlingo engangidinga ukuwezwa, “Udinga ikhefu, cishe okungenani izinyanga ezimbili! Kungcono ungagagameli ngenxa yeminyaka yakho.” Kwakuthi angimbambe ngimange! Ngemuva kwalokho, ngizoqhubeka yini mina nokugijima? Hhayi-ke, mhlawumbe ngentwasahlobo elandelayo…", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Lavela kanjani ikhono likaWhitney?", "a": "lavela ngokuthi athole ithuba lokuhola ikhwaya acule yedwa.", "context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kungani umbhali ezwa sengathi “usukele okungaphezu kwamandla akhe”?", "a": "Ukugijima kwangeSonto kwakunzima.", "context": "Indaba yomgijimi\n\nKwakuyisiqalo esihle. Ukugijima imizuzu engama-20 ibanga eliyikhilomitha elilodwa endaweni yangakithi! “Yintwasahlobo!” Yilokho engangikucabanga ngesikhathi ngivuka ekuseni ngeSonto. “Yisikhathi sokwenza ushintsho, sokuhlukana nalamakhilo asemzimbeni wami! Futhi kuzoba namahlumela amasha ezihlahleni. Yebo! Ngizoyogijima!” Ngabopha izicathulo zami zokugijima ezindala ngaqonda emnyango. Amadodana ami amabili angibuka ngamehlo amakhulu, ekhamisile.\n\nNgemuva kwalokho ngacabanga ukuthi, “Manje sengingazibiza ngomgijimi!” Ngangizizwa ngijabule usuku lonke. Kodwa ngalobo busuku, iqiniso lafika. “Uzogijima njalo ngeSonto ekuseni, vele” kusho umkami. Inhliziyo yami yacwila isikhashana, kodwa-ke, ngaphandle kokucabanga ngazithola sengizishaya isifuba, “Yebo! Futhi ekupheleni kwenyanga ngizobe sengikwazi ukugijima amakhilomitha ama-5 ngaphandle kokuma.” Ubuwula bokuzethemba ngokweqile! “Ngikusholoni lokho?” ngazibuza ngalobo busuku.\n\nKodwa ngakusasa ngazizwa sengingcono, futhi ukuzethemba kwami kwabuya. Ngazizwa kamnandi kakhulu lapho ngifika ekhaya ngibuya ukuyogijima ngoba ngangibona ukuthi omakhelwane babengibuka ngamehlo alangazelela ukuba yimi. Owamukela abantu emsebenzini wangibuza (ngenkathi ngikhuluma ngokunganaki ukuthi bengigijima izolo), “Hawu! Ngabe ungumgijimi vele?” Ngaphendula ngesizotha sokuzenzisa, “Amakhilomitha ambalwa nje ngesikhathi.”\n\nUsuku lwami lokuzalwa lwafika. Yize umama wayehlala njalo ethi ngingumuntu ovilaphayo kunabo bonke abantwana bakhe, ngalolu suku wangimangaza ngesipho semali yokuthi ngiye esitolo sezemidlalo ku-High Street. Ngachitha amahora amaningi lapho, ngikhetha izimpahla ezilungele umsubathi wangempela; ivesti, izikhindi... futhi, nophawu lokugcina, okungekho mgijimi wangempela obengabonakala ngaphandle kwalo, amateki e-Air Float.\n\nNgokugijima ibanga nje elingamakhilomitha ama-5 ngosuku, ngalahlekelwa yilawo makhilo asebusika. Ngangihleka abantu ababehlala behleli ekhaya bengenzi lutho. Ngaze ngabukela phansi “ama-fitness-freaks” ngoba wona ayezilolonga ejimini ebukela i-TV. Ngangizimisele ngokuba umsubathi osezingeni eliphezulu. Amakhaza, umoya, imvula? Ngangingenandaba.\n\nUkuze ngithole abanye engangizojwayelana nabo kuloku zilolonga kwami okusha, ngazithola sengizifake enkingeni. Edolobheni engangihlala kulo kwakukhona ikilabhu yabagijimayo. “IziNsephe”, bazibiza kanjalo. “Igama elihle lekilabhu leli,” ngokucabanga kwami. Leyo indlela engangizizwa ngayo nami. Amalungu ekilabhu angamukela ngezandla ezifudumele. Okwangithatha kakhulu kule kilabhu ukuthi bamukela wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ugijima ngasiphi isivinini noma ibanga elingakanani, wonke amakhono amukelekile! Ngangigcwele ukuzethemba okuhambisana nobuwula ngabhalisa ukugijima ngamaSonto ekuseni, ukusukela ngehora lesi-7 kuze kushaye elesi-9. Sasihlangana endlini yekilabhu bese sisuka!\n\nNgeSonto, ngemuva kwamakhilomitha ayi-15 namahora ama-3, ngabuya ngidiyazela endlini yekilabhu. Ngangiqonda kahle ukuthi ngangisukele okungaphezu kwamandla ami, kodwa amanye amalungu ekilabhu angikhuthaza ngokuthi, “Isikhathi sokuqala sihlala sinzima! Maduzane nje uzobe usugijima nabaholi!”\n\nNgangicabanga ngeSonto elilandelayo njengoba ngangihamba ngiqhuga futhi ngizihudula phakathi neviki. Ngangiwuthandile umoya ohlanzekile nokuvocavoca umzimba, kepha angikuthandanga ukuhlukumezeka amakhilomitha ayi-15. Ngenhlanhla yami ngasinda ekugijimeni ibanga elide okwesibili. Ngemuva nje kokuqala ukugijima kwangamaSonto ekuseni, ngawa ngenyela eqakaleni. “Kubi – kungcono uthathe iviki lokuphumula”, kweluleka abanye abagijimi. Kodwa ngaya kudokotela wami. Indoda eyisimanga, udokotela wami! Wangihlola wabe esesho amazwi awumlingo engangidinga ukuwezwa, “Udinga ikhefu, cishe okungenani izinyanga ezimbili! Kungcono ungagagameli ngenxa yeminyaka yakho.” Kwakuthi angimbambe ngimange! Ngemuva kwalokho, ngizoqhubeka yini mina nokugijima? Hhayi-ke, mhlawumbe ngentwasahlobo elandelayo…", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Esikhundleni segama elibhalwe ngokugqamile bhala igama lesiZulu.", "a": "Kumnandi ukuvakashela olwandle Ngentwasahlobo.", "context": "Kumnandi ukuvakashela olwandle ngeSpring.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "", "a": "", "context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala izifinyezo zala magama. \n\nIsibonelo: Dokotela – dkt\n\na) Mnumzane\nb) Nkosikazi", "a": "a) Mnu\nb) Nkk\n", "context": "", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngokucabanga kwakho kungani abantu bebiza uNelson Mandela ngokuthi ‘uTata’?", "a": "Wayebizwa ngokuthi uBaba wesizwe ngoba wayehlonishwa. Wasiholela ekubeni sibe nentando yeningi.", "context": "", "grade": "3", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala igama eliphikisana nelithi: inkosikazi.", "a": "Indoda", "context": "Bhoza: UMasaka usebizwa ngodokotela. Uma ucabanga nkosikazi uwudokotela wani? (Sengenzani manje?)\n\nMkaBhoza: Ungudokotela weziminofo lezi enizidlayo! Wena unguprofesa ngoba uyathenga. Angithi? ngangicasuli la wena Bhoza!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ujwayele ukwenzani uSimangele ngezimpelasonto?", "a": "Ujwayele ukumenywa emicimbini efana nemishado.", "context": "USimangele ukhule azi ukuthi uzogcina esebenza kumabonakude noma abazali bakhe babenamanye amaphupho ngempilo yakhe. Abazali bakhe babefisa ukuba abe ngunjiniyela kwezikagesi. Uthando lokuba ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude lwakhula kakhulu emva kokuba evakashele lapho kwakuqoshwa khona uhlelo lwabantwana. Wayeneminyaka eyi-14 kuphela ngaleso sikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nKwakufanele ukuba abacele abazali bakhe ukuba ayofunda okuhlukile kunalokhu ababekucabangile. Kwakungesona isinqumo esilula kubaba kaSimangele. Ubaba wakhe wayekhala ngokuthi akazukuhola imali eningi kulo mkhakha ayewukhetha. USimangele wayezithandela ukuba phambi kwamakhamera nokuba nabalandeli abaninginingi, kodwa imali yayingayona into emkhathazayo. Wayengazi nokuthi uyohola malini mhla eqala ukusebenza.\n\t\t\t\t\t\t\nNamuhla, uSimangele uyajabula ukuthi walandela inhliziyo yakhe. Kule minyaka engama-20 enza lo msebenzi akazisoli. Konke ukubona kwenzeka ngendlela ayefisa ngayo. Uma engahlehlisa isikhathi angaphinde akhethe wona lo mkhakha.\n\t\t\t\t\t\t\nUhlelo lukamabonakude alwethulayo luthandwa kakhulu ngabantu abasha. Uvame ukusebenza izinsuku ezintathu evikini ukuqopha iziqephu eziyisithupha, ezidlala amasonto ayisithupha kumabonakude. Uqala ukuqopha ekuseni kakhulu ngehora lesi-5 aze aqede ngehora le-12 emini. Emva kwalokho uphuthuma emsakazweni. Phela ubuye asebenze nasemsakazweni. Uhlelo lwakhe lwasemsakazweni lungena ngehora lesi-2 ntambama luphele ngehora lesi-5 kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesihlanu. Unenhlanhla ukuthi abantu asebenzisana nabo bayasiqonda isimo sakhe futhi benza izinto zibe lula kuye.\n\t\t\t\t\t\t\nNjengomuntu ongusaziwayo, ubuye abizwe ezindaweni ezahlukene ukuba azonandisa noma azokhuthaza. Uvame ukucelwa ukuba abe ngumphathi wohlelo emishadweni ngezimpelasonto. Ngezinye izinsuku wenza ucwaningo noma abe nemihlangano nabadidiyeli bohlelo lwakhe lwakumabonakude.\n\t\t\t\t\t\t\nUSimangele ukholelwa ekutheni kubalulekile ukuba ube nephupho empilweni bese ulilandela. Uyabancoma abazali bakhe ngokuba bamvumele ukuba alandele inhliziyo yakhe noma kwakungelula ekuqaleni. Ubaba wakhe nguye ongumlandeli wakhe omkhulu. Akaphuthelwa wuhlelo lwakhe olukumabonakude olungena njalo ngoLwesine ngehora lesi-6 ebusuku.\n\t\t\t\t\t\t\nUSimangele ungowesifazane ozaziyo ukuthi ufunani empilweni. Maningi amathuba avelayo manje empilweni yakhe kodwa akathatheki kalula. Akazimisele ukuthatha noma yini ngoba ehehwa yimali angayihola. Ufuna ukwenza umsebenzi ozogcina isithunzi sakhe sihloniphekile futhi wenze nabazali bakhe bahlale beziqhenya ngaye.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Isidingo sokuthi abantu abasha bazise abazali ngabakwenzayo kwezobuchwephese", "a": "[\"abazali basheshe babone uma kukhona ubungozi/okungahambi kahle.\", \"abazali babeka imithetho ezovikela umntwana.\"]", "context": "Kuyiqiniso esingeke saliphikisa ukuthi siphila esikhathini sobuchwepheshe besimanje. Ungathola lonke ulwazi oludingayo ngokucofa ibhathini, yingakho abantu behlala bephethe omakhalekhukhwini, ama-tablet nanoma yikuphi okunye okusebenza ngobuchwepheshe besimanje. Impilo seyilula kakhulu manje. Isibonelo salokhu ukuthi siyakwazi ukuxhumana nabantu umhlaba wonke. Akukhathaleki ukuthi bakude kangakanani. Ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje kuyasisiza ukonga isikhathi. Siningi isikhathi ebesingasichitha emgwaqeni kodwa manje siyasonga ngokuthenga sihleli emakhaya. Kuningi okunye esingakwenza sizihlalele emakhaya noma sihleli edesikini emsebenzini.\n\nKukhona izinto eziningi ezinhle uma kuza kwezobuchwepheshe. Buningi futhi nobungozi abantu abangangena kubo uma bengaqwashisiwe. Abantu abasha bathanda kakhulu izinkundla zokuxhumana. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi uzisebenzisa kanjani lezi zinkundla uma usukhethe ukungena kuzo. Kumele wazi ukuthi yini eyamukelekile nelungile kanye nengalungile uma ukulezi zinkundla. Okokuqala ukuthi ungabamukeli abantu ongabazi ukuba babe ngabangani bakho kulezi zinkundla zokuxhumana ngoba bangakukhohlisa ngokuthi baziveze njengabantu abangesiyibo uqobo lwabo. Bangaqamba amanga ngeminyaka yabo futhi babe nezinhloso ezimbi abafuna ukuzifeza. Kuphephile ukuxoxa nabantu obaziyo. Phela kunabantu abahlukumezanayo nabayiziqhwaga ezinkundleni zokuxhumana.\n\nKumele futhi uqaphele ukuthi yini oyibhalayo noma oyishoyo kwabanye kulezi zinkundla. Ngoba kulula ukuzithola ususenkingeni. Omunye angasho izinto ngomunye angeke akwazi ukuzisho ebusweni bakhe uma sebebonana. Lokhu akukuhle. Okokugcina, kuhle ucabangisise ngaphambi kokufaka izithombe ezinkundleni zokuxhumana. Kulukhuni ukuzisusa izithombe uma sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana. Ezinye izinkampani ngaphambi kokuba zikuqashe zingabheka ukuthi uvela njengomuntu onjani ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kungaba nomthelela ekutheni uyawuthola yini noma awuwutholi umsebenzi ofake isicelo sawo.\n\nEnye yezinto engiziqaphelile ukuthi abantu abayivikeli imininingwane yabo ezinkundleni zokuxhumana. Zonke izinkundla zokuxhumana zinezinhlelo zokuvikela ukuthi yini engabonwa abanye abantu mayelana nawe kodwa kumele ukuthi wena ukukhethe ofisa bakubone. Imininingwane efana nekheli lakho kanye nenombolo yakho yocingo akufanele ibonwe yiwona wonke umuntu ngakho- ke kugcine lokhu kufihlekile. Bantu abasha, ngiyazi ukuthi angeke kube lula ngaso sonke isikhathi kodwa, kubalulekile ukuthi nabazali benu nibazise ukuthi yini eniyenzayo ezinkundleni zokuxhumana nakuyo nje i-intanethi. Noma abantu abadala bangaba nolwazi oluncane ngobuchwephese kodwa bayakwazi ukushesha ukubona uma kukhona into engahambi kahle nengaba yingozi. Abazali bakho bangakubekela imithetho okumele uyilandele kodwa khumbula ukuthi basuke besiza wena befuna uvikeleke.\n\nUbuchwepheshe buza nezinto ezizosiza izimpilo zethu. Masiwasebenzise wonke amathuba esiwalethelwa ezobuchwepheshe. Noma kunjalo, kolunye uhlangothi simelwe ukuqinisekisa ukuthi impilo yethu ayidluli phambi kwethu noma yonakale ngenxa yobuchwepheshe.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yaba namuphi umthelela indlela umbhali ayesebenzisa ngayo isikhathi esangumfundi?", "a": "Wayengenzi kahle esikoleni/ wayengatholi amamaki amahle nawafanele/wayenza umsebenzi esengaphansi kwengindezi", "context": "Iwashi elifakwa esandleni noma eliphanyekwa odongeni lingufakazi omkhulu wokuthi ihora nehora lisho uguquko olwenzekayo empilweni yomuntu ngamunye emhlabeni jikelele. Kufanele nakanjani ukuba isikhathi sisetshenziswe ngendlela efanele. Ungahlala ungenzi lutho kodwa sona isikhathi siyahamba. Asimile futhi asisoze samlinda umuntu.\n\nKwangisiza nami ukuba nomzali owayekwazisa ukusetshenziswa kwesikhathi. Wayevame ukusho umama ukuthi, isikhathi esilahlekile asibuyeli emuva. Sifana nomfula olokhu ugeleze njalo uya phambili futhi ongomiswa ngisho nayisomiso. Kunabantu abasazisayo isikhathi nokuthi kuningi okumele bakwenze nakuba isikhathi sisincane. Ngiyacabanga ukuthi sasuka lapho isisho sesiZulu esithi, ‘isikhathi sesidliwe yinja’. Saqanjelwa ukuxwayisa futhi siphaphamise abantu laba abenza zonke izinto ngonyawo lonwabu. Laba bantu banazo-ke izimpendulo ngoba uyaye ubezwe bethi, ‘Khululeka, ngizogcina ngifikile nami lapho kwazise phela nenja iyawaqeda amanzi ngolimi.’\n\nEsikoleni, ngangingawenzi umsebenzi wami ngisanesikhathi esanele. Lokhu kwakugcina kungenza ngigcine ngiphuthelwe umdlalo webhola noma uhlelo engiluthandayo lukamabonakude sengizama ukuqeda lowo msebenzi wesikole. Siningi isikhathi esichithwa abanye abafundi ngokudlala nokuxoxa nabangane ngesikhathi uthisha efundisa. Sengathi abafundi bangalalela lapho kufundiswa.\n\nNgasifunda isifundo ngisakhula. Manje sengiyasihlela isikhathi sazo zonke izinto engizenzayo. Lokhu ngikuthola kungisiza ukuthi ngenze izinto ngokuhleleka. Impumelelo empilweni yami njengosomabhizinisi ilele ekutheni ngiyakwazi ukwenzisisa lokho okusuke kufanele ngikwenze ngaleso sikhathi. Ngiba nesikhathi esanele sokubuyela emuva ngilungise amaphutha ngaphandle kwengcindezi. Abantu abasiqikelelayo isikhathi ziba mbalwa kabi izinto ezibaphuthelayo ngaphandle uma bebona ukuthi lezo zinto zizobachithela isikhathi bese bengazibandakanyi nazo. Bahlela ngisho isikhathi sokungcebeleka ukuze singashayisani naleso sokwenza umsebenzi.\n\nAyikho into engihlukumeza njengokufika emcimbini ngilinde isikhathi eside ngoba abawuhlelayo behluleka ukuwuqala ngesikhathi abebesishilo. Sekujwayelekile ukubona abantu bezifikela umcimbi usuphakathi ngenxa yokwazi ukuthi akuqalwa ngesikhathi. Ngaba nenhlanhla ukuthola unkosikazi osazisayo isikhathi njengami. Umshado wethu waqala ngesikhathi, okuyinto engajwayelekile. Ukungagcini isikhathi kukhathaza kakhulu esontweni uma kungumshado lapho umakoti engasaqhamuki. Ngike ngaba semishadweni lapho umkhwenyana walinda waze wacabanga ukuthi umakoti wakhe usemphucwe ngabanye.\n\nUma ngifake isicelo somsebenzi bese ngibizelwa inhlolokhono, ngiyaqinisekisa ukusigcina isikhathi. Abanye abantu abasuke bezele le nhlolokhono ukuze baqashwe bafika emuva kwesikhathi esibekiwe. Lokhu kwehlisa isithunzi salowo ofikele inhlolokhono futhi kumenza abukeke njengomuntu ongawugqizi qakala lowo msebenzi. Kuwuphawu lokungabi nanhlonipho ngisho kulowo noma kulabo abasuke bezompheka ngemibuzo. Kwenza babone ukuthi noma angawuthola lo msebenzi uyoba wuhlupho ehlulwa ukubamba isikhathi sokufika emsebenzini kanye naleso sokwenza umsebenzi awuqede ngakho angagcina engawutholanga lowo msebenzi.\n\nIsikhathi esingaqapheleki kangako ukuhamba kwaso yilesi esichitheka uma umuntu elele. Umuntu akalali izinsuku ngezinsuku engavuki ngoba sikhona lesi esibizwa ngokuthi esokuvuka. Kusuke sekufanele aqhubeke nezidingo zosuku. Kufanele abazali bazifundise izingane zabo ngokugcina nokuhlela isikhathi ukuze impilo yazo iqonde. Uye uzwe abantu bethi ukuba kubuyelwa emuva, ziningi izinto abangazenza ngendlela ehlukile ngoba bachitha isikhathi. Kuyiqiniso impela ukuthi akubuyelwa emuva kungemgqigqo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguNqoba bese ugcwalisa leli fomu.\n\nISIQEPHU B: Imininingwane yomcimbi\n\nUhlobo lwendawo:", "a": "Igumbi ehhotela lase-The Royal", "context": "UNqoba ungumfana oneminyaka eyi-17 ubudala. Uhlala nabazali bakhe efulethini elibizwa nge- Bamboo Heights kanti bona bahlala kunombolo-27. Leli fulethi litholakala kunombolo-66 Bamboo Lane, edolobheni lasePitoli.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba uphumelele kahle ezifundweni zakhe futhi uthole umfundaze wokuyoqhuba izifundo zakhe eNyuvesithi Ngilandi. Ubaba wakhe ufuna ukumenzela umcimbi wokumhalalisela nowokumfisela indlela enhle uma eseya phesheya. Ingqinamba ababhekene nayo ngukuthu ifulethi labo alilikhulu ngokwanele okusho ukuthi angeke lanele bonke abantu abafuna ukubamema kulo mcimbi. Abazali bakaNqoba bacele yena ukuba azame ukuthola indawo lapho kungenzelwa lo mcimbi. UNqoba ukhumbule ukuthi iphathi kaThemba, umngani wakhe, eyayisepaki yayimnandi kanjani nokuthi wayesizwe yinkampani ethize. Wayithola kuThemba inombolo yakwa – Happy Days ethi: 012 413 4221 wabathinta ngenombolo yakhe yocingo ethi: 012 441 1316.\n\t\t\t\t\t\t\nNgosuku lomcimbi, abazali bakaNqoba bakuthokozela ukuthi indodana yabo ithole igumbi elihle kanje ehhotela i-The Royal. Leli hotela lisekhoneni lika-Van Reebeck no-Jan Hoofman Street, ePitoli. Naye uNqoba uchazekile ukuthi igumbi ababekulo lalilihle ngempela namatafula ehlotshiswe kahle njengesethembiso. Wonke umuntu wayamukelwe ngengilazi yamanzi abandayo, noma isiphuzo esibandayo. Wayejabule kakhulu uNqoba ngakho konke.\n\t\t\t\t\t\t\nOkuthande ukumphazamisa kancane nje uNqoba ukuthi ukudla akufikanga ngesikhathi abebevumelene ngaso nomphathi wendawo. Kube khona imizuzwana lapho abantu bebelinde ukudla. Abantu ababonanga ukuthi ukudla kuphuzile ukufika ngoba bebexoxa. Nokho asibanga side kakhulu isikhathi kwase kufika ukudla. Abantu bababaze ubumnandi kanye nezinhlobonhlobo zokudla abebengakhetha kuzo. Badla bashaya esentwala okukhombisa ngempela ukuthi bekumnandi.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba nabazali bakhe bajabule kakhulu ngendlela umcimbi ohambe ngayo nangezinga eliphakeme abasebenzi basehhotela abasebenze ngalo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguKhanyisile ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nImininingwane yomzali\n\nInombolo yocingo:", "a": "004 020 1723", "context": "UKhanyisile Mdletshe ungumuntu ozithandayo izilwane ezifuywayo emakhaya ezifana nezinja, amakati nezinye. Usafunda isikole okwamanje kodwa uma eqeda ufisa ukuyofunda eNyuvesi yasePitoli lapho ezokwenza izifundo zokuba ngudokotela wezilwane. Uneminyaka eyi-16 ubudala futhi useselelwe ngunyaka owodwa ukuba aqede e-New Hanover High School lapho engumfundi khona. Inombolo yesikole ithi, -063 9 245 536. Ikheli lona lithi, 132 Chelmsford Road, Bulawayo.\n\t\t\t\t\t\t\nUKhanyisile uhlala nomama wakhe uSebenzile Mdletshe. Ubaba wakhe usebenza e-Zambia kanti uvame ukubuya emva kwezinyanga ezimbili. USebenzile uyintatheli yephephandaba. Inombolo yakhe yocingo ithi -004 020 1723 kanti uyatholakala nakuyo i-imeyili ethi: sebenzilem@ezesizwe.org uthinteka kalula ngocingo ngoba uhlale esemgwaqeni. Ikhaya likaKhanyisile likunombolo-23 Esigodini Road, Bulawayo. Inombolo yocingo ithi, -063 9 263 323.\n\t\t\t\t\t\t\nNjalo ngempelasonto uthanda ukuvakashela izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo. Uyathanda ukusiza lapho ngaphandle kokukhokhelwa. UKhanyisile ubone isikhangiso lapho kufuneka abantu abazosebenza ngezimpelasonto noma ebusuku esibhedlela esisha sezilwane. Lokhu kungaba yithuba elihle kakhulu kuye ngoba lokhu kuhambisana nezifundo afisa ukuzenza kanti futhi kuyinto athandayo ukuyenza.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala usuku ozoba ngalo lomcimbi. Inyanga ibhale ngesiZulu.", "a": "kuZibandlela", "context": "**UMEMULO**\n\nUMNDENI WAKWA NCANANA UYANIMEMA\nUKUBA NIZOBUNGAZA KANYE\nNABO KUMEMULO WENDODAKAZI YABO\nuNtokozo Ncanana\n\nUSUKU: 9 DECEMBER 2017\nISIKHATHI: 11 H 30 AM\nINDAWO: 8 MAPLE CRESCENT, WYEBANK\n\nONGAMUTHINTA:\nNONHLANHLA NCANANA\n060 4872 477 | 073 9455 474", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nGcwalisa okulandelayo uma ungaphansi kweminyaka eyishumi nesishiyagalombili: \n\nInombolo atholakala kuyo:", "a": "0731 995 3657", "context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, Mbat.Zin@zamail.co.zi. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, Ndlo.Sin@StMartha.co.zi.\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguKhanyisile ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nImininingwane ngawe\n\nIgama lesikole sakho:", "a": "New Hanover High School", "context": "UKhanyisile Mdletshe ungumuntu ozithandayo izilwane ezifuywayo emakhaya ezifana nezinja, amakati nezinye. Usafunda isikole okwamanje kodwa uma eqeda ufisa ukuyofunda eNyuvesi yasePitoli lapho ezokwenza izifundo zokuba ngudokotela wezilwane. Uneminyaka eyi-16 ubudala futhi useselelwe ngunyaka owodwa ukuba aqede e-New Hanover High School lapho engumfundi khona. Inombolo yesikole ithi, -063 9 245 536. Ikheli lona lithi, 132 Chelmsford Road, Bulawayo.\n\t\t\t\t\t\t\nUKhanyisile uhlala nomama wakhe uSebenzile Mdletshe. Ubaba wakhe usebenza e-Zambia kanti uvame ukubuya emva kwezinyanga ezimbili. USebenzile uyintatheli yephephandaba. Inombolo yakhe yocingo ithi -004 020 1723 kanti uyatholakala nakuyo i-imeyili ethi: sebenzilem@ezesizwe.org uthinteka kalula ngocingo ngoba uhlale esemgwaqeni. Ikhaya likaKhanyisile likunombolo-23 Esigodini Road, Bulawayo. Inombolo yocingo ithi, -063 9 263 323.\n\t\t\t\t\t\t\nNjalo ngempelasonto uthanda ukuvakashela izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo. Uyathanda ukusiza lapho ngaphandle kokukhokhelwa. UKhanyisile ubone isikhangiso lapho kufuneka abantu abazosebenza ngezimpelasonto noma ebusuku esibhedlela esisha sezilwane. Lokhu kungaba yithuba elihle kakhulu kuye ngoba lokhu kuhambisana nezifundo afisa ukuzenza kanti futhi kuyinto athandayo ukuyenza.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Amadodana akhe azizwa kanjani ngokugijima kwakhe?", "a": "Babemangele.", "context": "Indaba yomgijimi\n\nKwakuyisiqalo esihle. Ukugijima imizuzu engama-20 ibanga eliyikhilomitha elilodwa endaweni yangakithi! “Yintwasahlobo!” Yilokho engangikucabanga ngesikhathi ngivuka ekuseni ngeSonto. “Yisikhathi sokwenza ushintsho, sokuhlukana nalamakhilo asemzimbeni wami! Futhi kuzoba namahlumela amasha ezihlahleni. Yebo! Ngizoyogijima!” Ngabopha izicathulo zami zokugijima ezindala ngaqonda emnyango. Amadodana ami amabili angibuka ngamehlo amakhulu, ekhamisile.\n\nNgemuva kwalokho ngacabanga ukuthi, “Manje sengingazibiza ngomgijimi!” Ngangizizwa ngijabule usuku lonke. Kodwa ngalobo busuku, iqiniso lafika. “Uzogijima njalo ngeSonto ekuseni, vele” kusho umkami. Inhliziyo yami yacwila isikhashana, kodwa-ke, ngaphandle kokucabanga ngazithola sengizishaya isifuba, “Yebo! Futhi ekupheleni kwenyanga ngizobe sengikwazi ukugijima amakhilomitha ama-5 ngaphandle kokuma.” Ubuwula bokuzethemba ngokweqile! “Ngikusholoni lokho?” ngazibuza ngalobo busuku.\n\nKodwa ngakusasa ngazizwa sengingcono, futhi ukuzethemba kwami kwabuya. Ngazizwa kamnandi kakhulu lapho ngifika ekhaya ngibuya ukuyogijima ngoba ngangibona ukuthi omakhelwane babengibuka ngamehlo alangazelela ukuba yimi. Owamukela abantu emsebenzini wangibuza (ngenkathi ngikhuluma ngokunganaki ukuthi bengigijima izolo), “Hawu! Ngabe ungumgijimi vele?” Ngaphendula ngesizotha sokuzenzisa, “Amakhilomitha ambalwa nje ngesikhathi.”\n\nUsuku lwami lokuzalwa lwafika. Yize umama wayehlala njalo ethi ngingumuntu ovilaphayo kunabo bonke abantwana bakhe, ngalolu suku wangimangaza ngesipho semali yokuthi ngiye esitolo sezemidlalo ku-High Street. Ngachitha amahora amaningi lapho, ngikhetha izimpahla ezilungele umsubathi wangempela; ivesti, izikhindi... futhi, nophawu lokugcina, okungekho mgijimi wangempela obengabonakala ngaphandle kwalo, amateki e-Air Float.\n\nNgokugijima ibanga nje elingamakhilomitha ama-5 ngosuku, ngalahlekelwa yilawo makhilo asebusika. Ngangihleka abantu ababehlala behleli ekhaya bengenzi lutho. Ngaze ngabukela phansi “ama-fitness-freaks” ngoba wona ayezilolonga ejimini ebukela i-TV. Ngangizimisele ngokuba umsubathi osezingeni eliphezulu. Amakhaza, umoya, imvula? Ngangingenandaba.\n\nUkuze ngithole abanye engangizojwayelana nabo kuloku zilolonga kwami okusha, ngazithola sengizifake enkingeni. Edolobheni engangihlala kulo kwakukhona ikilabhu yabagijimayo. “IziNsephe”, bazibiza kanjalo. “Igama elihle lekilabhu leli,” ngokucabanga kwami. Leyo indlela engangizizwa ngayo nami. Amalungu ekilabhu angamukela ngezandla ezifudumele. Okwangithatha kakhulu kule kilabhu ukuthi bamukela wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ugijima ngasiphi isivinini noma ibanga elingakanani, wonke amakhono amukelekile! Ngangigcwele ukuzethemba okuhambisana nobuwula ngabhalisa ukugijima ngamaSonto ekuseni, ukusukela ngehora lesi-7 kuze kushaye elesi-9. Sasihlangana endlini yekilabhu bese sisuka!\n\nNgeSonto, ngemuva kwamakhilomitha ayi-15 namahora ama-3, ngabuya ngidiyazela endlini yekilabhu. Ngangiqonda kahle ukuthi ngangisukele okungaphezu kwamandla ami, kodwa amanye amalungu ekilabhu angikhuthaza ngokuthi, “Isikhathi sokuqala sihlala sinzima! Maduzane nje uzobe usugijima nabaholi!”\n\nNgangicabanga ngeSonto elilandelayo njengoba ngangihamba ngiqhuga futhi ngizihudula phakathi neviki. Ngangiwuthandile umoya ohlanzekile nokuvocavoca umzimba, kepha angikuthandanga ukuhlukumezeka amakhilomitha ayi-15. Ngenhlanhla yami ngasinda ekugijimeni ibanga elide okwesibili. Ngemuva nje kokuqala ukugijima kwangamaSonto ekuseni, ngawa ngenyela eqakaleni. “Kubi – kungcono uthathe iviki lokuphumula”, kweluleka abanye abagijimi. Kodwa ngaya kudokotela wami. Indoda eyisimanga, udokotela wami! Wangihlola wabe esesho amazwi awumlingo engangidinga ukuwezwa, “Udinga ikhefu, cishe okungenani izinyanga ezimbili! Kungcono ungagagameli ngenxa yeminyaka yakho.” Kwakuthi angimbambe ngimange! Ngemuva kwalokho, ngizoqhubeka yini mina nokugijima? Hhayi-ke, mhlawumbe ngentwasahlobo elandelayo…", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngubani oqale lenkulumo phakathi kukaBhoza noMkaBhoza?", "a": "UBhoza.", "context": "Bhoza: UMasaka usebizwa ngodokotela. Uma ucabanga nkosikazi uwudokotela wani? (Sengenzani manje?)\n\nMkaBhoza: Ungudokotela weziminofo lezi enizidlayo! Wena unguprofesa ngoba uyathenga. Angithi? ngangicasuli la wena Bhoza!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Guqula amasenti abe ngamarandi. 1000c = R _________", "a": "R10,00", "context": "", "grade": "3", "category": "Mathematics" }, { "q": "Qedela umusho. Wawuhlalaphi umndeni wakwaShabangu? Umndeni wakwaShabangu wawuhlala ...", "a": "epulazini ", "context": "UMnumzane noNkosikazi Shabangu babehlala epulazini nezingane zabo, uThoko noThemba. UNkosikazi Shabangu noThoko babhaka izinkwa nsuku zonke bahlanze izitebele. AbakwaMsibi, Tembe nabakwaZulu bathanda ukuvakashela abakwaShabangu. Izingane zazinakekela izinkukhu namadada. UMnumzane Shabangu wayebhekelela izinkomo nezimvu.\n\nNgolunye usuku umndeni wawuthokozela isidlo sephikhinikhi emini okwakuwushizi, amashibusi, namaqatha enyama yemvu. Ngaso leso sikhathi kwenzeka inhlekelele yengozi. Ugandaganda waphelelwa amabhuleki, wabonakala wehla kancane uqonde ezansi. Wezwakala uMnumzane Shabangu ememeza exwayisa umndeni wakhe. Wehla njalo ugandaganda ugingqika wayongena edamini. Umndeni wagijima emva kwawo, nawo wangena emanzini.\n\nUMnumzane Shabangu wabophela isipani sezinkabi ukuba sidonse ugandaganda. Umndeni wonke wajabula ngoba akekho owalimala.", "grade": "2", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala lokhu okulandelayo okutholakala kule nkondlo engenhla: Imvumelwano siqalo", "a": "Imvumelwano siqalo\nUmugqa 7 no 8\nBa......\nBa......", "context": "Impelasonto iyize ngaphandle kwakho,\nImishado iduma ngaphandle kwakho,\nImemulo ayinambitheki ngaphandle kwakho,\nAmaphathi awamnandi ngaphandle kwakho.\n\nBayakuthanda abakuthandayo,\nBayakuzonda abakuzondayo,\nBanesibindi abakuphuzayo,\nBangamagwala abakuphuzayo.\n\nUbahlekisa bengahleki,\nBahlek' inhlinini behlek' ubala,\nUsungaphakathi ezibilini,\nUsungaphakathi engqondweni.\n\nBakhal' ubumayemaye,\nBengakuthintanga ngomlomo,\nNgawe kuvuvukala imilomo.\nNgawe sebelele kobandayo.\n\nUbashaya bakekele okwelanga lasebusika,\nUbashaya bamoyizele okukamakoti ebon' umyeni,\nAmandla akho ehlula indoda kungaliwa,\nUyibhubesi elehlula amadoda, kungaliwa.", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Le nsipho ingasetshenziswa ngabantu abahlala kuphi?", "a": "Ingasetshenziswa ngabantu abahlala noma kuphi / emhlabeni wonke.", "context": "Zama iKhuculula okuyinsipho yethu esizenzele igama emakhaya amaningi, ubone umehluko emva kwezinsuku ezimbalwa nje!\n\t\t\t\t\t\t\nIzinsipho zokugeza zaqala zitholakala ngezinhlobo ezimbili. Kukhona uhlobo oluyisigaxa olungasetshenziswa eshaweni noma kubhavu kanye nohlobo oluwuketshezi olwenzelwe ukugeza eshaweni. Amakhasimende ethu azokujabulela ukuthi isiyatholakala nensipho yegwebu oyisebenzisa lapho ugeza kubhavu uma ufuna ukungena uzicwilise emanzini emva kosuku olude.\n\t\t\t\t\t\t\nAmakhasimende ethu awaphinde abheke emuva emva kokusebenzisa iKhuculula. Amakhasimende ancoma ukuthi inukisa isikhumba sawo kamnandi usuku lonke. Athi asikho isidingo sokufaka amakha uma ugeze ngenye yalezi zinsipho zethu. Kunezinhlobo ezihlukene zamakha atholakala kulezi zinsipho. Kuncike kuwe ukuthi uthanda amakha anjani. Kanti futhi iyatholakala nengafakwanga amakha eyenzelwe labo abangezwani nawo. Yona ibonakala kalula ngoba iba sephaketheni elimhlophe uma kuyiqhuzu, kube yisigubhu esimhlophe uma kungeyoketshezi lwaseshaweni noma yoketshezi lwasebhavini olwakha amagwebu. Ezinye zona ziba semaphaketheni nasezigujini ezimibalabala ezihambisana namakha asuke esetshenzisiwe.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye okuhlukile ngeKhuculula ukuthi ilungele wonke umuntu ekhaya. Iphephile ngisho nakubantwana abazelwe. Imikhiqizo yethu yakwaKhuculula ihlolwe ngodokotela abaphezulu besikhumba emazweni ahlukene ukuqinisekisa ukuthi ihambisana nazo zonke izinhlobo zesikhumba kanye nezimo ezihlukene zezulu. Konke okusetshenzisiwe ekukhiqizeni izinsipho zethu kuhlolisisiwe ukuthi akusilimazi isikhumba. Ngakho-ke, akukhathalekile ukuthi uhlala kuliphi izwe noma kuliphi ikhona lomhlaba. Ungayisebenzisa ukhululekile.\n\t\t\t\t\t\t\nIzinsipho zethu sezineminyaka eyishumi zikhona abantu bezisebenzisa. Ungambuza nodokotela wakho wesikhumba ngazo. Ungaya ku-web site yethu ufunde okushiwo ngabantu abayisebenzisayo imikhiqizo yethu. Kanti nawe uma usuyizamile singajabulela ukuthola ukuthi uyithole injani. Ungangena khona ku-web site yethu bese ugcwalisa imininingwane. Sizokujabulela ukuzwa ukuthi yiluphi uhlobo lwensipho yethu oluthanda kakhulu wena nomndeni wakho.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Amathuba okufuya izinyosi e-Afrika njengemboni.", "a": "Amathuba okufuya izinyosi e- Afrika njengemboni:\n- Abafuyi bezinyosi bangenza imali enhle kunabafuyi bemfuyo\n- Isidingo soju e-Kenya\n- Ukushoda koju emhlabeni\n- Amazwe amaningi ase-Afrika anezimo ezifanele zokufuya izinyosi / isimo sezulu esifanele\n- Bangenza imali\n- Ukudayisela amazwe ase-EU.", "context": "Ukufuywa Kwezinyosi e-Afrika\n \nBengisenkomfeni yezolimo e-Nairobi ngenyanga edlule, ngaba nenhlanhla yokuhlangana nomunye wosomabhizinisi abahlukile baseKenya, u-Amina Nyong’o.\n \nEnyakatho ye-Kenya ewugwadule, u-Amina ukhulisa kancane kancane ibhizinisi lakhe loju lwemvelo ezihlahleni ze-Acacia, futhi uthatha izinyathelo zokuqala zokuthumela umkhiqizo wakhe kwamanye amazwe. Ungitshela ukuthi cishe masonto onke uvakashelwa ngabantu abavela ezigodini ezahlukene, ukuzothola izeluleko futhi becela nokusebenza naye. “Okubalulekile ukuthi kuvame ukufika intsha ngoba iningi layo lifuna ezinye izindlela zokuphila kunokufuya imfuyo futhi abafuyi bezinyosi bangenza imali enhle lapha,” kusho u-Amina. “Ngaphezu kwalokho, kukhona ukushoda koju emhlabeni,” kugcizelela u-Amina. “I-EU iyona engenisa kakhulu izimpahla ezivela kwamanye amazwe emhlabeni. Kukhona ithuba langempela le-Afrika lapho – ngenxa yobusika obungenzima, amazwe amaningi ase-Afrika anezimo ezifanele zokufuya izinyosi ukwenza imali.”\n \nKepha izifiso zika-Amina azincikile enzalweni kuphela. Usebenzisa ibhizinisi lakhe ukukhuthaza ukuvuselelwa kwamahlathi ngasezigodini ezilinyazwe ukugcina imfuyo emashumini eminyaka. Uma kunezihlahla eziningi izinyosi nazo zizoba nokudla okuningi: izinyosi eziningi zithutha impova (i-pollination) engcono yezitshalo zabalimi – nokuvuna uju oluningi. “Ngakho-ke kunenzuzo ephindwe kabili ngokutshala izihlahla futhi umhlaba wonke uzuze,” kuqhubeka u-Amina.\n \nAbantu nezinyosi kungaphilisana. “Ngizokunikeza isibonelo,” kusho u-Amina. “Ukubiya ngezindlu zezinyosi sekuzanywe kwaba impumelelo ezindaweni lapho kuphila khona izindlovu nabantu. Babiyela insimu yezitshalo ngezindlu zezinyosi. Izinyosi ziqhubeka nomsebenzi wazo wokuphothula impova, kepha lapho indlovu iza ukuzodla izitshalo iphazamisa izindlu zezinyosi, izinyosi zibe sezicasuka bese indlovu kufanele ivele ibaleke ngokushesha.” Ngakho-ke, izindawo okufuywa kuzo izinyosi zingathola ukuvikeleka ezitshalweni zazo futhi, lokho kubuye kunciphise ukubulawa kwezindlovu ngenxa yokuziphindiselela. Futhi-ke imali evela ekufuyeni izinyosi isemthethweni, okuyindlela ephephile kunokubulawa kwezilwane zasendle ngokungemthetho.\n \nNgakho-ke, ukugcina izinyosi kubukeka njengemboni enhle ehlanzekile, yize abanye ososayensi benenkinga yokuthi izinyosi zoju zibe uphawu lokulondoloza. Bakhathazwa ukuthi izinyosi zoju zingancintisana nezinye izinambuzane ezithutha impova, okubeka izinhlobo zezilwane zasendle engcupheni.\n \nIsazi sezomnotho sase-Namibia u-Ngeve Shangombe weNyuvesi yase-Namibia (i-UNAM), uveza ukuthi ukufuya izinyosi kudinga nosizo ukuze kufinyelelwe ngokugcwele emnothweni: “Ngaphandle kwemali engenayo yangempela ngeke kube khona isikhuthazo esinamandla esanele sokuthi abantu bavikele izihlahla, lezi ezingagcina sezisetshenziselwa amalahle noma izinkuni.” Uthi, “Inkinga ukuthi ukufuya izinyosi e-Afrika kwesinye isikhathi kuqalwa izinhlangano ezizimele (ama-NGO) njengesinyathelo esihle somnotho. Zinikeza imiphakathi yasemakhaya amakhono ayisisekelo okufuya izinyosi, okuyinto enhle, kepha zibe sezidlulela kwesinye isifunda noma kwelinye izwe zishiye kungekho ukuqeqesheka okwanele ebantwini bendawo futhi baba nobunzima bokuthengisa uju. Kungakapheli neminyaka embalwa, abantu bendawo baphela amandla futhi kujwayelekile ukuthi izindlu zezinyosi zithengiswe ngemali noma zisetshenziswe njengezinkuni. Lokho kungukuqeda amandla.”\n \nU-Amina uyavuma: “Kunezindawo eziningi eningizimu ne-Afrika lapho imboni yezinyosi ingaqhakaza khona iphinde yenze inzuzo. Imboni yezinyosi ingafinyelela ezimakethe zasemadolobheni noma zamazwe omhlaba. Yilokhu abaholi bamabhizinisi endawo abangakunikeza – okuyilapho mina nabanye osomabhizinisi singena khona!”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Faka izinombolo 1 kuya 4 emabhokisini ukuveza ukulandelana kwemisho endabeni. \n\n| Waba umengameli ngo-1994. | |\n| Mhla zingu 18 Julayi 1918, kwazalwa umfanyana omncane womXhosa. | |\n| Uthisha wakhe wamqamba ngokuthi uNelson. | |\n| UTata washona eyiqhawe. | |", "a": "| Waba umengameli ngo-1994. | 3 |\n| Mhla zingu 18 Julayi 1918, kwazalwa umfanyana omncane womXhosa. | 1 |\n| Uthisha wakhe wamqamba ngokuthi uNelson. | 2 |\n| UTata washona eyiqhawe. | 4 |", "context": "", "grade": "3", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngokwesikhangiso, ngobani abathanda izimoto zikanokusho?", "a": "Zithandwa ngosomabhizinisi.", "context": "HAMBA KALULA\n\t\t\t\t\t\t\nCindezela inkinobho bese imoto iza kuwe ngokushesha. Ngena emotweni ukhululeke ngoba umshayeli wakho uyazi ukuthi uzofika kanjani lapho udinga ukuya khona. Uma usufikile, awudingi ukuba nemali esikhwameni noma ikhadi lasebhange.\n\t\t\t\t\t\t\nSikuthatha sikubeke yonke indawo. Akukhethile ukuthi uya kuphi. Kungaba ukuthi udinga ukuya esikhumulweni sezindiza, udinga ukuyokwenza izinto ezimbalwa edolobheni, uyazikhipha nabangane niyothola iziphuzo, noma nje uthatha uhambo lwansuku zonke. Awudingi nokubekisa, uvele uciphize inkinobho bese iyafika imoto ngokushesha.\n\t\t\t\t\t\t\nSinezinhlobo ezahlukene zezimoto. Uyakwazi ukuzikhethela uhlobo lwemoto ezohambisana nawe kanye nohambo oluthathayo. Kukhona izimoto ezibiza kancane ezingakuhambisa noma kuphi lapho ufuna ukuya khona kuphinde kube khona izimoto ezinkudlwana ezingalayisha abantu abayisithupha noma izimoto zikanokusho ezikhonzwe kakhulu ngosomabhizinisi. Konke lokhu kusezandleni zakho, unelungelo lokuzikhethela uhlobo lwemoto othanda ukuhamba ngayo.\n\t\t\t\t\t\t\nAwufoni, awubekisi, awulindi isikhathi eside. Uchofoza inkinobho noma kungasiphi isikhathi sosuku noma sonyaka. I-app yethu iyakubona lapho ukhona. Wena kumele ufake ikheli nje lalapho ofisa ukuya khona. Umshayeli uzofika esekulungele ukukuhambisa lapho.\n\t\t\t\t\t\t\nOkundingekayo ukuze ukwazi ukubiza imoto ukuba ube ne-app yethu kumakhalekhukhwini wakho. Iyatholakala mahhala kwa-Google Play noma kwa-App store. Uyakwazi ukufaka imininingwane yakho. Ungafaka imininingwane yekhadi othanda ukukhokha ngalo ukuze ungadingi ukuphatha imali esandleni. Uma isifika imoto ezokuhambisa uyangena, uhambe bese kuthi uma usufikile lapho uya khona uvele uphume.\n\t\t\t\t\t\t\nUyakwazi nokusazisa ukuthi uhambo lwakho lube njani ukuze senze kangcono ngokuzayo uma kukhona isidingo. Emva kohambo lwakho ungasithumela umyalezo kuyo i-app yethu ukuze sazi ukuthi uphatheke kanjani.\n\t\t\t\t\t\t\nKuphephile kakhulu ukusebenzisa izimoto zethu. Miningi imininingwane yemoto kanye nomshayeli okwazi ukuyibona. I-app iyakubonisa ukuthi baphawula bathini abanye abagibeli ngomshayeli wakho. Okunye okubonayo ukuthi usenesikhathi esingakanani umshayeli wakho enza lo msebenzi.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Khipha imvumelwano siqalo etholakala esigabeni sesine", "a": "Umugqa 16 no 17", "context": "Ukube awungibuthanga \nNgilahlwe ngabazali bami. \nUkube awungimelanga \nNgiwusana olunganakuzivikela. \nNgabe ngikuphi Gogo wami? \nNguwena owangikhulisayo \nBengenandaba abangilethayo. \nWadla nami kweyempesheni \nUngizamela nokokuya esikoleni. \nWena Gogo wami.\n\nNgawe ngingene eNyuvesi, \nWazixabanisa nomashonisa. \nNoma sebekusabisa waphikelela \nUcula iculo lempumelelo yami. \nWena Gogo wami.\n\nNgikhomba ngophakathi namuhla, \nNgibhukuda kwaluhlaza amadlelo \nNgalomuzi omusha omkhulukazi, \nOkungakaze kuhlale muntu kuwo, \nNgithi kuwe unwele ulude! \nUgubha amashumi ayisithupha, \nHappy Birthday Gogo wami.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yikuphi okungenza abantu abangabazali bayithande imikhiqizo yakwaKhuculula?", "a": "Kuthiwa nabantwana abancane bangayisebenzisa.", "context": "Zama iKhuculula okuyinsipho yethu esizenzele igama emakhaya amaningi, ubone umehluko emva kwezinsuku ezimbalwa nje!\n\t\t\t\t\t\t\nIzinsipho zokugeza zaqala zitholakala ngezinhlobo ezimbili. Kukhona uhlobo oluyisigaxa olungasetshenziswa eshaweni noma kubhavu kanye nohlobo oluwuketshezi olwenzelwe ukugeza eshaweni. Amakhasimende ethu azokujabulela ukuthi isiyatholakala nensipho yegwebu oyisebenzisa lapho ugeza kubhavu uma ufuna ukungena uzicwilise emanzini emva kosuku olude.\n\t\t\t\t\t\t\nAmakhasimende ethu awaphinde abheke emuva emva kokusebenzisa iKhuculula. Amakhasimende ancoma ukuthi inukisa isikhumba sawo kamnandi usuku lonke. Athi asikho isidingo sokufaka amakha uma ugeze ngenye yalezi zinsipho zethu. Kunezinhlobo ezihlukene zamakha atholakala kulezi zinsipho. Kuncike kuwe ukuthi uthanda amakha anjani. Kanti futhi iyatholakala nengafakwanga amakha eyenzelwe labo abangezwani nawo. Yona ibonakala kalula ngoba iba sephaketheni elimhlophe uma kuyiqhuzu, kube yisigubhu esimhlophe uma kungeyoketshezi lwaseshaweni noma yoketshezi lwasebhavini olwakha amagwebu. Ezinye zona ziba semaphaketheni nasezigujini ezimibalabala ezihambisana namakha asuke esetshenzisiwe.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye okuhlukile ngeKhuculula ukuthi ilungele wonke umuntu ekhaya. Iphephile ngisho nakubantwana abazelwe. Imikhiqizo yethu yakwaKhuculula ihlolwe ngodokotela abaphezulu besikhumba emazweni ahlukene ukuqinisekisa ukuthi ihambisana nazo zonke izinhlobo zesikhumba kanye nezimo ezihlukene zezulu. Konke okusetshenzisiwe ekukhiqizeni izinsipho zethu kuhlolisisiwe ukuthi akusilimazi isikhumba. Ngakho-ke, akukhathalekile ukuthi uhlala kuliphi izwe noma kuliphi ikhona lomhlaba. Ungayisebenzisa ukhululekile.\n\t\t\t\t\t\t\nIzinsipho zethu sezineminyaka eyishumi zikhona abantu bezisebenzisa. Ungambuza nodokotela wakho wesikhumba ngazo. Ungaya ku-web site yethu ufunde okushiwo ngabantu abayisebenzisayo imikhiqizo yethu. Kanti nawe uma usuyizamile singajabulela ukuthola ukuthi uyithole injani. Ungangena khona ku-web site yethu bese ugcwalisa imininingwane. Sizokujabulela ukuzwa ukuthi yiluphi uhlobo lwensipho yethu oluthanda kakhulu wena nomndeni wakho.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Guqula amarandi abe ngamasenti. R5,00 = _________c", "a": "500c", "context": "", "grade": "3", "category": "Mathematics" }, { "q": "", "a": "", "context": "NguSaturday ekuseni,ngisendleleni eya e-ICC eDurban. Angikholwa ukuthi ngiwine ithikithi lekhonsathi kaJustin Bieber. Ngizobe ngihleli phambili. Mhlawumbe ngizokwazi nokumthinta nje. Ngiyajabula ukuthi isoka lami uZakhele uvakashele ubaba wakhe eLadysmith. Phela ubezoba nomona ebona indlela engimjabulela ngayo uJustin Bieber.\n\nNgempela ngahlala phambili ezihlalweni zokuqala. Kwaqala kwangena uNasty C walandelwa uVusi Nova. Kwaba sengathi bathatha isikhathi eside phela angisakwazi ukulinda. Ekugcineni wangena uJustin Bieber ngeculo lakhe elingichazayo elithi “What do you mean”. Kwase kuthi angizule injabulo, uyena ngempela, wayemi phambi kwami. Lapho mina ngase ngishutha ngishuthile ngibuye ngithathe nevidiyo njengoba ecula nje. Umsindo owawulapho, phela yonke intsha yayifike ngobuningi bayo. Mina nomngani wami uJesta sase sikhala mi izinyembezi zenjabulo. Angiphathi kona uma eke wadansa. Ngase ngibona kahle nje ukuthi kukhona thina sobabili la e-ICC.\n\nWayecula aze agobe. Awu nami ngithole nethuba lokumthinta, kwakungathi ngithintwa ugesi. Ngafunga ukuthi ngeke ngiphinde ngisigeze isandla sami. Ngangilokhu ngisibuka nje ngimoyizele, kube sengathi usasibambile. Ngesikhathi sekhefu ngangingafuni ngisho ukuyothenga isiphuzo esibandayo ngesaba ukuthi kukhona ozothatha indawo yami uma ngike ngasuka.\n\nWabuya eseshintshile esegqoke okunye futhi esemuhle ngenye indlela. Uthe uma engena esiteji wathi uzobiza abalandeli bakhe bazodansa naye. Ngazitshela nje ngaphakathi ukuthi nanto ke ithuba lami. Wabe esememeza kakhulu wathi ‘Anybody by the name of Grace in the house, should come up and dance with me. Angikholwanga ukuthi ubiza igama lami. Nezihlwele zase zimemeza zithi ‘Grace, Grace,Grace’. Ngasukuma, ngagxuma naye welula isandla ukuba angemukele.\n\nNgithe sengisesitebhisini sokugcina ngashibilika (slipped) ngawa. Ngathuka ngaphaphama. Awu madoda kanti ngilele, ngiyaphupha. Maye! Ngizumeke ekilasini ngenkathi uthisha ethi asibhale ngomculi wethu esimthandayo. Uthisha usemi phambi kwami, ikilasi liyahleka liyamemeza, “Grace, Grace, Vuka!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kungani umthwebuli wezithombe engacabanga ukuthi ukuzimela akuhehi kangako kunokusebenzela iphephabhuku?", "a": "Imali engenayo ivikeleke kancane.", "context": "Ukugcina Umzuzu – nguSipho Msomi \n\nSacela umthwebuli wezithombe zemidlalo ohamba phambili uSipho Msomi ukuthi akhulume ngempilo yakhe. Nakhu akusho: \n\nYize abantu abaningi becabanga ukuthi ukuba ngumthwebuli wezithombe zemidlalo kusho impilo elula nemnandi yokuba phambili emicimbini yezemidlalo, iqiniso wukuthi kuwumthwalo – futhi ngiqonde ukuthi imithwalo – yomsebenzi onzima – ngaphandle kokuba phambili emidlalweni nasemicimbini! Kungenzeka ukuthi uyazithanda ezemidlalo futhi ungathanda ukwenza umsebenzi wokuba ngumthwebuli wezithombe zemidlalo, kodwa kumele wazi ukuthi kuningi ongakwenza kulo msebenzi okudlula ukufika emdlalweni usuphethe umakhalekhukhwini wakho. \n\nOkokuqala nje, umthwebuli wezithombe zemidlalo angenza imisebenzi ehlukene. Abanye baqashwa yiqembu elithile – njenge Kaiser Chiefs – bese beya kuyo yonke imidlalo yalo, edlalelwa ekhaya nedlalelwa kude. Into enhle kakhulu ukuthi, njengoba usuke wazi izinhlelo zeqembu ngaphambi kwesikhathi, uthola ithuba lokuhlela isikhathi nomndeni wakho. Uba nethuba futhi lokwazi abadlali uqobo lwabo, okungaba yinto ethokozisayo ngempela. Ukusebenzela iphephabhuku elithile kungenye indlela. Unikezwa imicimbi noma imidlalo okumele uyibheke futhi utshelwe nokudingakalayo. Yebo iholo lingahle livikeleke, kepha mancane amathuba okuthola isithombe esivelele impela. Bese kuba nokuzimela – umsebenzi ongaqinisekile! Umthwebuli wezithombe ukhetha ukuthi yimiphi imicimbi angayibheka bese ethemba ukuthi uzothengisa lezo zithombe ukuze athole imali yakhe. Kunenzuzo enkulu kuphela uma ukwazi ukwakha ubudlelwano nezinkampani zabezindaba ezifanele, kepha lokho kungenzeka kuthathe iminyaka eminingi ukuba kuphumelele. \n\nSengisebenza ngokuzimela manje, futhi kuyimpilo ematasa, ukubona umhlaba, ukuhlala emahhotela amahle. Lokho kungazwakala kukuhle, kepha imvamisa akukho engikulangazelela kakhulu kunokuthola ukuphumula okuhle embhedeni wami. \n\nNoma ngabe yiyiphi indlela oyikhethayo kunezinto ezithile ezifanayo. Izinsizakusebenza kufanele zihlale zihlanzekile, zisebenza ngokugcwele futhi zihambisana nesikhathi ukuze kuthathwe izithombe ezinhle kakhulu. Awuyena umthwebuli zithombe ofanele uma ungayinaki imishini yakho. \n\nUkuhambela imicimbi yezemidlalo kuyinto ehamba phambili. Uthola ithuba lokuba seduze nabantu abadumile kuzo zonke ezemidlalo futhi indawo enhle kakhulu yokubukela emdlalweni ibekelwa wena. Okubi ukuthi ingcindezi ihlale ikhona futhi alikho ithuba lesibili. Uma ithuba lokuthwebula isithombe esihle selidlulile, lihamba unomphela. Ngesikhathi somdlalo uzikhandla njalo uhamba uzungeza indawo yokudlala, uhamba uthwebula izithombe. Futhi nangesikhathi sekhefu akukho ukuphumula – unezinsizakusebenza okumele uzihlole, namakhadi ememori okumele uwashintshe... Kuthi lapho impempe yokugcina ikhala usuke usufile, kepha kufanele uphinde ubheke zonke izithombe, sinye ngasinye, ubheka esihle kakhulu. Lokho kungakuthatha amahora athe xaxa bese kubuye kudingeke usilungise kahle ngaphambi kokusithumela ukuze siyoshicilelwa. \n\nI-bugbear kanokusho iwona mshini – inkulu, ivame ukuba ntekenteke, futhi ihlale ibiza, ngakho- ke mhlawumbe kungcono ukuyiqasha kunokuyithenga lapho usaqala emsebenzini. Kufanele wenze uhlu lwezinto ezibalulekile ongeke usuke ekhaya ungenazo. Akukho kuhle ukuzithola ushoda ngokuthile – njengebhethri lomlilo eliyisipele – emsebenzini. Kuthatha isikhathi ukuqoqa uphinde ulayishe, bese upakisha emva komcimbi. Futhi maqondana nezinsizakusebenza, enye into engiyifundile kwengahlangabezana nakho – uyawudinga ngempela umshuwalensi obhekelela izingozi nokuntshontshelwa.\n\nPho-ke yini ekwenza uthatheke ngempela ngalo msebenzi? Ukubona igama lakho ephepheni lezwe lonke, ngaphansi kwesithombe esisezingeni lomhlaba, angithi nje, segoli lomzuzu wokugcina. Lowo mzuzu uzongena emlandweni wezemidlalo – futhi kuzobe kunguwe owugcine unomphela!", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kwakuyini inhloso yokubonga uZibuyile ume enze into ethandwa ngubaba wakhe?", "a": "Ubaba wakhe wayefuna ukuba yisibonelo esihle kuye/ukumfundisa ukubonga.", "context": "Ukujabulela lokho onakho nezinto abanye abantu abakwenzela zona kunomthelela omkhulu nomuhle empilweni yakho. Kubalulekile sizijwayeze ukubonga kunokucela njalo.\n\nAbantwana abangafundanga ukubonga bayahlupha ngoba abaziphathi kahle uma bengakutholi abakufunayo. Lokhu kuvamise kakhulu kulabo abaneminyaka emihlanu kuya phansi. Nendodana yami, uZibuyile, seyineminyaka emithathu ngabona ukuthi seyikulungele ukufundiswa ukubonga.\n\nSaqala ngokusebenzisa amagama okubonga ekhaya. Ngafundiswa ukuthi ukubonga kuyahambisana nenhlonipho. Ukubonga kuyinto umntwana angafundiswa yona aze afike ezingeni lapho ekuqonda ukuthi kusho ukuthini. UZibuyile wayethanda ukwenza yonke into njengami. Ngase ngibona ukuthi abantwana bafunda ngokubuka indlela abanye abenza ngayo. Njengabantu abadala nabazali, kumele sibe yizibonelo ezinhle kubo. Lokhu kwangenza ukuthi ngisho ukuthi ngiyabonga kuye uma kukhona engikuthandayo akwenzayo. Angigcinanga lapho, kodwa bengenza isiqiniseko sokubonga nabanye abantu ngokuhle abakwenzayo. Konke lokhu ngangikwenza phambi kwakhe umfana wami ukuze afunde ukubonga.\n\nSacabanga njengomndeni ukuthi kwakuzosiza uZibuyile uma siba yingxenye yomsebenzi wokusiza abahluphekayo. Ngenxa yalokhu, eseneminyaka eyisithupha, uZibuyile waqala wabona ukuthi kuningi kangakanani anakho futhi okufanele akubonge empilweni yakhe. Akugcinanga nje lapho, kodwa lesi senzo samsiza futhi ukuthi afunde ukucabanga ngabanye abantu kanye nokupha labo abaswele.\n\nEnye yezindlela zokukhuthaza abantwana ukuze bajwayele ukubonga ukukwenza lokhu kube samdlalo. Isibonelo, umuntu ngamunye angasho akubongayo ngosuku lwakhe ngaphambi kokuhlala phansi etafuleni. Kungenzeka abantwana baqale ngokubonga izinto eziphathekayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi bazohamba babone ukuthi kuningi okunye abangakubonga ezimpilweni zabo. Lokhu sisaqhubeka nokukwenza noma esemdala uZibuyile.\n\nHamba nabantwana bakho uma uyothengela abanye izipho. Ungabacela abantwana ukuba bakuphe amacebo ezipho ezingafanela labo obathengelayo. Bacele futhi bakusize lapho usugoqa isipho leso. Okunye futhi ukuthi ucele kube yibo abahambisa isipho kulo okusuke kungesakhe.\n\nAbantwana bajwayele ukusicela njengabazali ukuba sibathengele amathoyizi nezinye izinto zokudlala. Uma sibanika konke abakucelayo sibafundisa ukubhekana nokuphoxeka futhi bakujabulele lokho abanakho. Akumele futhi sibajwayeze izipho ezibiza kakhulu njalo uma begubha usuku lokuzalwa noma kuyisikhathi sikakhisimusi.\n\nKumele sikhumbule ukuthi abantwana bafunda ngokubukela kithi esibadala. Masiqaphele ukuthi yini le esiyijahayo empilweni ngoba nabo bazokhula bajahe yona. Siphila esikhathini lapho abantu bekholelwa ukuthi kufanele njalo kube khona okusha abakuthengayo ukuze bajabule. Lokhu kungenza nabantwana bazibone benelungelo lokuthengelwa izinto ezintsha nezingcono nezinkulu ngaso sonke isikhathi. Ingozi yalokhu ukuthi bangagcina bengakwazi ukwaneliseka nokujabulela lokho abanakho. Kungumsebenzi wethu njengabazali ukufundisa abantwana bethu ukuthi iyini injabulo yangempela kahle kahle.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala ukhiphe umugqa oyisizura.", "a": "Umugqa 15", "context": "KUNZIMA\n\nAsisakwazi ukukhuleka.\nSizikhiyela ezindlini.\nSizikhiyela ezimotweni.\nKwaze kwanzima!\nAsisakwazi ukuhamba ngokukhululeka.\nImini nobusuku sekuyefana.\nSihlushwa ebusuku,\nSihlushwa emine.\nKwaze kwanzima!\n\nKukhona lapho konakele khona.\nKukhona lapho kuphambene khona,\nInhlonipho kayisekho.\nInhlonipho iphelile.\nObaba baphelile, omama baphelile.\nIzinsizwa ziphelile, izintombi ziphelile.\nAbasele basele nemihuzuko.\nKwaze kwanzima!", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngubani owenza ukuthi umbhali asebenzinse isikhathi ngendlela ehlukile?", "a": "Ngumama wakhe", "context": "Iwashi elifakwa esandleni noma eliphanyekwa odongeni lingufakazi omkhulu wokuthi ihora nehora lisho uguquko olwenzekayo empilweni yomuntu ngamunye emhlabeni jikelele. Kufanele nakanjani ukuba isikhathi sisetshenziswe ngendlela efanele. Ungahlala ungenzi lutho kodwa sona isikhathi siyahamba. Asimile futhi asisoze samlinda umuntu.\n\nKwangisiza nami ukuba nomzali owayekwazisa ukusetshenziswa kwesikhathi. Wayevame ukusho umama ukuthi, isikhathi esilahlekile asibuyeli emuva. Sifana nomfula olokhu ugeleze njalo uya phambili futhi ongomiswa ngisho nayisomiso. Kunabantu abasazisayo isikhathi nokuthi kuningi okumele bakwenze nakuba isikhathi sisincane. Ngiyacabanga ukuthi sasuka lapho isisho sesiZulu esithi, ‘isikhathi sesidliwe yinja’. Saqanjelwa ukuxwayisa futhi siphaphamise abantu laba abenza zonke izinto ngonyawo lonwabu. Laba bantu banazo-ke izimpendulo ngoba uyaye ubezwe bethi, ‘Khululeka, ngizogcina ngifikile nami lapho kwazise phela nenja iyawaqeda amanzi ngolimi.’\n\nEsikoleni, ngangingawenzi umsebenzi wami ngisanesikhathi esanele. Lokhu kwakugcina kungenza ngigcine ngiphuthelwe umdlalo webhola noma uhlelo engiluthandayo lukamabonakude sengizama ukuqeda lowo msebenzi wesikole. Siningi isikhathi esichithwa abanye abafundi ngokudlala nokuxoxa nabangane ngesikhathi uthisha efundisa. Sengathi abafundi bangalalela lapho kufundiswa.\n\nNgasifunda isifundo ngisakhula. Manje sengiyasihlela isikhathi sazo zonke izinto engizenzayo. Lokhu ngikuthola kungisiza ukuthi ngenze izinto ngokuhleleka. Impumelelo empilweni yami njengosomabhizinisi ilele ekutheni ngiyakwazi ukwenzisisa lokho okusuke kufanele ngikwenze ngaleso sikhathi. Ngiba nesikhathi esanele sokubuyela emuva ngilungise amaphutha ngaphandle kwengcindezi. Abantu abasiqikelelayo isikhathi ziba mbalwa kabi izinto ezibaphuthelayo ngaphandle uma bebona ukuthi lezo zinto zizobachithela isikhathi bese bengazibandakanyi nazo. Bahlela ngisho isikhathi sokungcebeleka ukuze singashayisani naleso sokwenza umsebenzi.\n\nAyikho into engihlukumeza njengokufika emcimbini ngilinde isikhathi eside ngoba abawuhlelayo behluleka ukuwuqala ngesikhathi abebesishilo. Sekujwayelekile ukubona abantu bezifikela umcimbi usuphakathi ngenxa yokwazi ukuthi akuqalwa ngesikhathi. Ngaba nenhlanhla ukuthola unkosikazi osazisayo isikhathi njengami. Umshado wethu waqala ngesikhathi, okuyinto engajwayelekile. Ukungagcini isikhathi kukhathaza kakhulu esontweni uma kungumshado lapho umakoti engasaqhamuki. Ngike ngaba semishadweni lapho umkhwenyana walinda waze wacabanga ukuthi umakoti wakhe usemphucwe ngabanye.\n\nUma ngifake isicelo somsebenzi bese ngibizelwa inhlolokhono, ngiyaqinisekisa ukusigcina isikhathi. Abanye abantu abasuke bezele le nhlolokhono ukuze baqashwe bafika emuva kwesikhathi esibekiwe. Lokhu kwehlisa isithunzi salowo ofikele inhlolokhono futhi kumenza abukeke njengomuntu ongawugqizi qakala lowo msebenzi. Kuwuphawu lokungabi nanhlonipho ngisho kulowo noma kulabo abasuke bezompheka ngemibuzo. Kwenza babone ukuthi noma angawuthola lo msebenzi uyoba wuhlupho ehlulwa ukubamba isikhathi sokufika emsebenzini kanye naleso sokwenza umsebenzi awuqede ngakho angagcina engawutholanga lowo msebenzi.\n\nIsikhathi esingaqapheleki kangako ukuhamba kwaso yilesi esichitheka uma umuntu elele. Umuntu akalali izinsuku ngezinsuku engavuki ngoba sikhona lesi esibizwa ngokuthi esokuvuka. Kusuke sekufanele aqhubeke nezidingo zosuku. Kufanele abazali bazifundise izingane zabo ngokugcina nokuhlela isikhathi ukuze impilo yazo iqonde. Uye uzwe abantu bethi ukuba kubuyelwa emuva, ziningi izinto abangazenza ngendlela ehlukile ngoba bachitha isikhathi. Kuyiqiniso impela ukuthi akubuyelwa emuva kungemgqigqo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nGcwalisa okulandelayo uma ungaphansi kweminyaka eyishumi nesishiyagalombili: \n\nIzinga lemfundo:", "a": "ibanga 12", "context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, Mbat.Zin@zamail.co.zi. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, Ndlo.Sin@StMartha.co.zi.\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nUmuntu ongafakaza ngekhono lakho lokutha:\n\nIgama:", "a": "Sinenhlanhla Ndlovu", "context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, Mbat.Zin@zamail.co.zi. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, Ndlo.Sin@StMartha.co.zi.\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kungani umbhali wanquma ukuyogijima ngolunye usuku lwentwasahlobo?", "a": "Ukwehlisa isisindo.", "context": "Indaba yomgijimi\n\nKwakuyisiqalo esihle. Ukugijima imizuzu engama-20 ibanga eliyikhilomitha elilodwa endaweni yangakithi! “Yintwasahlobo!” Yilokho engangikucabanga ngesikhathi ngivuka ekuseni ngeSonto. “Yisikhathi sokwenza ushintsho, sokuhlukana nalamakhilo asemzimbeni wami! Futhi kuzoba namahlumela amasha ezihlahleni. Yebo! Ngizoyogijima!” Ngabopha izicathulo zami zokugijima ezindala ngaqonda emnyango. Amadodana ami amabili angibuka ngamehlo amakhulu, ekhamisile.\n\nNgemuva kwalokho ngacabanga ukuthi, “Manje sengingazibiza ngomgijimi!” Ngangizizwa ngijabule usuku lonke. Kodwa ngalobo busuku, iqiniso lafika. “Uzogijima njalo ngeSonto ekuseni, vele” kusho umkami. Inhliziyo yami yacwila isikhashana, kodwa-ke, ngaphandle kokucabanga ngazithola sengizishaya isifuba, “Yebo! Futhi ekupheleni kwenyanga ngizobe sengikwazi ukugijima amakhilomitha ama-5 ngaphandle kokuma.” Ubuwula bokuzethemba ngokweqile! “Ngikusholoni lokho?” ngazibuza ngalobo busuku.\n\nKodwa ngakusasa ngazizwa sengingcono, futhi ukuzethemba kwami kwabuya. Ngazizwa kamnandi kakhulu lapho ngifika ekhaya ngibuya ukuyogijima ngoba ngangibona ukuthi omakhelwane babengibuka ngamehlo alangazelela ukuba yimi. Owamukela abantu emsebenzini wangibuza (ngenkathi ngikhuluma ngokunganaki ukuthi bengigijima izolo), “Hawu! Ngabe ungumgijimi vele?” Ngaphendula ngesizotha sokuzenzisa, “Amakhilomitha ambalwa nje ngesikhathi.”\n\nUsuku lwami lokuzalwa lwafika. Yize umama wayehlala njalo ethi ngingumuntu ovilaphayo kunabo bonke abantwana bakhe, ngalolu suku wangimangaza ngesipho semali yokuthi ngiye esitolo sezemidlalo ku-High Street. Ngachitha amahora amaningi lapho, ngikhetha izimpahla ezilungele umsubathi wangempela; ivesti, izikhindi... futhi, nophawu lokugcina, okungekho mgijimi wangempela obengabonakala ngaphandle kwalo, amateki e-Air Float.\n\nNgokugijima ibanga nje elingamakhilomitha ama-5 ngosuku, ngalahlekelwa yilawo makhilo asebusika. Ngangihleka abantu ababehlala behleli ekhaya bengenzi lutho. Ngaze ngabukela phansi “ama-fitness-freaks” ngoba wona ayezilolonga ejimini ebukela i-TV. Ngangizimisele ngokuba umsubathi osezingeni eliphezulu. Amakhaza, umoya, imvula? Ngangingenandaba.\n\nUkuze ngithole abanye engangizojwayelana nabo kuloku zilolonga kwami okusha, ngazithola sengizifake enkingeni. Edolobheni engangihlala kulo kwakukhona ikilabhu yabagijimayo. “IziNsephe”, bazibiza kanjalo. “Igama elihle lekilabhu leli,” ngokucabanga kwami. Leyo indlela engangizizwa ngayo nami. Amalungu ekilabhu angamukela ngezandla ezifudumele. Okwangithatha kakhulu kule kilabhu ukuthi bamukela wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ugijima ngasiphi isivinini noma ibanga elingakanani, wonke amakhono amukelekile! Ngangigcwele ukuzethemba okuhambisana nobuwula ngabhalisa ukugijima ngamaSonto ekuseni, ukusukela ngehora lesi-7 kuze kushaye elesi-9. Sasihlangana endlini yekilabhu bese sisuka!\n\nNgeSonto, ngemuva kwamakhilomitha ayi-15 namahora ama-3, ngabuya ngidiyazela endlini yekilabhu. Ngangiqonda kahle ukuthi ngangisukele okungaphezu kwamandla ami, kodwa amanye amalungu ekilabhu angikhuthaza ngokuthi, “Isikhathi sokuqala sihlala sinzima! Maduzane nje uzobe usugijima nabaholi!”\n\nNgangicabanga ngeSonto elilandelayo njengoba ngangihamba ngiqhuga futhi ngizihudula phakathi neviki. Ngangiwuthandile umoya ohlanzekile nokuvocavoca umzimba, kepha angikuthandanga ukuhlukumezeka amakhilomitha ayi-15. Ngenhlanhla yami ngasinda ekugijimeni ibanga elide okwesibili. Ngemuva nje kokuqala ukugijima kwangamaSonto ekuseni, ngawa ngenyela eqakaleni. “Kubi – kungcono uthathe iviki lokuphumula”, kweluleka abanye abagijimi. Kodwa ngaya kudokotela wami. Indoda eyisimanga, udokotela wami! Wangihlola wabe esesho amazwi awumlingo engangidinga ukuwezwa, “Udinga ikhefu, cishe okungenani izinyanga ezimbili! Kungcono ungagagameli ngenxa yeminyaka yakho.” Kwakuthi angimbambe ngimange! Ngemuva kwalokho, ngizoqhubeka yini mina nokugijima? Hhayi-ke, mhlawumbe ngentwasahlobo elandelayo…", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Laba abakulekhathuni bashadile. Yebo noma Cha. Sekela impendulo yakho.", "a": "Yebo. Ubhoza uthi uma ekhuluma Nkosikazi", "context": "Bhoza: UMasaka usebizwa ngodokotela. Uma ucabanga nkosikazi uwudokotela wani? (Sengenzani manje?)\n\nMkaBhoza: Ungudokotela weziminofo lezi enizidlayo! Wena unguprofesa ngoba uyathenga. Angithi? ngangicasuli la wena Bhoza!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Umbhali walenkondlo uyakhala noma uyabonga?", "a": "Uyabonga", "context": "Ukube awungibuthanga \nNgilahlwe ngabazali bami. \nUkube awungimelanga \nNgiwusana olunganakuzivikela. \nNgabe ngikuphi Gogo wami? \nNguwena owangikhulisayo \nBengenandaba abangilethayo. \nWadla nami kweyempesheni \nUngizamela nokokuya esikoleni. \nWena Gogo wami.\n\nNgawe ngingene eNyuvesi, \nWazixabanisa nomashonisa. \nNoma sebekusabisa waphikelela \nUcula iculo lempumelelo yami. \nWena Gogo wami.\n\nNgikhomba ngophakathi namuhla, \nNgibhukuda kwaluhlaza amadlelo \nNgalomuzi omusha omkhulukazi, \nOkungakaze kuhlale muntu kuwo, \nNgithi kuwe unwele ulude! \nUgubha amashumi ayisithupha, \nHappy Birthday Gogo wami.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguNqoba bese ugcwalisa leli fomu.\n\nISIQEPHU C: Uvo ngomcimbi\n\nYikuphi esikwenzile njengoba ubucelile:", "a": "Amatafula ayehlotshisiwe kahle njengesethembiso", "context": "UNqoba ungumfana oneminyaka eyi-17 ubudala. Uhlala nabazali bakhe efulethini elibizwa nge- Bamboo Heights kanti bona bahlala kunombolo-27. Leli fulethi litholakala kunombolo-66 Bamboo Lane, edolobheni lasePitoli.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba uphumelele kahle ezifundweni zakhe futhi uthole umfundaze wokuyoqhuba izifundo zakhe eNyuvesithi Ngilandi. Ubaba wakhe ufuna ukumenzela umcimbi wokumhalalisela nowokumfisela indlela enhle uma eseya phesheya. Ingqinamba ababhekene nayo ngukuthu ifulethi labo alilikhulu ngokwanele okusho ukuthi angeke lanele bonke abantu abafuna ukubamema kulo mcimbi. Abazali bakaNqoba bacele yena ukuba azame ukuthola indawo lapho kungenzelwa lo mcimbi. UNqoba ukhumbule ukuthi iphathi kaThemba, umngani wakhe, eyayisepaki yayimnandi kanjani nokuthi wayesizwe yinkampani ethize. Wayithola kuThemba inombolo yakwa – Happy Days ethi: 012 413 4221 wabathinta ngenombolo yakhe yocingo ethi: 012 441 1316.\n\t\t\t\t\t\t\nNgosuku lomcimbi, abazali bakaNqoba bakuthokozela ukuthi indodana yabo ithole igumbi elihle kanje ehhotela i-The Royal. Leli hotela lisekhoneni lika-Van Reebeck no-Jan Hoofman Street, ePitoli. Naye uNqoba uchazekile ukuthi igumbi ababekulo lalilihle ngempela namatafula ehlotshiswe kahle njengesethembiso. Wonke umuntu wayamukelwe ngengilazi yamanzi abandayo, noma isiphuzo esibandayo. Wayejabule kakhulu uNqoba ngakho konke.\n\t\t\t\t\t\t\nOkuthande ukumphazamisa kancane nje uNqoba ukuthi ukudla akufikanga ngesikhathi abebevumelene ngaso nomphathi wendawo. Kube khona imizuzwana lapho abantu bebelinde ukudla. Abantu ababonanga ukuthi ukudla kuphuzile ukufika ngoba bebexoxa. Nokho asibanga side kakhulu isikhathi kwase kufika ukudla. Abantu bababaze ubumnandi kanye nezinhlobonhlobo zokudla abebengakhetha kuzo. Badla bashaya esentwala okukhombisa ngempela ukuthi bekumnandi.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba nabazali bakhe bajabule kakhulu ngendlela umcimbi ohambe ngayo nangezinga eliphakeme abasebenzi basehhotela abasebenze ngalo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kungani umbhali wayebona sengathi udokotela wakhe uyindoda emangalisayo?", "a": "Ngoba wamtshela ukuthi engagijimi izinyanga ezimbili.", "context": "Indaba yomgijimi\n\nKwakuyisiqalo esihle. Ukugijima imizuzu engama-20 ibanga eliyikhilomitha elilodwa endaweni yangakithi! “Yintwasahlobo!” Yilokho engangikucabanga ngesikhathi ngivuka ekuseni ngeSonto. “Yisikhathi sokwenza ushintsho, sokuhlukana nalamakhilo asemzimbeni wami! Futhi kuzoba namahlumela amasha ezihlahleni. Yebo! Ngizoyogijima!” Ngabopha izicathulo zami zokugijima ezindala ngaqonda emnyango. Amadodana ami amabili angibuka ngamehlo amakhulu, ekhamisile.\n\nNgemuva kwalokho ngacabanga ukuthi, “Manje sengingazibiza ngomgijimi!” Ngangizizwa ngijabule usuku lonke. Kodwa ngalobo busuku, iqiniso lafika. “Uzogijima njalo ngeSonto ekuseni, vele” kusho umkami. Inhliziyo yami yacwila isikhashana, kodwa-ke, ngaphandle kokucabanga ngazithola sengizishaya isifuba, “Yebo! Futhi ekupheleni kwenyanga ngizobe sengikwazi ukugijima amakhilomitha ama-5 ngaphandle kokuma.” Ubuwula bokuzethemba ngokweqile! “Ngikusholoni lokho?” ngazibuza ngalobo busuku.\n\nKodwa ngakusasa ngazizwa sengingcono, futhi ukuzethemba kwami kwabuya. Ngazizwa kamnandi kakhulu lapho ngifika ekhaya ngibuya ukuyogijima ngoba ngangibona ukuthi omakhelwane babengibuka ngamehlo alangazelela ukuba yimi. Owamukela abantu emsebenzini wangibuza (ngenkathi ngikhuluma ngokunganaki ukuthi bengigijima izolo), “Hawu! Ngabe ungumgijimi vele?” Ngaphendula ngesizotha sokuzenzisa, “Amakhilomitha ambalwa nje ngesikhathi.”\n\nUsuku lwami lokuzalwa lwafika. Yize umama wayehlala njalo ethi ngingumuntu ovilaphayo kunabo bonke abantwana bakhe, ngalolu suku wangimangaza ngesipho semali yokuthi ngiye esitolo sezemidlalo ku-High Street. Ngachitha amahora amaningi lapho, ngikhetha izimpahla ezilungele umsubathi wangempela; ivesti, izikhindi... futhi, nophawu lokugcina, okungekho mgijimi wangempela obengabonakala ngaphandle kwalo, amateki e-Air Float.\n\nNgokugijima ibanga nje elingamakhilomitha ama-5 ngosuku, ngalahlekelwa yilawo makhilo asebusika. Ngangihleka abantu ababehlala behleli ekhaya bengenzi lutho. Ngaze ngabukela phansi “ama-fitness-freaks” ngoba wona ayezilolonga ejimini ebukela i-TV. Ngangizimisele ngokuba umsubathi osezingeni eliphezulu. Amakhaza, umoya, imvula? Ngangingenandaba.\n\nUkuze ngithole abanye engangizojwayelana nabo kuloku zilolonga kwami okusha, ngazithola sengizifake enkingeni. Edolobheni engangihlala kulo kwakukhona ikilabhu yabagijimayo. “IziNsephe”, bazibiza kanjalo. “Igama elihle lekilabhu leli,” ngokucabanga kwami. Leyo indlela engangizizwa ngayo nami. Amalungu ekilabhu angamukela ngezandla ezifudumele. Okwangithatha kakhulu kule kilabhu ukuthi bamukela wonke umuntu akukhathalekile ukuthi ugijima ngasiphi isivinini noma ibanga elingakanani, wonke amakhono amukelekile! Ngangigcwele ukuzethemba okuhambisana nobuwula ngabhalisa ukugijima ngamaSonto ekuseni, ukusukela ngehora lesi-7 kuze kushaye elesi-9. Sasihlangana endlini yekilabhu bese sisuka!\n\nNgeSonto, ngemuva kwamakhilomitha ayi-15 namahora ama-3, ngabuya ngidiyazela endlini yekilabhu. Ngangiqonda kahle ukuthi ngangisukele okungaphezu kwamandla ami, kodwa amanye amalungu ekilabhu angikhuthaza ngokuthi, “Isikhathi sokuqala sihlala sinzima! Maduzane nje uzobe usugijima nabaholi!”\n\nNgangicabanga ngeSonto elilandelayo njengoba ngangihamba ngiqhuga futhi ngizihudula phakathi neviki. Ngangiwuthandile umoya ohlanzekile nokuvocavoca umzimba, kepha angikuthandanga ukuhlukumezeka amakhilomitha ayi-15. Ngenhlanhla yami ngasinda ekugijimeni ibanga elide okwesibili. Ngemuva nje kokuqala ukugijima kwangamaSonto ekuseni, ngawa ngenyela eqakaleni. “Kubi – kungcono uthathe iviki lokuphumula”, kweluleka abanye abagijimi. Kodwa ngaya kudokotela wami. Indoda eyisimanga, udokotela wami! Wangihlola wabe esesho amazwi awumlingo engangidinga ukuwezwa, “Udinga ikhefu, cishe okungenani izinyanga ezimbili! Kungcono ungagagameli ngenxa yeminyaka yakho.” Kwakuthi angimbambe ngimange! Ngemuva kwalokho, ngizoqhubeka yini mina nokugijima? Hhayi-ke, mhlawumbe ngentwasahlobo elandelayo…", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nIminyaka:", "a": "Ishumi Nesikhombisa", "context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, Mbat.Zin@zamail.co.zi. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, Ndlo.Sin@StMartha.co.zi.\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Uthintana nobani uma ufuna ukuza kulomcimbi.", "a": "Uthintana no Nonhlanhla Ncanana.", "context": "**UMEMULO**\n\nUMNDENI WAKWA NCANANA UYANIMEMA\nUKUBA NIZOBUNGAZA KANYE\nNABO KUMEMULO WENDODAKAZI YABO\nuNtokozo Ncanana\n\nUSUKU: 9 DECEMBER 2017\nISIKHATHI: 11 H 30 AM\nINDAWO: 8 MAPLE CRESCENT, WYEBANK\n\nONGAMUTHINTA:\nNONHLANHLA NCANANA\n060 4872 477 | 073 9455 474", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Kuzobiza malini sekukonke ipensela, irula nebhuku?\n\nBuka izithombe namanani azo ngezansi.", "a": "Sekukonke kuzobiza R8.", "context": "| ipensela | R2 |\n| irula | R1 |\n| ibhuku | R5 |", "grade": "1", "category": "Mathematics" }, { "q": "UPamella wayezokwenzani ngesikhathi efika kuBheki esikoleni?", "a": "Wayezolanda imali", "context": "UMSHADO\n\n“Kazi le mali yami iyobuyiswa ubani,nini?”\nAzibuze lombuzo uBheki angayitholi\nimpendulo.Akahlalanga kakhuli esikoleni\nwaphuthuma ukuyokhipha imali. Wabuya\nwazolinda uPamella.”Uma lemali ingabuyi\nisiyongena elobolweni,”\n\nEmva kwesikhashana nje atheleke uPamella. Ufika\nngemoto ebomvu.Athi ukwethuka uBheki.\nAkhumbule ukuthi uLindiwe naye wathathwa imoto\nebomvu.Abone uSifiso ephakamisa isandla\nebingelela uPamella.Imxake futhi leyo\nuBheki.Ubengazi ukuthi uPamella noSifiso\nbayazana.", "grade": "11", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Veza ukuthi wayezizwa kanjani ngalokhu ayekuthole ocwaningweni lwakhe?", "a": "Wayenemizwa ehlukene. Okunye wayengakukholwa kanti okunye wayekukholwa", "context": "Makhulu amathuba okuthi kube khona okungenani into eyodwa oyikhohlwayo uma uthatha uhambo oluya eholideni. Kungenzeka kube yinto encane noma engabalulekile kakhulu kodwa kwesinye isikhathi kungaba yinto oyidinga ngempela futhi engatholakali kalula. Lokhu kungaqeda injabulo yohambo lwakho.\n\t\t\t\t\t\t\nIzinto engivame ukuzikhohlwa uma ngithatha uhambo kuba yisixubho, umuthi wokuxubha amazinyo noma amasokisi. Mhla mina nomngani wami uSabelo sizoya eholideni e-Spain sasijabule kakhulu. Ngenxa yokuthi uSabelo wayezobe eqala ukuya phesheya wayengazi ukuthi alindeleni kulolu hambo lwethu. Ngingasho nje ukuthi wayenalo novadlwana. Mina ngangijabulele ukuthi ngizohamba nomngane wami omkhulu. Ubumnandi beholide kimina abuyi ngendawo engiyivakashelayo kuphela, abantu enginabo nabo badlala indima yabo. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi ngikhethe abantu engikujabulelayo ukuchitha nabo isikhathi.\n\t\t\t\t\t\t\nNgenxa yokuthi ngangingaqali ukuthatha uhambo olufana nalolu ngase ngikwazi okulindelekile. Ngase ngifundile futhi ukuthi ukukhohlwa kuyinkinga engakanani ngakho-ke ngenza isiqiniseko sokuthi ngibhale amanothi kumakhalekhukhwini wami ezinto zonke okwakumele ngizikhumbule. Okumangazayo ikhona ukuthi ngisho sengikwenzile lokhu, yaba khona into esathi uma sifika e-Barcelona sabona ukuthi siyikhohliwe. Kwakuyi-charger yomshini wokushefa. Yikhona okwangenza ngafuna ukuthola ukuthi yini kahle kahle ngempela edala lokhu. Ucwaningo engalwenza lwangifundisa izinto ezimbalwa.\n\t\t\t\t\t\t\nOkokuqala nokwangimangaza ukuthola ukuthi iminyaka yomuntu ihambisana nezinto angazikhohlwa. Kuthiwa abantu abasha bavame ukukhohlwa izinto ezifana nokudla, amasokisi, kanye nama-charger omakhalekhukhwini. Abadala bona bavamise ukukhohlwa imithi, izinto zokugeza ikhanda kanye nezamehlo. Kuze kube manje angikazi noma ngikukholwe yini konke lokhu.\n\t\t\t\t\t\t\nOkunye engakuthola ocwaningweni futhi engikukholwayo ukuthi uma uthatha uhambo usuke ungekho esimweni esijwayelekile okuyingakho eba makhulu amathuba okukhohlwa izinto ezithile. Lokhu kwenza umqondo kimi ngoba kulula ukukhohlwa into ongajwayele ukuyenza. Kudinga ingqondo yakho isebenze ngokweqile. Njengabantu, izingqondo kanye nemizimba yethu ziyajwayela lokhu esivame ukukwenza bese kuthi uma kukhona okusha kudinga izingqondo zethu zisebenze kakhulu kunokuvamile.\n\t\t\t\t\t\t\nNgithe uma sengiyicabangisisa le ndaba kwangifikela ukuthi kuyawenza umqondo ngempela ukuthi kungani kube lula ukuthi kube khona into ethize oyikhohlwayo uma uzothatha uhambo oluya phesheya. Ziningi kakhulu izinto okumele uzikhumbule. Akugcini nje ngamathikithi, ukupakisha izimpahla, ukukhuluma nomakhelwane ozokugadela izinja zakho. Umuntu oya eholideni ngingamluleka ngokuthi ayibhekisise kabili yonke imininingwane. Abhekisise isikhathi okumele abe ngaso esikhumulweni sezindiza, aqinisekise ukuthi unayo inombolo kanye nemininingwane yehhotela azohlala kulo, amanothi ezinto okubalulekile ukuthi aziphathe, njalo njalo.\n\t\t\t\t\t\t\nKulesi sikhathi esiphila kuso sezobuchwepheshe kumele sisebenzise omakhalekhukhwini bethu kanye namakhompuyutha. Sesiyakwazi manje ukufaka imininingwane kumakhalenda azokwazi ukusikhumbuza imininingwane efanele.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Le khathuni eyangaluphi usuku? Bhala inyanga ngesizulu.", "a": "12 kuMfumfu 2014", "context": "Bhoza: UMasaka usebizwa ngodokotela. Uma ucabanga nkosikazi uwudokotela wani? (Sengenzani manje?)\n\nMkaBhoza: Ungudokotela weziminofo lezi enizidlayo! Wena unguprofesa ngoba uyathenga. Angithi? ngangicasuli la wena Bhoza!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ukuba ngumngane wakho kusho...", "a": "[\"Ukuthi uzithande\", \"Uzikhuthaze\", \"Uzilekelele\"]", "context": "Kulula ukuphatha abanye abantu kahle ngokubahlonipha nokubakhombisa uthando kodwa sikhohlwe ukuzinakekela thina uqobo lwethu. Sichitha isikhathi esiningi sakha ubuhlobo noma ubungane nabanye abantu kodwa thina sizikhohlwe. Kubalulekile ukuthi nathi sizinake ukuze sikwazi ukuba nobudlelwane obunempumelelo nabanye abantu.\n\nKuqala ngokuthi wena ube ngumngane wakho. Lokhu kusho ukuthi uzithande, uzikhuthaze futhi uzilekelele ngendlela owenza ngayo nakulabo bantu obathandayo. Abanye abantu bazama ukuthola intokozo nokweneliseka ngaphandle noma kwabanye abantu. Akulula ukuba nabangane uma wena ungeyena umngane wakho omkhulu.\n\nEzinye zezinto ezingakusiza ukuba uphumelele kulokhu yilezi:\n\n• Thokozela isikhathi sakho uwedwa. Abantu abaningi bachitha isikhathi sabo esiningi bexhumana nabangane nezihlobo ezinkundleni zokuxhumana nangokuphuma nabo baye ezindaweni zobumnandi. Angazi ukuthi bangaki abantu abasithathayo isikhathi sokuba babe bodwa bangathikamezwa ngamaselula abo noma omabonakude. Kuhle ukuba uzinike ithuba lokuba sendaweni ethule ukuze uzizwe nalapho ucabanga. Ngiyazi ukuthi akuyona into elula le ngoba sihlale sizungezwe abantu emsebenzini nasemakhaya. Okungisizayo mina ukuthi kanye ngeviki angihlali nozakwethu ngesikhathi selantshi. Ngiyaphuma ehhovisi ngizihambele ngedwa. Ngiyakholwa ukuthi ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa lapha ngoba lokhu kusiza nokuthi ngingahlali etafuleni lami usuku lonke.\n• Funda ukuzethemba. Uma umuntu omthandayo enesidingo uyamsiza ngokumkhombisa uthando. Kuyenzeka ukuthi sidinge ukuthatha isinqumo noma sizithole sisesimweni lapho sidinga ukukhuthazeka. Wenzenjani kuleso simo uma kungekho mngane noma umuntu othandiweyo wakho eduze ngalowo mzuzu? Uyakwazi ukuthemba eyakho imicabango? Uyakwazi ukuphendukela kuwe uma unesimo esibucayi? Akekho umuntu odlula wena ekuthatheni izinqumo eziphathelene nempilo yakho. Kuhle wazi ukuthi uma uzithathela izinqumo akekho omunye umuntu ongamgxeka uma ungaphumeleli futhi akekho umuntu ongamncoma lapho uphumelela.\t\n• Okokugcina ukuba ufunde ukuzixolela. Akekho umuntu ongawenzi amaphutha. Sonke senza amaphutha ahlukene empilweni. Akumele uzijezise kakhulu uma wenze iphutha. Ungaba kanjani ngumngane wakho uma ungazixoleli? Kumele ukhumbule ukuthi amaphutha akho ungakhetha ukuba aqede ngempilo yakho noma akufundise okuthile ngawe. Amaphutha akho yiwona akwenza ungafani nomunye umuntu oseceleni kwakho.\n\nNgakho-ke, ubungane buqala lapha kuwe. Yiba ngumngane wakho omkhulu nowokuqala ukuze ukwazi ukuba ngumngane wangempela nakwabanye.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nUbulili:", "a": "Owesifazane", "context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, Mbat.Zin@zamail.co.zi. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, Ndlo.Sin@StMartha.co.zi.\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala ubulili besilisa balamagama abhalwe ngokugqamile.", "a": "umalumekazi – umalume", "context": "*Umalumekazi* uthi uzohamba nathi ukuya eholidini. Inkosazana kababa yona ayithandi kodwa udadewethu uthi angahamba nathi ngoba izobe ikhona intombi kaSenzo uzoxoxa nayo.", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguNqoba bese ugcwalisa leli fomu.\n\nISIQEPHU C: Uvo ngomcimbi\n\nOkuthandile ngendawo:", "a": "Igumbi lalilihle", "context": "UNqoba ungumfana oneminyaka eyi-17 ubudala. Uhlala nabazali bakhe efulethini elibizwa nge- Bamboo Heights kanti bona bahlala kunombolo-27. Leli fulethi litholakala kunombolo-66 Bamboo Lane, edolobheni lasePitoli.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba uphumelele kahle ezifundweni zakhe futhi uthole umfundaze wokuyoqhuba izifundo zakhe eNyuvesithi Ngilandi. Ubaba wakhe ufuna ukumenzela umcimbi wokumhalalisela nowokumfisela indlela enhle uma eseya phesheya. Ingqinamba ababhekene nayo ngukuthu ifulethi labo alilikhulu ngokwanele okusho ukuthi angeke lanele bonke abantu abafuna ukubamema kulo mcimbi. Abazali bakaNqoba bacele yena ukuba azame ukuthola indawo lapho kungenzelwa lo mcimbi. UNqoba ukhumbule ukuthi iphathi kaThemba, umngani wakhe, eyayisepaki yayimnandi kanjani nokuthi wayesizwe yinkampani ethize. Wayithola kuThemba inombolo yakwa – Happy Days ethi: 012 413 4221 wabathinta ngenombolo yakhe yocingo ethi: 012 441 1316.\n\t\t\t\t\t\t\nNgosuku lomcimbi, abazali bakaNqoba bakuthokozela ukuthi indodana yabo ithole igumbi elihle kanje ehhotela i-The Royal. Leli hotela lisekhoneni lika-Van Reebeck no-Jan Hoofman Street, ePitoli. Naye uNqoba uchazekile ukuthi igumbi ababekulo lalilihle ngempela namatafula ehlotshiswe kahle njengesethembiso. Wonke umuntu wayamukelwe ngengilazi yamanzi abandayo, noma isiphuzo esibandayo. Wayejabule kakhulu uNqoba ngakho konke.\n\t\t\t\t\t\t\nOkuthande ukumphazamisa kancane nje uNqoba ukuthi ukudla akufikanga ngesikhathi abebevumelene ngaso nomphathi wendawo. Kube khona imizuzwana lapho abantu bebelinde ukudla. Abantu ababonanga ukuthi ukudla kuphuzile ukufika ngoba bebexoxa. Nokho asibanga side kakhulu isikhathi kwase kufika ukudla. Abantu bababaze ubumnandi kanye nezinhlobonhlobo zokudla abebengakhetha kuzo. Badla bashaya esentwala okukhombisa ngempela ukuthi bekumnandi.\n\t\t\t\t\t\t\nUNqoba nabazali bakhe bajabule kakhulu ngendlela umcimbi ohambe ngayo nangezinga eliphakeme abasebenzi basehhotela abasebenze ngalo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ngibeke u-R15 ukuze ngithenge ithoyizi elibiza u-R29. Yimalini okusafanele ngiyibeke?", "a": "Kusafanele ngibeke R14.", "context": "", "grade": "2", "category": "Mathematics" }, { "q": "Zicabange unguDalingcebo futhi ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nUmncintiswano wamakhono okukhuluma\n\nIgama lesikole:", "a": "St Paul's College", "context": "UDalingcebo Masuku ngumfana oneminyaka eyi-16. Ufunda e-St Paul’s College esedolobheni lasePitoli. Isikole siku-101 Mbombela Street, Pretoria, 4301 kanti inombolo yocingo yona ithi, 012 435 1000. UDalingcebo ungumfana othanda ukukhuluma phambi kwabantu. Esikoleni sakhe ungusihlalo weqembu labakhuluma esidlangalaleni kanti uphinde futhi abe yingxenye yeqembu lenkulumo-mpikiswano noma khona engakukhonzile kangako. Uthanda ukulungisa inkulumo azoyethula kunokuphikisana nabanye ngemibono. Useneminyaka eminingi impela enza lezi zinto zombili futhi usewine imincintiswano emithathu edolobheni langakubo esigabeni sabangaphansi kweminyaka eyi-17.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo uhlala nabazali bakhe kanye nodadewabo oyedwa. Omunye udadewabo omdala, u-Ayanda, usebenza eKapa futhi unefulethi elinamakamelo amabili khona edolobheni. Ifulethi lakhe lisenombolo-23 Palace Street. UDalingcebo uhlala naye uma eseKapa. UDalingcebo uneselula, inombolo yakhe ithi-090 676 2983. Iselula yakhe isayolungiswa ngoba iwile ngeviki eledlule. Inombolo yocingo lwasekhaya yona ithi, 012 434 0552. Umama kaDalingcebo unguthisha esikoleni esifunda indodana yakhe.\n\t\t\t\t\t\nUthisha kaDalingcebo, uNkosikazi Thobela, uhlale emqeqesha futhi emsiza ngokulalela izinkulumo zakhe asuke ezilungiselele. Phela naye uNkosikazi Thobela wayekwenza lokhu ebusheni bakhe waze wayomela izwe emncintiswaneni wamazwe ase-Afrika eneminyaka eyi-16. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu uDalingcebo ngoba naye ufisa ukufika kulelo zinga.\n\t\t\t\t\t\nUDalingcebo ubone lesi sikhangiso somncintiswano ozobe useKapa:\n\n\"Umncintiswano wamakhono okukhuluma:\n\t\t\t\t\t\t\nIndawo: Ehholo ledoloba laseKapa\n\t\t\t\t\t\t\nUsuku: 29 kuNovemba 2019\n\t\t\t\t\t\t\nIsikathi: kuyoqalwa ngehora lesi-9 ekuseni\n\t\t\t\t\t\t\nKuyobe kunemikhakha ehlukene yebuciko bokukhuluma.\n\t\t\t\t\t\t\nUkungenela, gcwalisa ifomu bese ulithumela engakashayi umhla zingama-20 kuJulayi 2019.\n\t\t\t\t\t\t\nEminye imininingwane:\nUdinga ukuba ngaphansi kweminyaka engama-21 ubudala\nindawo yokulala iyohlelelwa abaphuma kwamanye amadolobha akude\nimali yokungenela: R100 uma ungeke udinge indawo yokulala, bese kuthi abandinga nendawo kuyomele bafake R150 ngaphezulu.\"", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Nikeza ubuningi bamagama afakwe kubakaki. Bhala igama nempendulo kuphela.", "a": "ukudla – ukudla", "context": "(Ukudla) kwakukuningi emshadweni.", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Lalikuphi nendawo leli khonsathi? Bhala indawo nedolobha.", "a": "E-ICC EDurban", "context": "NguSaturday ekuseni,ngisendleleni eya e-ICC eDurban. Angikholwa ukuthi ngiwine ithikithi lekhonsathi kaJustin Bieber. Ngizobe ngihleli phambili. Mhlawumbe ngizokwazi nokumthinta nje. Ngiyajabula ukuthi isoka lami uZakhele uvakashele ubaba wakhe eLadysmith. Phela ubezoba nomona ebona indlela engimjabulela ngayo uJustin Bieber.\n\nNgempela ngahlala phambili ezihlalweni zokuqala. Kwaqala kwangena uNasty C walandelwa uVusi Nova. Kwaba sengathi bathatha isikhathi eside phela angisakwazi ukulinda. Ekugcineni wangena uJustin Bieber ngeculo lakhe elingichazayo elithi “What do you mean”. Kwase kuthi angizule injabulo, uyena ngempela, wayemi phambi kwami. Lapho mina ngase ngishutha ngishuthile ngibuye ngithathe nevidiyo njengoba ecula nje. Umsindo owawulapho, phela yonke intsha yayifike ngobuningi bayo. Mina nomngani wami uJesta sase sikhala mi izinyembezi zenjabulo. Angiphathi kona uma eke wadansa. Ngase ngibona kahle nje ukuthi kukhona thina sobabili la e-ICC.\n\nWayecula aze agobe. Awu nami ngithole nethuba lokumthinta, kwakungathi ngithintwa ugesi. Ngafunga ukuthi ngeke ngiphinde ngisigeze isandla sami. Ngangilokhu ngisibuka nje ngimoyizele, kube sengathi usasibambile. Ngesikhathi sekhefu ngangingafuni ngisho ukuyothenga isiphuzo esibandayo ngesaba ukuthi kukhona ozothatha indawo yami uma ngike ngasuka.\n\nWabuya eseshintshile esegqoke okunye futhi esemuhle ngenye indlela. Uthe uma engena esiteji wathi uzobiza abalandeli bakhe bazodansa naye. Ngazitshela nje ngaphakathi ukuthi nanto ke ithuba lami. Wabe esememeza kakhulu wathi ‘Anybody by the name of Grace in the house, should come up and dance with me. Angikholwanga ukuthi ubiza igama lami. Nezihlwele zase zimemeza zithi ‘Grace, Grace,Grace’. Ngasukuma, ngagxuma naye welula isandla ukuba angemukele.\n\nNgithe sengisesitebhisini sokugcina ngashibilika (slipped) ngawa. Ngathuka ngaphaphama. Awu madoda kanti ngilele, ngiyaphupha. Maye! Ngizumeke ekilasini ngenkathi uthisha ethi asibhale ngomculi wethu esimthandayo. Uthisha usemi phambi kwami, ikilasi liyahleka liyamemeza, “Grace, Grace, Vuka!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala okungenani(at least) izingoma ezimbili aduma ngazo uWhitney.", "a": "Where do broken hearts go, I will always love you", "context": "UWhitney wazalwa ngomhlaka 9 kuNcwaba 1963 ezalelwa eNew Jersey e-Melika. Wayezalwa ngu John Russel Houston Jr beno Emily Cissy Houston.Ubaba wakhe uJohn wayengumfundisi. UWhitney waqala ukucula esemncane ecula ekhwayeni yasesontweni lakobo i- Baptist .Ikhono lakhe lavela lapho anikwa ithuba lokuthi acule yedwa ehola ikhwaya bese New Hope Baptist Church lapho babecula iculo elithi, “Guide me oh Thy great Jehova”.\n\nUmama wakhe wabe engumculi,wayehamba naye esemncane uma eyocula.Kwakuthi uma eseculile amnike ithuba njengengane yakhe ukujabulisa abantu. Iphimbo lakhe lajabulisa futhi lathandwa izinkampani eziningi zabaqophi (recording companies) bomculo. Lezi zinkampani zazifuna ukumsayinisa khona esemncane, kodwa unina wayengafuni. Wayethi kumele aqale afunde aqede isikole kuqala. Kwathi ngonyaka ka-1983 inkampani eyaziwa ngokuthii –Ariste Records yamsayinisa. Ngaphandle kokucula uWhitney wayengumkhangisi wengqephu. Lelithalente lakhe lokukhangisa nalo lagqama esemncane.\n\nNgaphandle kokucula nokukhangisa ngengqephu waba futhi ngumdlali wamafilimu. Sibala lapha amafilimu anjengo Bodygaurd, Preacher’s Wife, Exhaling kanye namanye..Ziningi izingoma aduma ngazo,singabala lezi ezimbalwa: “Where do broken hearts go”, I will always love you”, “Greatest love of all”, I wanna dance with somebody namanye amaningi. Wacula ngokubambisana nabaculi abaningi. Ipholavuthondaba ngoWhitney laba emva kokungena kwakhe ezidakamizweni. Kwathi ngo 1993 washada noBobby Brown. Umshado wakhe noBobby waphela ngo 2007 naye owayethinteka kakhulu kulomkhuba wezidakamizwa. Baningi abantu abaphoxeka ngokuziphatha kuka Whitney futhi kwehlisa isithunzi sakhe nendlela acula ngayo.\n\nWabuye wasimama kwezomculo kodwa akubange kusaba lula ngoba phela wabe esengene shi kulomkhuba wezidakamizwa.Ngonyaka ka 2012 ziyi-9 kuFebruwari watholakala eshonile egunjini lakhe lasehhotela, kwathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi igazi lakhe laligcwele izidakamizwa ngokweqile.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Yenza lesi sibalo: 33 + 25 usebenzise noma iyiphi ‘indlela yokuhlakaza’.", "a": "Uphendule umbuzo ngokufanele uma impendulo kunga-58.\n\t\t\t\t\t\n33 + 25\n = 30 + 3 + 20 + 5\n = 30 + 20 + 3 + 5 = 50 + 8\n = 58", "context": "", "grade": "2", "category": "Mathematics" }, { "q": "Yenza lesi sibalo: 41 + 23 usebenzise noma iyiphi ‘indlela yokuhlakaza’.", "a": "41 + 23\n= 40 + 1 + 20 + 3\n= 40 + 20 + 1 + 3\n= 60 + 4\n= 64", "context": "", "grade": "2", "category": "Mathematics" }, { "q": "Umbhali ukubona kubaluleke ngani ukuqala umcimbi ngesikhathi?", "a": "Kwenza umcimbi uhlonipheke", "context": "Iwashi elifakwa esandleni noma eliphanyekwa odongeni lingufakazi omkhulu wokuthi ihora nehora lisho uguquko olwenzekayo empilweni yomuntu ngamunye emhlabeni jikelele. Kufanele nakanjani ukuba isikhathi sisetshenziswe ngendlela efanele. Ungahlala ungenzi lutho kodwa sona isikhathi siyahamba. Asimile futhi asisoze samlinda umuntu.\n\nKwangisiza nami ukuba nomzali owayekwazisa ukusetshenziswa kwesikhathi. Wayevame ukusho umama ukuthi, isikhathi esilahlekile asibuyeli emuva. Sifana nomfula olokhu ugeleze njalo uya phambili futhi ongomiswa ngisho nayisomiso. Kunabantu abasazisayo isikhathi nokuthi kuningi okumele bakwenze nakuba isikhathi sisincane. Ngiyacabanga ukuthi sasuka lapho isisho sesiZulu esithi, ‘isikhathi sesidliwe yinja’. Saqanjelwa ukuxwayisa futhi siphaphamise abantu laba abenza zonke izinto ngonyawo lonwabu. Laba bantu banazo-ke izimpendulo ngoba uyaye ubezwe bethi, ‘Khululeka, ngizogcina ngifikile nami lapho kwazise phela nenja iyawaqeda amanzi ngolimi.’\n\nEsikoleni, ngangingawenzi umsebenzi wami ngisanesikhathi esanele. Lokhu kwakugcina kungenza ngigcine ngiphuthelwe umdlalo webhola noma uhlelo engiluthandayo lukamabonakude sengizama ukuqeda lowo msebenzi wesikole. Siningi isikhathi esichithwa abanye abafundi ngokudlala nokuxoxa nabangane ngesikhathi uthisha efundisa. Sengathi abafundi bangalalela lapho kufundiswa.\n\nNgasifunda isifundo ngisakhula. Manje sengiyasihlela isikhathi sazo zonke izinto engizenzayo. Lokhu ngikuthola kungisiza ukuthi ngenze izinto ngokuhleleka. Impumelelo empilweni yami njengosomabhizinisi ilele ekutheni ngiyakwazi ukwenzisisa lokho okusuke kufanele ngikwenze ngaleso sikhathi. Ngiba nesikhathi esanele sokubuyela emuva ngilungise amaphutha ngaphandle kwengcindezi. Abantu abasiqikelelayo isikhathi ziba mbalwa kabi izinto ezibaphuthelayo ngaphandle uma bebona ukuthi lezo zinto zizobachithela isikhathi bese bengazibandakanyi nazo. Bahlela ngisho isikhathi sokungcebeleka ukuze singashayisani naleso sokwenza umsebenzi.\n\nAyikho into engihlukumeza njengokufika emcimbini ngilinde isikhathi eside ngoba abawuhlelayo behluleka ukuwuqala ngesikhathi abebesishilo. Sekujwayelekile ukubona abantu bezifikela umcimbi usuphakathi ngenxa yokwazi ukuthi akuqalwa ngesikhathi. Ngaba nenhlanhla ukuthola unkosikazi osazisayo isikhathi njengami. Umshado wethu waqala ngesikhathi, okuyinto engajwayelekile. Ukungagcini isikhathi kukhathaza kakhulu esontweni uma kungumshado lapho umakoti engasaqhamuki. Ngike ngaba semishadweni lapho umkhwenyana walinda waze wacabanga ukuthi umakoti wakhe usemphucwe ngabanye.\n\nUma ngifake isicelo somsebenzi bese ngibizelwa inhlolokhono, ngiyaqinisekisa ukusigcina isikhathi. Abanye abantu abasuke bezele le nhlolokhono ukuze baqashwe bafika emuva kwesikhathi esibekiwe. Lokhu kwehlisa isithunzi salowo ofikele inhlolokhono futhi kumenza abukeke njengomuntu ongawugqizi qakala lowo msebenzi. Kuwuphawu lokungabi nanhlonipho ngisho kulowo noma kulabo abasuke bezompheka ngemibuzo. Kwenza babone ukuthi noma angawuthola lo msebenzi uyoba wuhlupho ehlulwa ukubamba isikhathi sokufika emsebenzini kanye naleso sokwenza umsebenzi awuqede ngakho angagcina engawutholanga lowo msebenzi.\n\nIsikhathi esingaqapheleki kangako ukuhamba kwaso yilesi esichitheka uma umuntu elele. Umuntu akalali izinsuku ngezinsuku engavuki ngoba sikhona lesi esibizwa ngokuthi esokuvuka. Kusuke sekufanele aqhubeke nezidingo zosuku. Kufanele abazali bazifundise izingane zabo ngokugcina nokuhlela isikhathi ukuze impilo yazo iqonde. Uye uzwe abantu bethi ukuba kubuyelwa emuva, ziningi izinto abangazenza ngendlela ehlukile ngoba bachitha isikhathi. Kuyiqiniso impela ukuthi akubuyelwa emuva kungemgqigqo.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguZinhle futhi ugcwalisa leli fomu:\n\nImeyli:", "a": "Mbat.Zin@zamail.co.zi", "context": "UZinhle uhlala nomama wakhe, uNonkululeko Mbatha, ekhaya labo eliku-110 St Patricks Drive, eMount View. Inombolo yakhe yocingo ithi, 0331 757 0894 kodwa okwamanje ucingo lukamama wakhe lufile ngakho utholakala ocingweni lwasendlini naku imeyli yakhe. UZinhle naye unalo ikheli le-imeyli elithi, Mbat.Zin@zamail.co.zi. Ucingo lwasekhaya luthi, 0731 995 3657.\n\nUZinhle Mbatha uyintombazane eyenza ibanga-12 eSt Martha Collegiate. Inombolo yocingo lwesikole ithi, 0731 889 7357. Ikheli lesikole lithi, 23 King Edward Avenue, eMount View. Ngonyaka ozayo ufisa ukuya esikoleni semfashini. Uthisha wakhe, uNkosikazi Sinenhlanhla Ndlovu, naye uyalibona ikhono analo futhi uhlale emkhuthaza ukuthi aqhubeke nokuthunga izingubo. Njalo uma kukhona akudwebile uqale akuthumelele uNkosikazi Ndlovu ku-imeyli yakhe ethi, Ndlo.Sin@StMartha.co.zi.\n\nUZinhle akanazo izihlobo eGoli kodwa, uzoba neminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngonyaka ozayo. Lokhu kusho ukuthi uyobe esengakwazi ukuzihlalela yedwa.\n\nUZinhle uzimisele ngokuthunga izingubo zokugqoka nangemfashini. Uyathanda ukuhambela imicimbi kanye nemincintiswano yalolu hlobo. Ngenyanga kaJulayi ubesemcimbini odume kakhulu eNingizimu Afrika owaziwa ngeMgungundlovu July. Lapha kusuke kugcwele osaziwayo begqoke izimpahla ezithungwe ngabathungi abakhulu abavela emazweni ahlukene. Lokhu kuyamkhuthaza kakhulu futhi kumnika nethuba lokubona ukuthi yiziphi izitayela ezithandwayo. Yena ujwayele ukudweba futhi azithungele izingubo zemicimbi yasebusuku. Uthanda zona kodwa nezokungcebeleka uyazithunga nazo.\n\nNgesonto eledlule, uZinhle ubone lokhu ephephandabeni:\n\n“Umncintiswano wabathungi abasafufusa \n\nUngaphuthelwa yithuba lokuziwinela umfundaze wokuyofunda esikoleni esiphezulu semfashini.\n\nKumenywa bonke abasaqala ukuthunga ukuba bangenele lo mncintiswano. Abathathu abazophuma phezulu bazothola ithuba lokuyokwenza izifundo zamahhala zokuthunga nemfashini ngonyaka wezi-2019 e-Fashion World Institute eseGoli.\n\nUsuku: ngoMgqibelo mhla zingama-23 KuNovemba 2018\nIsikhathi: 09h00 ekuseni\nIndawo: eMount View Community hall\nOkulindelekile: ukufika nezimpahla ezintathu ozithungile\nImikhakha: ezokubhukuda, ezasebusuku kanye nezokungcebeleka\n\nVakashela ku www.FWI.co.zi ukuthola ifomu lokungenela.”", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Umama uhlukanisele izingane ezi-5 amaswidi anga-20. Izothola amaswidi amangaki ingane ngayinye?", "a": "Ingane ngayinye izothola amaswidi a-4.", "context": "", "grade": "3", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Zicabange unguKhanyisile ugcwalisa leli fomu elilandelayo.\n\nIsipiliyoni\n\nUlwazi lomsebenzi:", "a": "Ujwayele ukusiza izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo", "context": "UKhanyisile Mdletshe ungumuntu ozithandayo izilwane ezifuywayo emakhaya ezifana nezinja, amakati nezinye. Usafunda isikole okwamanje kodwa uma eqeda ufisa ukuyofunda eNyuvesi yasePitoli lapho ezokwenza izifundo zokuba ngudokotela wezilwane. Uneminyaka eyi-16 ubudala futhi useselelwe ngunyaka owodwa ukuba aqede e-New Hanover High School lapho engumfundi khona. Inombolo yesikole ithi, -063 9 245 536. Ikheli lona lithi, 132 Chelmsford Road, Bulawayo.\n\t\t\t\t\t\t\nUKhanyisile uhlala nomama wakhe uSebenzile Mdletshe. Ubaba wakhe usebenza e-Zambia kanti uvame ukubuya emva kwezinyanga ezimbili. USebenzile uyintatheli yephephandaba. Inombolo yakhe yocingo ithi -004 020 1723 kanti uyatholakala nakuyo i-imeyili ethi: sebenzilem@ezesizwe.org uthinteka kalula ngocingo ngoba uhlale esemgwaqeni. Ikhaya likaKhanyisile likunombolo-23 Esigodini Road, Bulawayo. Inombolo yocingo ithi, -063 9 263 323.\n\t\t\t\t\t\t\nNjalo ngempelasonto uthanda ukuvakashela izindawo lapho kugcinwa izilwane ezidinga usizo. Uyathanda ukusiza lapho ngaphandle kokukhokhelwa. UKhanyisile ubone isikhangiso lapho kufuneka abantu abazosebenza ngezimpelasonto noma ebusuku esibhedlela esisha sezilwane. Lokhu kungaba yithuba elihle kakhulu kuye ngoba lokhu kuhambisana nezifundo afisa ukuzenza kanti futhi kuyinto athandayo ukuyenza.", "grade": "GCSE", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Esikhundleni segama elibhalwe ngokugqamile bhala igama lesiZulu.", "a": "Unhlolanja inyanga eshisa kakhulu.", "context": "UFebhuwari inyanga eshisa kakhulu.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Nikeza ubuningi bamagama abhalwe ngokugqamile. Isibonelo: Umfana - abafana", "a": "imindeni", "context": "Kuba into enhle uma *umndeni* uhleli ndawonye umuntu uthola isikhathi sokuhleka adle ukudla okumnandi. Umalume uyathanda ukukhumula izicathulo uma sihleli sidla kanti ujwayele ukufika ephethe ikati lakhe elifake esikhwameni.", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Luhlobo luni lwenkondlo lolu?", "a": "Isonethi", "context": "THEMBA LAMI\n\nUlethe ukukhanya empilweni,\nLapho ngidukuza ebumnyameni\nWangiqoqa ngabuya ekudukeni,\nLaqala lahluma ithemba,\nNgazibona ngifanelwe ukuphila\n\nAmazwi akho ankenteza ezindlebeni,\nNgalala ngiphenduka ngizibuza,\nNgabe ngempela uqinisile,\nNoma izethembiso eziwangala\nNgema isibindi ngakugaxa ucu.\n\nSesiphakathi emkhunjini wothando.\nNgithemba uyazi sibhekephi\nNgibheke wena ngicela ungangiphox.i\nUngangishayi, ungangibhangqi, ungazise.\nImibuzo", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Phendula ngokuthi iqiniso noma amanga: UGrace waphuthuma wayothenga isiphuzo ngesikhathi sekhefu.", "a": "Amanga", "context": "NguSaturday ekuseni,ngisendleleni eya e-ICC eDurban. Angikholwa ukuthi ngiwine ithikithi lekhonsathi kaJustin Bieber. Ngizobe ngihleli phambili. Mhlawumbe ngizokwazi nokumthinta nje. Ngiyajabula ukuthi isoka lami uZakhele uvakashele ubaba wakhe eLadysmith. Phela ubezoba nomona ebona indlela engimjabulela ngayo uJustin Bieber.\n\nNgempela ngahlala phambili ezihlalweni zokuqala. Kwaqala kwangena uNasty C walandelwa uVusi Nova. Kwaba sengathi bathatha isikhathi eside phela angisakwazi ukulinda. Ekugcineni wangena uJustin Bieber ngeculo lakhe elingichazayo elithi “What do you mean”. Kwase kuthi angizule injabulo, uyena ngempela, wayemi phambi kwami. Lapho mina ngase ngishutha ngishuthile ngibuye ngithathe nevidiyo njengoba ecula nje. Umsindo owawulapho, phela yonke intsha yayifike ngobuningi bayo. Mina nomngani wami uJesta sase sikhala mi izinyembezi zenjabulo. Angiphathi kona uma eke wadansa. Ngase ngibona kahle nje ukuthi kukhona thina sobabili la e-ICC.\n\nWayecula aze agobe. Awu nami ngithole nethuba lokumthinta, kwakungathi ngithintwa ugesi. Ngafunga ukuthi ngeke ngiphinde ngisigeze isandla sami. Ngangilokhu ngisibuka nje ngimoyizele, kube sengathi usasibambile. Ngesikhathi sekhefu ngangingafuni ngisho ukuyothenga isiphuzo esibandayo ngesaba ukuthi kukhona ozothatha indawo yami uma ngike ngasuka.\n\nWabuya eseshintshile esegqoke okunye futhi esemuhle ngenye indlela. Uthe uma engena esiteji wathi uzobiza abalandeli bakhe bazodansa naye. Ngazitshela nje ngaphakathi ukuthi nanto ke ithuba lami. Wabe esememeza kakhulu wathi ‘Anybody by the name of Grace in the house, should come up and dance with me. Angikholwanga ukuthi ubiza igama lami. Nezihlwele zase zimemeza zithi ‘Grace, Grace,Grace’. Ngasukuma, ngagxuma naye welula isandla ukuba angemukele.\n\nNgithe sengisesitebhisini sokugcina ngashibilika (slipped) ngawa. Ngathuka ngaphaphama. Awu madoda kanti ngilele, ngiyaphupha. Maye! Ngizumeke ekilasini ngenkathi uthisha ethi asibhale ngomculi wethu esimthandayo. Uthisha usemi phambi kwami, ikilasi liyahleka liyamemeza, “Grace, Grace, Vuka!", "grade": "9", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Ubani lo uBheki ayezomlobola?", "a": "UTholakele", "context": "UMSHADO\n\n“Kazi le mali yami iyobuyiswa ubani,nini?”\nAzibuze lombuzo uBheki angayitholi\nimpendulo.Akahlalanga kakhuli esikoleni\nwaphuthuma ukuyokhipha imali. Wabuya\nwazolinda uPamella.”Uma lemali ingabuyi\nisiyongena elobolweni,”\n\nEmva kwesikhashana nje atheleke uPamella. Ufika\nngemoto ebomvu.Athi ukwethuka uBheki.\nAkhumbule ukuthi uLindiwe naye wathathwa imoto\nebomvu.Abone uSifiso ephakamisa isandla\nebingelela uPamella.Imxake futhi leyo\nuBheki.Ubengazi ukuthi uPamella noSifiso\nbayazana.", "grade": "11", "category": "Reading comprehension" }, { "q": "Bhala uphawu lwenombolo: ikhulu namashumi amahlanu nesikhombisa.", "a": "157", "context": "", "grade": "2", "category": "Mathematics" }, { "q": "Inezigaba ezingaki lenkondlo?", "a": "Ezintathu", "context": "KUNZIMA\n\nAsisakwazi ukukhuleka.\nSizikhiyela ezindlini.\nSizikhiyela ezimotweni.\nKwaze kwanzima!\nAsisakwazi ukuhamba ngokukhululeka.\nImini nobusuku sekuyefana.\nSihlushwa ebusuku,\nSihlushwa emine.\nKwaze kwanzima!\n\nKukhona lapho konakele khona.\nKukhona lapho kuphambene khona,\nInhlonipho kayisekho.\nInhlonipho iphelile.\nObaba baphelile, omama baphelile.\nIzinsizwa ziphelile, izintombi ziphelile.\nAbasele basele nemihuzuko.\nKwaze kwanzima!", "grade": "8", "category": "Reading comprehension" } ]